Umlando ngeSilo uMdlokombane (iSilo uZwelithini ka Bhekuzulu)

ISilo uMdlokombane.

Kuloba uZoza Shonge:

Umlando ngeSilo uMdlokombane

ISilo uBhejane phum’esiqiwini sazalwa ngomhlaka-27 kuNtulikazi ka-1948. 

Sizalwa yiSilo uBhekuzulu kaPhumzuzulu neNdlovukazi uThomo Jezangani kaThayiza 


Ndwandwe. Kuthiwa ngenkathi iNdlovukazi isasimumethe iSilo yayijuluka noma 

liguqubele, iqhuqhe noma likhipha umkhovu etsheni. Kuthiwa lezo nsuku kwafika 

uMame othize owayevela eBandleni elithize eGoli, wafika eNdlunkulu wathi lo 

Mntwana ozobelethwa uKaThayiza nguyena oyoba yinkosi.

Ngosuku azalwa ngalo uMntwana uZwelithini esebhedlela samaKhatholika 

iBenedictine kwaNongoma, wasuswa ezandleni zeNdlovukazi uKaThayiza wabekwa 

ezandleni zeNdlunkulu uMpahleni kaMtshali (owayaziwa ngokuthi uHlabangane) 

owayengomunye woNdlunkulu ababegane iSilo uSolomon. UMntwana uZwelithini akazange anikwe ithuba 

lokuluthi mbibi ubisi lukaNina.

Ngokusho koSomlando kuthiwa leli yisiko lakhona eNdlunkulu ukuthi inkosana 

kayinceliswa ibele likaNina.Emva kokukhothama kweSilo uBhekuzulu kaPhumzuzulu 

isihlalo sabanjwa uMntwana uMcwayizeni wakwaNxangiphilile kusukela ngo-1968 

kuya ku-1971. Ngaleso sikhathi iZinyane leSilo lalisafunda esikoleni saMakhosi 

kwaBhekuzulu. Kwabanamahlebezi okuthi impilo yeZinyane leSilo isengcupheni. 

Kwase kusuka udadewabo weZinyane leSilo, uMntwana uNonhlahla owayegane 

emaNdebeleni walithatha iZinyane leSilo wayolithukusa khona kwaNdebele phesheya 

kweGwa noBhalule. Kuthiwa ize uMntwana uZwelithini wagcina ehlezi esihlalweni soBukhosi bukaZulu kodwa akuzange kube lula,kwaba khona iZinxushunxushu. Nezibongo zakhe nazo ziyakuveza lokho uma zithi “Ndaba lalela lo muntu omemezayo . umemeza sengathi uyalila, ukhala isililo . Uthi igula likaJama lichithekile , lichithwe yiNgqwelendala yakithi kwaMalandela. (iNgqwelendala kushiwo uMntwana wakwaNxangiphilile), zibuye ziqhubeke zithi ‘Ube nesibindi Buthelezi ngokukhuthazela uMtaka Ndaba , bemthuka bemcokofula , bethi uZwelithini akayikubusa akayikuba nkosi , kanti bamgcoba ngamafutha eMpepho yakithi kwaMalandela.

Mhla zintathu kuZibandlela ka-1971 iZinyane leSilo labeseliyagcotshwa ukuba 

libeyiNgonyama yamaZulu. INgonyama uZwelithini yakha isigodlo yathi kuseNaleni, yabutha nebutho yathi 

iNala ngoba kwana imvula ngenkathi igcotshwa.

ISilo sahlala esihlalweni ngenkathi enzima eNdlunkulu. Kungenazinkomo ezenele 

zokondla oNdlunkulu singasayiphathi eyozalo lonke lwakoMkhulu. Emva 

kokugcotshwa kwaso futhi iSilo sasibhekene nezinguquko ezinkulu embusweni 

kaZulu. UHulumeni wobandlululo wethula uHulumeni kamaziphathe wakwaZulu. 

INgonyama yangabe isabanamandla okuzibekela uNdunankulu. Lokhu kwabakhathaza 

kakhulu abaNtwana neNdlunkulu.

Yayingasavunyelwe ukusuka oSuthu ihambele amakhosi ingazisanga uHulumeni. 

Ngo-1979 lo Hulumeni wabizela iSilo ePhalamende lasoNdini wasibeka amacala 

ayishumi okuphula umthetho. Lo kwaba unyaka omubi kakhulu empilweni yaso 

sihleli esihlalweni. SasisePhalamende kusukela ngo-10 ekuseni kwaze kwaba-11 

ebusuku. Amalunga ephalamende esina ededelana ngokusipheka ngemibuzo uma 

abaNtwana bezama ukusivikela, babetshelwa ukuthi abavunyelwe ukukhuluma ngoba 

abawona amalunga ephalamende.

ISilo saziphendulela sathi: “Bengicabanga ukuthi izikweledu zinjengezintwala 

ekhanda lendoda kodwa kubukeka sengathi akunjalo ngoba ezami zichaywe phambi 

komhlaba wonke ukuze ubukele. Indlu engisolwa ngayo ukuthi ngiyayikweleda, 

ayakhiwanga ngesicelo sami kodwa yakhiwa iNkontilaki eyaqhashwa USuthu Tribal 

Authority olwathembisa ukuthi luzoyikhokhela. Manje uma iTribal Authority 

ingasakwazi ukukhokha, isikweledu sesishenxiselwa kimi.”

Saqhubeka sathi: “Njengoba ningisabise ngokungithathela iholo nikhokhele ngalo 

indlu, ningakwenza lokho, ningishiye neze. Ngizosebenza ngidle uphuthu nembuya 

nabantwabami. Ngithanda ukuphetha ngamazwi eNkosi yethu uJesu Kristu uma ethi; 

‘Ongenasono makaphose itshe lokuqala.’ Ngakho-ke nami ngithi kulo leli 

Phalamende, loyo ongenazikweledu, makabe ngowokuqala ukuphosa itshe phezu 

kwami.”

Emva kwala mazwi iSilo sahlala phansi. Kusukela ngalelo langa sasebenza 

njengesigqila. Wawungasithola ogandagandeni silima amasimu ekuseni nantambama. 

Usithole endalini sithenga izinkomo. UMdali wayizwa imithandazo yaso futhi 

wayiphendula. Yonke into esasiyithinta yayichuma. Ezinye izinkomazi zaso zazala 

amaphahla.

***IYaqhubeka ***********************************

 

IZIBONGO ZESILO UZWELITHINI KA BHEKUZULU

‘INyosi : UNtulizenkosi Dlamini no-Buzetsheni kaSombila Mdletshe ”

INdlondl’enophaphe’ekhanda

Ndaba kawulalele lomunt’omemezayo

Umemeza sengathi uyakhala

Ukhal’isililo

Uth’igula likaJama lichithekile
Lichithwa yiNgwel’endala
Ngeyakithi kwaMalandela
Ubesibindi Buthelezi
Ngokukhuthazel’umtakaNdaba
Bemthuka bemcokofula
Bethi uZwelithini kayikubusa
Kayikuba Nkosi
Kanti bamgcoba ngamafuth’empepho
Yakithi kwaMalandela
USodidase!
INkonyan’encane kaNdaba
Edid’imibala
Umphikelele wensizwa
Ngo,ephekele’amadod’akwaZulu
Esephelelwe ngamandla
UMaphokophela longay’insizwa
Eyisinikinikana
Engabubende bezingwe
Nobezingonyama

Ogijime ngandlelande
Ngal’uvivi
Eya kwadadewab’Nonhlanhla
Nani MaNdebele
Seniyoguga nidelile
Enike nabon’iZinyane
NgeleSilo sikaNdaba

Ohlamb’izandla
Ngamakhand’amadoda
Wathi yiwon’ayomhlabanela
Kuye kwagcwala
Izifunda zemifula
Esinye ngesoMkhuze
Esinye ngesoThukela

Nani magundwane
Ahlal’ezikhotheni kwaNongoma
Gijimani ngezindlela zonkana
Niyobikel’abangakezwa
Nithi lukhulu luyeza luyanyelela
Silufanisa neNdlov’emnyama yasOndini
Izoshis’izikhotha
NgezakwaNongoma

INkonyan’encane kaNdaba
Ekhwele phezu kwendl’Egazini
Bath’oyise noyisemkhulu
Hhawu!!
Ngasiha Ndaba
Usuyahlola!
Kanti yibon’abahlolayo

INtul’ebande ngodonga kwaBhekuzulu
IMvukuzane kaNdaba
Evukuz’ubusuku
Iye yabonwa ngumame
NgowaseMaNdebeleni

UBhejan’odl’abakayise
Phum’esiqiwini mtakaNdaba
Kade bekuvalele
Ungalonde kaGabela
Kayingangezawoyise
Izigqunswana
Ngisho bethi bayakwelula
Kuphelela ezinqulwini

Eyakho inde!
Iye yashaya
KuVoster ePitoli
Kwazamazama uM C Botha
INdlov’enebatha
Kwabamhloph’abelungu

Umgud’ubomvu
Ubheke kwaNongoma,
INdlunkulu yehla yenyukanyuka,
Ngebhasi likaMatimati Zazini.
Eladuka laduka

Beyogingq’izithupha.
Bethi Ndaba
Ngek’ubuse kawukaqini,
UQasa likaWasa*
Inkom’esengwa yiViyo,

UZiyayinhlonhlonga!*
Inkom’ethandwa zibawu
Suk’eduze komuntu wami
Ndaba ngiyagulelwa,
Ufulathel’uBombo lwabhidlika,

Ukhulumis’uLuthwethwe
Lapha kumaBhunu,
Kuye kwazonda uBhondi
BenoKhwashakhwasha,

Ziyeke lezo nkomo
Ukuzikhiph’amakhalane
Kaziseluswe nguwe
Sezeluswe yiNdlondlo
Yakithi kwaKhethomthandayo,

UMthunduluka ovuthwe ngeNala
NgowokaThayiza Mdlokombana!
Vuk’ume ngentaba
Udl’amadoda

Umlandeli webhodw’eliconsayo
USocije uMagwaza loshayizaququ
Impi yeqhathwe nguMathangetshitshi
Ezalwa nguMaswabhula
Lapha kwaMgiliji eMahhashini

Uyeqhathe ngesinqe
Ngob’esab’ukungena
Ethwel’idlokolo eNdlunkulu
Usihlangu simagqabha
Sinamanxeba
Sagudl’iVuna
Ngiyesab’ukukubiza ngegama
UnguNtabankul’uLangakazi

INkosi yakith’eNaleni
Eshawodwe nguChampion
UMhlathi kwezephephandaba
UMthente kaJama
Ohlab’usamila

Usekelwe yiNdlunkulu
NgeyakwaDlushiye
UMwelela kweliphesheya
UMzac’ozikhombamaNguni
Usejamile mame wapheshey’uBhejane
Woz’usize
Usicoshele leyo Nkuna kaNdaba

Indidandidane
Edid’izinsuku
Namhla okaNdaba
Eyakubuya phesheya
UZulu neNdlunkulu
Bebheke ngakusasa
Kant’iNkosi
Ifike ngayizolo

Indaba yenziwe nguTorlage

Kwabamhloph’abelungu

Ovul’imigoqo

Ivalwe ngamadod’amabili

Kuval’u-Otty uZulomhlophe

Beno-JJ Boshoff uMehlomane

Kwaze kwasa

AMakhosazana esebikelana

Iwuhlabe yawulawula

INkosazana uGretta

Egane kwaShamase

Yalala ingalele

EkaBhusha emaNdebeleni

INyathi kaJama 

Empondo zimakopela

Ibhansele ngoManyasa

Obezalwa nguMadwala

Lapha kwaDukuza

KwesikaShaka

UNdab’omuhle kakhulu

Onyembezi zophela ngaphakathi 

Mhla eyokhalela

Isizwe sakhe

EThekwini emaDilamini

Kwaze kwagxumagxuma

Umam’omhlophuMaNdlovu

Udadewabo ka-JJ Boshoff

Kwabamhloph’abelungu

 

Izul’elibhul’umlilo ngamazwi

Abanye bewubhula ngamahlahla

Ubaswe yinxokonxoko ngeyakwaMagenqe

Yini lena

Eyenzek’eThekwini?

 

Wabakhuzel’izimpukane zakho Ndaba

Izingqapheli zakukhiph’ephepheni

Ushishiliza kwelimahholo

Limhlabe limbhedule

UNzuza benoNhleko

EZikanekisweni

UGwajumbe noMazibuko

EZinyangeni zasoSuthu 

Seziyobabhule mhlahlo

Ndaba zibanuke

 

Ibhubes’elimthende likaNdaba

Elidlule lishishiliza

Phakathi kwezintaba ezimbili

KweliMasilo neliMasilwanyana

KwelaseFlayistata

Kuye kwagxumagxuma

UKlenyeklenye

Ezalwa kwaCebekhulu

‘Ngalakithi lelo Bhubesi eMahhashini’

 

Belidilay’izintaba

KungezePitoli

Liphekezelwa nguMister Sondag

Igug’elihle likaKekana

Kade ehamb’ezibuka ngalo

Ebhek’eMamelodi

Udaxe wadaxa Mtaka Ndaba

Simumumu uvuka ntambama

Udaxabula uKuka wakh’ekuphekela

UMhlahlandlela ngowaMakhosi

NgowawoCetshwayo

NgowawoMpande

Onyawo zinhle MtakaNdaba

Ezingakhethi mabala

Ezigxobe lapho kungakaze

Kunyathele khona

EzawoYise noYisemkhulu

Ibhek’amaged’avuleka

NangakwaMahamba

Nowayengenapasi napasipothi

Simethuke eseseSwazini

Yakhethelwa zingane

NgezakwaLobamba

Zathi thatha Ndaba

Nanku umqamelo wakhe

Uyoziqamelela ngaw’eNaleni

 

UNompunyumpunywana*

INkunz’abayibambe

Ngandlebende yaphunyula

OYise beyivalela ngehlahla

Bethi Ndab’ungaluwel’uPhongolo

Uyodayisa ngezwe likaSenzangakhona

KwelakwaNgwane

 

 

INkunz’ekhwele phezu kwezintaba

ZaseMabane

Amabombo yawajikijel’eZitheni

UShabalala waxhaphazela isisu wazihhudela

Wabhal’ubunwayinwayi

Uyajabula mfundi weLanga

Wen’owaz’amang’asephepheni

 

UNdab’omuhle kakhulu*

Ohlasela ngothando

Lokwandisa abakaMthaniya

Abanye behlasela ngamaAK 47

Ngikuthanda uhlasela

Ngothando kwabakwaNgwane

Zanqundeka izikhali zaseNgwavuma

INkos’ethombel’ehlathini

Amany’aMakhosi

Ethombel’ezindlini

Ikhiph’izinkomo

Zehla ngohhologo

Zibheke kwaMshanelo

Kwagijim’uQholobana

Ezalw’emaNkwanyaneni

Wayobikel’uMzweni

UMzweni wazihudela

Kwamanz’ibheshu

Esehl’enyuka

Mfula kaNdab’ungenise kabi

Ngob’ungenise wenyuka

Eminy’imifula

Ingenis’ibhek’ezansi

Usibambana Nkunzi

Beyesaba eMbumbulu

Wambamb’uHlengwa qede

Kwephuk’uMkhonto kaShaka

Mgoq’ovalel’izinkomo zaseSusweni*

Athul’amaThembu

Angaz’asho lutho

Ukhulumis’uMkhwintshi

Esilevu simhlophe

Kwezinde zikaNyangantathu

Wamjika phansi koludumayo

Wavuka sesibomvana

UMhlob’omuhl’eNdlunkulu

UDokotela uBerker

Kwabamhloph’abelungu

UNogwaj’ozokhundlakhundla*

Esinye ngesokulala

Esinye ngesokwethamela

Indaba yenziwe nguMadondo

Othath’izinkomo zakaManqele

Wazidida nezeNkosi

Kube kazi madod’aseDumbe

Nithule nithini

Uvava lweNkunzi*

Yakithi kwaKhethomthandayo

Kayigweb’ichoma ngazo zombili

Shintsha!

UShintsh’ibhulakifesi

Walenz’idina

Dubula begagasa

Bethi liyahlohl’iTheku

Usikhiphi sabadala

Kuyakusala kungen’abasha

Inkungu eyembath’izintaba zakwaDayeni

Kwadidek’amadod’amadala

Nanamuhla lokhu asadidekile

Indaba yenziwe nguMalinga

Ezalwa kwaZondo

Uland’iNkunzi yakithi

KwaKhethomthandayo

Yafike yawafuz’amaxhiba

Kwavela nokwakufihliwe

Wadeda uMagayisa

INkosana abayibeka beyiphika

KwabakwaMvundlane

Ulotsholelwe ngehem’eMdletsheni

Kwalilizel’umam’uMaMthethwa

Wathi,’Li li li li! Yaze yangen’INkos’ekhaya’

UNdaba bambas’eyinyama

Lapha kwaKhiphunyawo

Wajika wayiqaqa

Wanukel’uMkhunjini

Ezalw’emaNdlovini

Umbambi weMpak’endala kwaDleka

Ingabe ihamba phansi nje

Ingumswenya yini

Impaka enkulu ngeyakwaBongumenzi

Eyeza ngehlombe eNdlunkulu

Yafike yaqathaka kithi eMkhontweni   

Zenabe kab’izintanga zakho Ndaba

Zenabele kwaYizenze

KwaNdwandwe kwaKhabengathandi

INkos’ebhala ngemvubu

Amany’aMakhos’ebhala ngepensela

Lagida!

Ligide liphindelela

Wambamb’uSigoma

Khona kwaNdwandwe

Ekhakonyoko koHlokolo

Wamshaya phansi koludumayo

Akwabi ndaba zalutho

Walobola wazilanda

Khona kwaSitholana

Washishiliza ngoNdwandwe

UHomu kwabaseNgwanenja

Wayikhipha eyomnyatheliso

Ugadle ngenduku yombangandlala

Ngob’ugadle ngoMntwana uSibuko

BenoNzuza

Sangom’esibhula

Umhlahlo ngomthndazo

Sezehlulekil’ezemiyeko

Iphakule naleyo ungayesabi

Inkulu ngeyakwenu nguLangakazi

IZul’elidume phakathi

Kwezintab’ezimbili

Phakathi kweSigwegwe noLangakazi

Umbani lawuhlaba ezintabeni zakoMbuzi

Lamudl’uMafehla

Ezalwa kwaKhambule

Umsizi waphumela kuVovo

Ezalw’emaNseleni

Baphuma baphatheka

Sekuyakujabul’umfazi wakoNoziyingili

Oyakubona lelo thambo likaMndindili

UMhamb’esakh’amanxiwa

INkunz’ejam’okhalwen’olude

KuMavumengwana

Zanyamalal’ezikaSitshulu

Ezalwa kwaButhelezi

Yajama phezu kweNkuzana

Zanyamalala ezikaKali benoGelegele

Athule nje amadod’akwaSithole

Kawaz’asho lutho

Imbenembena inkulu inkabi

NgekaBhush’obukhali

Iyeke C J Mthethwa !

Isikhulile!

Kayisavum’ukuy’ejokeni

Iyakunqamula amazinyo

Bayigqogqe ngezikeyi yaze yavuma

Inyon’abayibize ngephuphu

Ekusen’Ondini

Ntambama yandiza qede

Yanqamul’amajoka

Zasal’iZikhulu zikaHulumeni wakwaZulu

Sezibhekis’amakhanda phansi

Bath’uthekwan’uphezu kwendl’Ondini

Uhlolizul’ukuduma

Kalisadumi eNkalakuthaba

Liyamjabhis’uSotshwebhu

UShifu Wiphu

Ezalwa kwaChonco

Ngananti ihansi elidala

Lakithi eMfangibhekile

Lihehez’izindaba liyabaxabanisa

Ikhowe ebelizakuqhibukela u-P.W.Botha

Kaliqhibulanga uHansmeyer

Kith’Ondini

Ukhulumis’uBadenhosrt MtakaNdaba

EziMantshini kwaNongoma

Kwaye kwancibilik’umkhaba

INkosana kaBhush’obukhali

Abayibeka beyibangisa kwezikaDlothovu

Ngocwecwe oluncane nje lwensipho

Lugez’ibandla Ondini

Alwaze lwaphelela ezandleni

Isihluthu umabhula imbawula

INkwaz’emaphikwamhlophe kaBhusha

Ekwakwe ngamadoda Ondini

Ningayithinti lelyo nyoni ngeyezulu

Mhla nayithinta kozamazama

ITheku nolwandle 

UDokotela uMfuphi

Inyanga eselapha

Iphikiswa kwezephapha

NgetshelikaFezela

Abaliginqele kwaNodwengu

Lafike laminyana

Untaba zimbili zakhelene

Zintula ngisho ukuxhawulana

Indidakubhalwa

Incwadi ebhalwe nguR.R.Mbongwa

Wayifunda maqede wamyukubala

UHansmeyer kithi kwaNongoma

Ngenganekwan’abayitheth’emini ePitoli

Babefak’izint’ekhanda

Ngoba besaba ukumila izimpondo

Wonakalelwe uKoorhnorf

Lapha kumaBhunu

Ufike kith’Ondini ekhala lide

Wafike walihlephula uMtakaBhush’obukhali

Zawel’iMbekemuzi

ZaweliMfolozi

Zazibhee kuTyson Dlamini eJozini

Zembulek’izinqe

KwabaseMdletsheni

Mfula kaNdaba

Ogobhozekhanda kuMathanzima*

Amaxhosa onke esula izimpandla

Athi’Khini!Mfondini! Kuyanetha!’

Kanti kugobhoz’uMageba


UKhozi lwakith kwaGqikazi

Olugibel’iNkonjane yabelungu

Lwathi qathatha eGazankulu

Nani maGazankulu

Niyizwil’ekaBhushobukhali

IBhubesi ukubingelela

Elinye ngomjojantaba

Zazamazama zonke izintaba zamaGaza
Wabaleka uMhlonishwa

UShifu Gumede wabhangazela

Wanqamula ngaseTshaneni

Uthe eseTshaneni

Wawajika amabombo

Wawabhekisa kithi Ondini


Ugcwalelwe kabi Mageba

Ugcwalelwe ngumfula eGazankulu 

Wadondolozela ngeShangan uGasa

Ngisho amaGazankulu ayibonile le ndaba

Umlabalala abawubhale phansi

KwaNoziyingili eManguza

Wehlulekile uShifu uMzimba Tembe

ukuwudlala

Esaba ukugcwala kweNgwavuma

Yacwila itheni tawuzeni dolazi

Isalukazi sangithunuka idolo

Sabhibha isilonda

Sehlula ababholofethi

Wehlulekile uMzamo ezalwa kwaZulu

Wehlulekile uZondo uMalinga kwaDayeni

Kwaye kwehluleka uXaba uMtshebhe

Ngale koPhongolo

Yingqophamlando yakithi kwaNodwengu*

Ewuqophe qede oMngotho noTasi

Benwaya izimpandla ngicikicane

Bathi,’Hhi-i’

Asiyivumi le ndaba

Yimfohlamaguma ngeyakithi*

KwaKhethomthandayo

Iwafohle eMaritzburg

Zajabha izihlwele

Uhalahala bemloyisa

Bethi ngeke

Igide kwaKhethomthandayo

Yagcagca kithi

Ondini olumahlikihlikana

Ngonyaka kunonyaka

Usuhlasele ngothando

Phesheya koMzimvubu

Sibone ngoThabo Mbeki

BenoJacob Zuma

Ukuthi bazobhula amazolo

Omuntu omuhle oza emva kwabo 

Utwayi olumile abakwaMchiza

Sebeyathe bayalwenwaya luyavumbuka

Sebelwenwaye lwaze lwawohloka

Umanda wehlule abaphalazisi

Ziwele uMzimkhulu

Ziwuphindelela ezikaMthaniya

Zivusa emidala imizila

Ubuhle benziwe nguMshengu Shabalala

kwezomculo

Wanikela ngengwe emabalamdaka

Ezinye izingwe

Zimabalamnyama namhlophe

Halala Mshengu

Indlela enhle kweliphesheya

Unukisele uBheki

Evuna uGqozo ngepuleti laseNdlunkulu

Sasuka isibhicongo eBhisho

Baphela abantu

Ngumlilo osuke isiqubula

Awukhwezelwanga ngazikhuni

Ukhwezelwe ngemvula yezinyembezi

Ziphume enduneni uCebekhulu

Ezalwa nguNhlayenza 

Wakhwezelwa yinduna uJackonia

Ezalwa kwaNtshangase

Ngenkukhu emnyama

Wakhwezelwa nguJerry

Ezalwa nguGodongwana

KwaMthenjana eNhlophenkulu

Ngenkukhu emnyama

Washa uThulani eBhethani

Ezalwa nguSijungujungu kwabakaMawu

Wathathela waya kuMntwana

wakwaMandlakazi

Wafike wamhlanguza wachithiza

Labubula iBhubesi

Lakithi kwaKhethomthandayo

EPrinces Magogo Stadium kwMashu

Lawathela amathonsi esilimela

Zancibilika izinyembezi zikaReggie

Ezalwa kwaHadebe

Obevale ngomgoqo

Ethi iSil ngeke siwugubhe kwaMashu

Sawugubha qede kwajabha

Ngisho ozwe ngephepha

Wagagamela Magagamela

Ugagamele uNgqongqoshe

Wezemfundo namasiko

KuHulumeni wakwaZulu

UMister L.P.H.M. Mtshali

Wadideka wathuma

UMntwana waseNkombabantu

Wathi:’Hamba Mageba uyongishwelezela

Ukukhuluma ngokwakwenu endlini’

Wafika wamhlanguza wamchithiza

Ukuhamba koniwe ngu-J.K. Dladla

Wenqolobane yamagugu akwaZulu

Ayidibhanga ekaMageba eSandlwana

Kwafika late isipeshini

Ummese obukhali

Ongakhethi ukuphakula

Ophakula ngisho

ABantwana baMakhosazana 

USipho UMdoda

Ezalwa kwaShamase

Nanamuhlanje uyantshilantshila

Umlilo othathe ubuhanguhangu

Osuke phezulu eTable Mountain

KwelaseKapa

Yajuluka yabomvu impandla kuDe Klerk

Kwabamhlophe abelungu

Untaba zimbili zakhelene

Zintula ukuxhawulana

Doneyishini inkomo ezingenabelusi

Usehlafune uBhengani wasutha

Wazeakha isitezi kubo eMlazi

Zalamba iziTshudeni

Waphela Silo Zilomo zakho

Zinyathele idwala elibushelelezi

LaseNdlunkulu linethombonkala

Zashelela Nkomo ezondwa Zilomo

Seveni Kilos

Yaphela inyama

YoThisha bakusasa kwaGqikazi

NguNdlovu ezalwa nguZihlahla

Sandla sinenkwantshu

Asivumanga ukuxhawula

KuMadiba kwabaseKoloni

Umlilo ubaswe nguWini

Egane uMandela

Ushaye ezihlweleni MtakaBhusha

Igazi laphuma ku-UDF

Zasha izikhotha

E-Orlando,Alberton,Thokoza,Thembisa

Kwaye kwasha nesikhulu

E-Alexezander Soweto

Bathinte amalakazane

Akho Ngonyama ayabatinyela

Usehlafune uMhlongo

EGamalakhe eZingolweni

Wasutha waze wabhodla umbobo

Waze wanukela uNganencane

Ezalwa kwaMzobe eGreytown

ENhlalakahle

Mgqomo kadoti uMasipala

Uncwadi zaphuma ubuhlaphalala

Zadida uMpanza uMgubevu

UThabekhulu eTown Board waNongoma

Uhleze ebopha abantu

Bephuza bedayisa nje

Bayamehlula ogwaz’phepha

Bezithuthela emgqonyeni

Ziyeke lezo ncwadi

Ziyakunibangela umkhuhlane

Isikhukhukazi esimatshweletshwele

Esidle ngokufukamela

Ngoba sifukamele uXaba

Lapha kwaBhekuzulu

Kwaze kwajabha uMfundisikazi

Webandla lakhe

Asha amadam’anamanzi

Zacima izibani

Zanqamuka izindaba

Wena weContralesa

Uyoyizwa ngani eyomhohozo 

Uzunge lwenziwe nguNdamase kwabakaFaku

Lwenziwa ngu-F.W.De Klerk kwabakaPewula

Bathi uMageba akavimbe

Ngesibhakela njengebhoksa

Abe-ANC bavimbe nge-AK 47

Wathi kungabhubha leli likaMpande

Ngeke nikubone lokho

Amabombo ngingawabhekisa kithiOndini

Sidikadika somkhulu umkhoma kaJama

Fokwata kayize nebele layo

Hikihiki nyama

Bathi beyidla beyidla oMsibi kubalimi

Babeyithentesa bathiibimhlanla mncane

Kasilazi iznyo likaMsibi ehleka

Sambona ehleka

Edleka

Edla iqatha laseNdlunkulu

Isimenyezwana sikaNdaba*

Esimenyezwe nguMkhwanazi kuBalimi

Ikhalane elimile eshobeni leNgonyama

Selihlula noma umuntu ethi

Uyaligcoba ngoshibhoshi

Thatha isitokwe soqwali

Ukhunge isaka

Uninde ushibhoshi

Uligcobe lizakuwohloka

Isimenyezwane sikaNdaba*

Esimenyezelwa futhi 

Namuhla simenyezwa nguThishomkhulu

UMacingwane kwaDinuzulu

Kwathi uThishomkhulu

UNgobese kwaMshanelo

Wema phezu kwetshe wabukela

Wathi yini lena

Eyenzeka kwaGqikazi

Amabutho omdabu kawasadli

Sekudla awesonto kaNkulunkulu

ULwandle lwakithi KwaZulu

Oluqubuke maqede

Lwasibekela zonke izintaba zase-Afrika

Umweli wemifula ongabuzi zibuko

Abanye abaweli

Behamba bebuza amazibuko

Uwel’iZambezi uMtakaNdaba

Kazabuza zibuko

Wawel’uBhalule uMtakaNdaba

Akaz’abuza zibuko

Wawel’uMzibomvu uMtakaNdba

Akaz’abuza zibuko

UNdaba ongene ngodumo kwelaseYuganda

Wangena ngodumo kwelaseGana

Useqa mgoqo

Bewuvale ntambama

Ilanga liyakushona

Wawuvalwe nguDokotela F.T.Mdlalose

KuHulumeni wakwaKwaZulu-Natal

Bethi okaNdaba angalubeki kwelaseGana

Kwathi lapho ehamba khona

Kwasala kunyakaza izibilini zamadoda

Izizwe zonke uMtakaNdaba

Ziyamemukela

Zithi kagadli ngampi

Kagadli ngazikhali

Ugadla ngenduku yoxolo

IBhubesi likaNdaba*

Elibubule phakath’ePhalamende

ESouth Carolina

KwelaseMelika

Nanamuhla kalokhu

Umbhongo walo usezwakala 

INkanyezi yakithi

KwaKhangelamankengane

Ekhanyisal’amazwe

AseMpumalanga

Yaze yakhanyisela nawaseNtshonalanga

ISilo sikaNdaba

Esimayikayika ngokuzihlabanela

Ngoba sidl’umhlanganiso

Khona lapha

Ongoye Yunivesithi

Ngequ zobuDokotela

Akwabindaba zalutho

Sadl’umhlanganiso

E-New Port Yunivesithi

Ngeziqu zoShansela

Akwab’indaba zalutho

Sadl’umhlanganiso

Ngeziqu zobuDokotela

Khona eCoca College

KwelaseMelika

Akwab’indaba zalutho

Sadl’umhlanganiso

Ngeziqu zobuShansela

Khona lapha

E-ML Sultan eThekwini

Akwab’indaba zalutho

Sabuye sadl’umhlanganiso

Nge-People’s Card

Khona kuPeople’s Bank

Umbungubungu!

INhlwathi kaNdaba

Ebuthise phezulu

Entabeni kwaNongoma

Kwath’osekudeni noseduzane

Akaz’alibon’ikhanda layo

Yadl’ezawo-De Wet Nel

Kwabamhloph’abelungu

Yadl’ezawo-Torlage

Kwabamhloph’abelungu

UNdaba owehle njengonyazi

Phakathi kwezigod’ezimbili

EsakwaDabhazi nesaseMaye

Wahamba uSandanezwe

Ezalw’eMambatheni

Wamqumba phansi koludumayo

Akwab’indaba zalutho

UMthandi wokuthula

Kanye noxolo

Uthande uMlaba benoHadebe

Ngokuleth’uxolo

Khona lapha eMpumalanga

Wathanda uC.J.Mthethwa benoJ.Z. Zuma

Ngokuleth’uxolo kwelakithi KwaZulu -Natal

Ingwe emabalabala

Engakhethi mabala

Onk’amabala ayo

Ewakhotha ngokuwanakelela 

Akusekho Mxhosa

Akusekho Msuthu

Kwelakithi KwaZulu

INdlondlo kaNdaba

Ethe indlondlobala

Bayibalekela abasezitheni nabasemakhaya

Umhlanganisi wezizwe

Ezazingakwazi ukuhlangana

Uhlanganise aBaThembu kanye noZulu

Wahlanganisa abaHuruntsi kanye noZulu

Iziwe zonke ziyivum’ingoma

Yabanye kwaKhangekamankengane

Bayede!

Wena weNdlovu!

Silo saMakhosi

Akith’oHlangeni!

Ibinda Nkosi

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo