Nina abakaNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana! UZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu! iNkonyane encane kaNdaba edid’imibala! #ISilo uMlokombane leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo, cha thina sisaphila eMantungweni kungumhla wamashumi amathathu kuNcwaba(30 Agasti) onyakeni ka 2023. Nina beMbube lo muthi eniwubonayo kuthiwa uMdlovu ngesiZulu,ubuye ubizwe ngoMzimuka okuyisihloniphiso sokukhuluphala. ngesiNdebele sakwaMthwakazi ubizwa ngoMkhoma okususelwa egameni lesilwane esikhulu saseManzini,uMkhoma,phecelezi Whale. Lo muthi awandile kweleNgabade, utholakala kakhulu ngapha koDalagubha nakoLimpopo. NgesiVenda waziwa ngo Muvhuyu. NgesiTsonga kuthiwa iXimuwu.Lo muthi ubuye waziwe ngeSimuku ngesiZulu okuyigama engicabanga ukuthi lasuselwa kulo leli lesiTsonga. Ka se Tswana bare ke Mowana. NgesiNgisi ubizwa ngeBaobab tree , noma nge Cream of Tartar tree. AmaBhunu lo muthi awubiza nge Kremetartboom. Nina beSilo kuyavela ukuthi ngesikhathi sokubusa kweSilo uDingane lo muthi wawungenalo igama lesiZulu, uyakuveza uMbhali uDavid Livingstone eMqulwini wakhe uJournals of Livingstone ukuthi lo wawungaziwa KwaZulu ngesikhathi sokubusa kweSilo uDingane, uthi igama elithi u’Mdlovu” lo muthi waliqanjwa uNdunankulu weSilo uDingane uNdlela ka Sompisi Ntuli, kanti nalo leli elesiNdebele elithi”uMkhoma” waliqanjwa uNdunankulu kaMthwakazi uGundanekumitha ka Ndlovu Ndiweni owabe enguNdunankulu weSilo sikaMthwakazi uMzilikazi. Lo muthi nina beSilo awushaywa nhlobo uMphezulu, kangangokuthi lena enhla nezwe abantu bakhona baze bawuvule lo muthi bakhe noma benze iNdlu abayophephela kuyo uma liduma kwazise uyakhula lo muthi wedlule iNdlu kaRondo.
Wenzani lo muthi ?
Nina beBhubesi lakithi kwaKhethomthandayo kuningi okwenziwa ngalo muthi . Ixolo lamagatsha alo elibushelelezi abantu basenhla nezwe(lena koZambezi) eNdulo babelebula kwenziwe ngalo inxoza eyobopha noma eyokwakha iZihlenge zokuwela uMfula uma ugcwele . Nina beSilo lo muthi awulokothwa uMphezulu, kangangokuthi abantu basenhla nezwe baze bawubhoboze lo muthi , bawuvule benze iNdlu abayophephela kuyo uma liduma. IMpande yale Nduku kulukhuni ukuba uyithole uma ugubha kwazise isekujuleni ,kanti futhi inkulu, ngakho-ke abantu baye basebenzise kakhulu ixolo lawo lo muthi. Bayalithaka eNdukwini yokubethela iZulu. Lo muthi uthela izithelo ezidliwayo futhi ezimnandi. Lezithelo ungazidla ngokuzimunca ,noma ngokuzixuba nobisi noma namanzi . Uma uzimunca kudingeka ungazidli kakhulu ngoba zenza amazinyo abe bushelelezi. Lezithelo zinhle kakhulu kwabesilisa ikakhulu labo abangayitholi inzalo ngoba ziqinisa uBhoko lweSisu, zandisa ziphinde zishubise isidoda kowesilisa. Lezi zithelo ziqinisa namasosha omzimba. Lezi zithelo kuthiwa zenza umuntu ahlale ebukeka emusha .Lezi zithelo kuthiwa zequkethe uVitamin C okuyisakhamzimba okuthiwa selekelela umzimba womuntu ukuba umelane nezifo ezingaMahlalakhona. Lezi zithelo kuthiwa kuthiwa zequkethe ne Tartaric acid okuyiNhlungwane(acid) yezithelo ebuye isetshenziswe njengoMvubelo ekubhakeni. Amacembe oMdlovu aye agandwe ebese ebiliselwa ukuba yiSiphungo esehlisa amandla ezifo ezingaMahlalakhona. Lesi Siphungo sivikela nezinso ukuba zingahlaselwa yizifo, siqinisa namaSosha omzimba. Amacembe ale Nduku kuthiwa nawo aqukethe izakhamzimba ezibalulekile , aye aphekwe adliwe njengeMfino okuthiwa imnandi yehla esiphundu, bathi le Mfino ivikela umuntu ezifeni futhi imenza aphile eside isikhathi .
Khumu!
Niphile nina bakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo uyangiwa kithi KwaZulu! #ISilo uMpande leso! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande.