Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

INkosi uMtubatuba yaBakhwanazi

  Nanso-ke iNkosi u-Mtubatuba yaBaKhwanazi . Ibutho layo kwakuwuFalaza ,kanti elikayise u-Somkhele kwakungaMamboza/uThulwane . NgokweZazimlando kuthiwa ayikho inkosi eyabusa kahle abantu bayo njengeNkosi u-Mtubatuba . Kuthiwa yayidume ngokwephana,inogazi kubantu bayo futhi icebe kakhulu inezinkomo ezibulala inyoka,uchibidolo uqobo . Kanti kwake kwaba khona isikhathi lapho inkosi u-Mtubatuba yafuna ukuthenga khona isitimela kodwa abelungu badlala ngayo ,bamane beyishonisa lena nalena . Kuthiwa kwakuthi nxa isigebengu sonile esikhundleni sokuthi isijezise yona yayivele isixoshise ngomhlambi... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMntwana uBhokwe kaZibhebhu Zulu 

Nansi isithombe soMntwana u-Bhokwe kaZibhebhu kaMaphitha Zulu . Nguyena owalandela inkosi u-Zibhebhu esihlalweni sobukhosi . Empeleni indlalifa yoMntwana u-Zibhebhu kwakunguMntwana u-Msenteli owayezalwa yiNkosikazi u-Cikose Biyela okaMvundlana owamuzalela udadewabo u-Nomvula ongazange athole abantwana.Imind eni yavumelana ngokuthi u-Cikose owabe engudadewabo omncane kaNomvula ayogana u-Mntwana u-Zibhebhu ukuze amzalele indlalifa. Lelo kwakuyisiko lasebuNguni. Emgcagcweni kaCikose u-Cikose wagcagca ephethe umkhonto kaMntwana u-Zibhebhu wobukhosi nokwakusho khona ukuthi uzozala indlalifa. U-Cikose wakhulelwa wazala u-Msenteli . Wabuye wazala nentombazane u-Nomangxenge owashona eqala ukuthomba . Ngakho-ke nguMntwana u-Msenteli okwakumele alandele uyise esihlalweni sobukhosi kodwa amaNgisi amchitha abe eseqoka u-Mntwana u-Bhokwe ongazange abonwe nanguYise kwazise wayenezinyanga eziyi 18 ngenkathi iKhomishane yamaNgisi eyayiholwa nguCharles Saunders imuqoka ukuba abe yindlalifa yakwaMandlakazi. Inhloso yamaNgisi kwabe kuwukuqhubeka nokudala izinxushunxushu , ngoba ayazi kahle ukuthi uMntwana u-Msenteli wayesondelene neNdlunkulu yakwaZulu ngoba ilobolo loNina ingxenye yalo enkulu yayikhishwe yiSilo uMpande . Ngakho-ke vele ayengeke aze amamukele njenkosi yakwaMandlakazi . UMntwana u-Bhokwe wayezalwa yinkosikazi u-Geja kaMatshana Sithole

Incazelo ngeKlwa 

     

Madlala

Hlokohloko, Sishi Khabalidaka,Mpumuza Sozabe Nodlomo Dlobeni Nina enadla inhlunu niyililela Somagodla owagodla ingwe nengonyama Mabiya ngothuli amahlahla ehlezi

Nzuza

Mahlobo, Mshazi Debelimdaka, Bomvula. Wena owahlaba iso leSilo ngomuso wahlaba eleNgonyama Nozishada kaMaqhoboza Owaqhoboza izinkomo zamadoda UMajiya kaDiniZulu kaMsuthu Mudli

Dlamini Malandela

Dlamini Malandela Nyanya Mfolozi eMnyama iNkethabaweli AbakoNyanya abayiphuzi ngoba yafika neNkosi yakubo Abanebhaxa abayiweli Babuyela kubo bayofuna isithole esimdaka Abazowela ngaso Soshenge Wena wakwaSomabika ngokubikela aMaShenge Ukuthi kuyadliwa kwaMandlakazi Manzayiwayo!

Izibongo zeNkosi uSenzangakhona ka Jama

IMbongi ::uTholudaba wakwaNdlovu >>>> UMjokwane kaNdaba Usalakutshelwa usalakunyenyezelwa Ubhid’elimathetha ngezinyembezi LinjengelikaPhiko waseBulawini Inyath’ehamba Isengama amazibuko Injengomzingeli kumaMfekwane Ozothebe zinhle uMjokwane Ezidliwa ngamancasakazi Udle umfazi... qhubeka ufunde »

Chili

Mthuyi, Mnguni! Qwabe kaNozidiya, Khuzwayo! Mlamlankunzi Ungaziyeka zibulalane Mthatathu kaGumede, Nin’ eniguvuzela umuntu ngehemu lakhe. Isigogo esisind’ abatshathi. Donga olulal’ amankentshane Nina bas’ Ongoye. Mbuse, Malinda Lushaba Ntseka Wena owashaya insimbi ngomlenze. Mgcwalisi wethus... qhubeka ufunde »

Buthelezi

Shenge, Sokwalisa, Phungashe kaQwangubana. Mnyamana kaNgqengelele, Sondiya, Mnandingamondi, Wena owadliwa zindlovukazi zamlobolela, Nina zinyawo ezimahhele, Enaganisa izintombi nanganye nangambili…..

Mchunu

Macingwane. Yeyesa Phakade , Macingwane , wena waseNgonyameni. Jama kaSilwane, Nyanda yemkhonto, Phakade akagugi koze kuguge izngane zakhe, Wena kaNogida ngobambo ezinye izintombi zigida ngomshanyelo..

error: Akuvumelekile lokho !!