Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Mnqayi

zithakazelo nomlando wakwaMnqayi : Abantu bakwaMnqayi bangabaNguni bohlobo olubizwa ngokuthi ‘aMalala Nguni’ , baphuma kubantu bakwaHadebe . AbakwaHadede bona bangabaNguni abangabaMboNguni, abakwaMnqayi bona bagcina sebengaMalala ngesizathu sokuthi bagcina bezimbandakanye nesizwe saBathethwa esasibuswa inkosi uDingiswayo kaJobe kaKhayi ngaleso sikhathi . ABathethwa bona bangaMalala Nguni ngokwezigama zabaNguni . Abantu baseManqayini baphuma enxenyeni yamaHlubi eyashiya elakubo yaphikelela esizweni sakwaMthethwa esesibuswa inkosi uDingiswayo kaJobe ngaleso sikhathi . Leyo ngxenye ya... qhubeka ufunde »

Jele

Izithakazelo nomlando wakwaJele Abantu bakwaJele bangabeNtungwa Nguni ngokwezigaba zabeNguni  . Ngenkathi iSilo u-Shaka sihlanganisa izizwe umuntu owabe egqame kakhulu kwaJele nguZwangendaba kaJele , u-Jele nguyena okwaqanjwa ngaye isizwe . U-Zwangendaba wabe engomunye wezinduna zenkosi u-Zwide kaL... qhubeka ufunde »

Shongwe

Izithakazelo nomlando wakwaShongwe Abantu bakwaShongwe bangabeNguni baseMbo ngokwezigaba zabaNguni . Imvelaphi yabo ixhumene neyakwaDlamini, Shabalala , Kunene , Mavuso nezinye . Ngenkathi befika kuleli eliseAfrika eseMazansi bafika bazinsa lapho sekuyizwe laseSwazini khona. Babekade beqhamuka enhla... qhubeka ufunde »

Sigabade

Izithakazelo nomlando wakwaSigabade #Kuloba iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo Abantu bakwaSigabade baphuma kuSigabade kaSimyenga wakwaMhlanga. BangabeNguni abangaBaMbo Nguni. AbakwaMhlanga nabo babekade bezinze lapho sekwaZulu khona namuhla. Namuhla laba bantu bakwaSigabade  batholakala ezweni laseZim... qhubeka ufunde »

Qwabe

Izithakazelo nomlando  wakwaQwabe Abantu bakwaQwabe bangabaNtungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni. Sizokhumbula ukuthi abaNguni bahlukaniswe izigaba ezinhlanu,kukhona abaNtungwa Nguni, abaNguni baseMbo, aMalala Nguni (ababuye babizwe ngabaNhlenga Nguni), abaDebe Nguni ,bese kuba khona nabaThonga Ngun... qhubeka ufunde »

Izibongo zamakhosi aseSwazini

Izibongo zeNgwenyama u-Somhlolo ka Ndungunya . Elinye igama leNgwenyama u-Somhlolo kwakunguSobhuza.       USobhuza wamaSwazi Usifuba sinengceke sinamanzi UBhuza kwezinde UMasibekela Imizi emncane angayisibekela Inyathi empondo zimnkenkenene Yadla umuntu Kwanga bamhlabe ngehloka Wadla ... qhubeka ufunde »

ULozilina umuthi wogazi :

  Nango -ke uLozilina umuthi wogazi . Lomuthi ukhonzwe kakhulu izinsizwa ikakhulukazi ezakwaZulu ngoba uwumuthi owakha ugazi. Kuyaphalazwa ngawo lomuthi ,uxutshwa nemithi efana noNhlanhlemhlophe,iNgwavuma, uMadlozana, uVumakubangoma omhlophe. Bese ujikijela nemithi elwayo efana noSehlulamanye ,... qhubeka ufunde »

Mtolo

Izithakazelo nomlando wakwaMatolo Abantu bakwaMtolo bangabaNguni  bohlobo lwabaMbo Nguni ngokwezigaba zabaNguni. Akubona aBathwa noma aMamoondo njengoba abanye bethu behla besho.  Isizwe saMatolo siphuma kwesakwaDlamini eSwazini. Ezinye izizwe eziphuma kwesakwaDlamini esakwaNgcolosi(Bhengu) ,Mhlon... qhubeka ufunde »

Ndwandwe

Izithakazelo nomlando wesibongo sakwaNdwandwe.     Abantu bakwaNdwandwe imvelaphi yabo isenhla yezwekazi laseAfrika njegabo bonke abaNguni. Ngokwezigaba zabaNguni abakwaNdwandwe bangabaNguni baseMbo noma ngithi bangaMbo Nguni. Umuntu owawunothisa kakhulu umlando wakwaNdwandwe inkosi uZwide... qhubeka ufunde »

Izaga nezincazelo

1. Umlungu angathungwa isicoco – Kusuke kufungwa. Uma umuntu ethi into ethile ayisoze yenzeke usebenzisa sona lesi saga. Incazelo yaso iyefana neyesaga esithi “inkomo ingazala umuntu” 2. Wande ngomlomo kuhle kwesiqebetho – Wande kakhulu ngokukhuluma kepha uma sekuyiwa ekwenze... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!