Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

UNdunankulu uMankulumana kaSomaphunga

Awu sukanini madoda nango-ke u-Mankulumana kaSomphunga Ndwandwe uPrime Minister (uNdunankulu) wakwaZulu ngesikhathi seNgonyama u-Mamonga woSuthu.   Kulesi sithombe simbona ekakwe izinduna zaseMkhontweni. Leli qhawe lalibuthelwe ebuthweni uMbonambi onduku zibomvu igazi. Labuthwa ngesikhathi seNgonyama u-Mdayi. Leli qhawe laba uNdunankulu wakwaZulu ngesikhathi seNgonyama u-Mamonga woSuthu. Lawa livuka noMamonga , ehlukunyezwa ngamaNgisi nalo lalilokhu liseduze kwakhe limeseke njalo. Kwathi ngemuva kwempi yaMakhanda iSilo u-Mamonga noNdunankulu waso u-Mankulumana baboshwa beboshelwa icala lo... qhubeka ufunde »

Maphanga

Mnguni, Qwabe, Gumede, Mnguni kaYeyeye, Osidlabehlezi bakaKhondlo kaPhakathwayo, Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba Abathi “dluya kubeyethwe”, Kanti bahlinza imbuzi, Bathi umlobokazi ubeyethe kayikhuni, Sidikida lolodaba, Phakathwayo! Wena kaMalandela, Ngokulandel’ izinkomo zamadoda, Amaz... qhubeka ufunde »

Khambule

Mzilankatha Inkatha kayingeni endlini Yangena kubola izinkaba zabantwana Mlotshwa Nina bakaMaweni Msuthu Mncube onsundu nezinyawo zakhe Nina baseSilutshana Malangatsha

Myeni

Mdolomba Mzukase, Mnguni wasenhla Wena waseNingizimu Mabasendleleni zombili, enye ngeyokuya , enye ngeyokubuya Gwebeshomnyama ,ophuza amanzi okuhlalelwa  Wena owabalekela insingizi ngokusindela uthi silwane Mdlomba kaDuma  Wena ongengakanani ngoba nasentendeni yesandla uyahlala  Ngwenya kaMalambe... qhubeka ufunde »

UNgoza ka Ludaba Majozi 

  Nango-ke u-Ngoza Majozi owabe eyinduna yePhumalimi u-Somtswewu kaSonzica Majozi . Waqala ukuba induna kaSomtswewu kusukela ngemuva kwempi yaseNdondakusuka. ENdondakusuka wayelwe ngasohlangothini loMntwana u-Mbuyazwe nokwathi ngemuva kokunqotshwa kwakhe wazimbandakanya namaPhumalimi. Ibutho likaNgoza kwakuyiHlaba . Babili oNgoza emlandwini wakwaZulu,kukhona uNgoza kaMkhubuleli waseBathenjini kanye noNgoza kaLudaba wakwaMajozi. Uyise uLudaba wayenguMalume kaNyathi Mabaso ,ingakho ezibongweni zikaNyathi Mabaso kukhona umugqa othi ‘INyathi emnyama kaLudaba’.. ESandlwana lensizwa yalwa ngasohlangothini lwaMaNgisi . Abanye abalwa ngasohlangothini lwamaNgisi inkosi uGabangaye Mchunu ,inkosi uNdabayakhe Zuma namanye amakhosi.

Isibhamu sohlobo lweSigwagwagwa esenziwa amaNgisi 

Nanso-ke iSigwagwagwa uhlobo lwesibhamu olwenziwa amaNgisi ngowe 1888 ,lwasetshenziswa okokuqala ngqa empini yamaNgisi noMthwakazi ngowe 1893. (IMaxim Gun 37mm(ebuye yaziwe ngeSigwagwagwa )     ISigwagwagwa ngesiZulu saphesheya sibizwa ngokuthi yiMaxim Gun (37mm). UMthwakazi isizwe esakhiwa iqhawe lakwaKhumalo uMzilikazi kaMashobana kaZikode kaMkhatshwa kaKhumalo kaMntungwa . Lesi sizwe namuhla sitholakala eNingizimu yezwe laseZimbabwe . Sinomhlaba ongama 48 000 000 acres kanti abantu bona bangama 7 million . Ngesikhathi amaNgisi akha lolu hlobo lwesibhamu uMthwakazi wawubuswa indodana yeSilo uMzilikazi iSilo uLobhengula Khumalo. Kuyamangaza ukuthi iSilo uLobhengula sasiwazonda amaNgisi singafuni nokubona lapho ehambe khona ,kodwa uyise uMzilikazi yena wayewakhonze kakhulu. ISilo uMzilikazi sawathanda ngesizathu sokuthi sasikhonze kakhulu uMfundisi uRobert Moffart owayenguMngisi eluqhamukise eScotland . Amabhunu sasiwanyanyisa okwendle! ISilo uLobhengula sona amabhunu sasiwakhonze kakhulu kangangokuthi yiwona asifundisa ukusebenzisa induku yamagwala. ISigwagwagwa sadala umunyu esizweni saBathwakazi mhla ibambene phezulu empini eyalwa izikhawu ezine ngowe 1893. Isikhawu sokuqala salwa enqabeni yamaNgisi i-Fort Victoria nosekuyiMasvingo khona namuhla. Impi

Nhleko

Mgilitsha! Nyanganduna! Masomane! Ngubo yengwe neyengonyama Mbambo zenyathi Malinga! Owalinga izinkomo zenkosi Mancwanga! Nyawo zimhlophe.

Sibisi

Izithakazelo nomlando wakwaSibisi Abantu bakwaSibisi imvelaphi yabo ikubeSuthu abaziwa ngokuthi bangaMakgwakgwa , aMakgwakgwa wona aphuma kubeSuthu abaziwa ngokuthi ngaBahlakwana [ Bahlakwana] . Ukhokho walaba bantu bakwaSibisi nguMahlatsi indodana kaKherehlwa kaMashiane kaMolapo . ABahlakwana nabo ... qhubeka ufunde »

Latha

UMlando wabantu bakwaDlamini [oLatha]   -Kubhala uDlamini Latha Elias Mziwenhlanhla :-     AbakwaDlamini babizwa ngokuthi ngaBeNguni baseMbo. Abantu bakwaDlamini bahlakazeke izwe lonke lakwaZulu ,kuze kuyoshaya kwelakwaXhosa ,naseZimbabwe imbala .Angisakhulumi ngelakwaNgwane ngoba ubu... qhubeka ufunde »

UHarriette Emily Dlwedlwe Colonso (uMngane weSilo uDinuzulu) 

  Awu sukanini madoda nanso-ke indodakazi kaMfundisi uJohn William Coleso uHarriette Emily Coleso owabe engumngane omkhulu weSilo sasoSuthu iSilo uDinuzulu kaCetshwayo . Empeleni wonke nje umndeni wakwaColeso wawuyikhonze kabi iNdlunkulu yakwaZulu ikakhulukazi ngesikhathi seziNgonyama oCetshwayo noDinuzulu. UMfundisi uJohn William Colenso uyena okwaqanjwa ngaye idolobha laseKholeso . UHarriette Colenso wayezalelwe kwelaMangisi nokuyilapho umndeni wakhe wawuqhamuke khona . Wayezalwe ngowe 1847 ,washona ngowe 1932 nokuchaza ukuthi washona eseneminyaka engama 85 . Le ntokazi yakwaColenso yawa ivuka neSilo uDinizulu ngenkathi amaNgisi akubo esihlukumeza ,esibopha esivalela ejele singone lutho . Yiyona lentokazi kanye neNdlovukazi yaseNyokeni uNomvimbi Msweli abaqoqa imali yolukhulula iNgonyama uMamonga ngenkathi iboshiwe . Ayigcinanga lapho yaqhubeka yaloba nezincwazi izilobela umbuso waMaNgisi eNgilandi ku21 Dowinings Street ikhalaza ngokuhlukunyezwa kweNgonyama uMamonga woSuthu . Le ntokazi uHarriette yayisondelene kakhulu neNdlunkulu yakwaZulu ,isondelene futhi noNdunankulu uMankulumana owake waboshwa neSilo uMamonga.   INgonyama uMamonga nayo yabe iyikhonze kakhulu le ntokazi yamaNgisi kangangokuthi yaze yetha noMntwana uPhikisile Harriette

error: Akuvumelekile lokho !!