Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

 

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Izisho nezincazelo

1 .Ukuzithela kumalunda uzichome Lesi sisho sichaza ukuphaka impi noma ukuphuma uyolwa ngethemba lokuthi uyofike udle umhlanganiso kulowo osuke uyolwa naye, bese leso sitha sakho sizilwela ,nishayane nize nibukane , noma ugcine kuhlehle wena ophake impi  Ukuzithela kumalunda uzichome -ke lokho . Isiboniso – Izolo uMakhanda usuke ethi uyolwa noMavondo , kanti uyozithela kumalunda azichome kuMavondo   . 2.Ukuhlekisana ihlomelene . Lesi sisho sichaza isimo lapho abantu beshaya  sengathi konke kuhamba kahle kanti phakathi kwabo kukhona othukuthelele omunye ,osambophela amaqhinga okugadla. Uy... qhubeka ufunde »

Izibongo zeNkosi uMageba kaZulu

UKhozi lwakith’eMakheni Olunzipho zinde zingumjingolo Luhlezi laph’emnduzini Luqaphel’imizi yamadod’ukweluka Ugwija bathokoze Nabasemuva kwaNkomonye IThole likaGumede Elehle ngamandla eSihlangu Lingesabi nakwephuka Ginqika Thol’elimahwanqa Lakith’eMakheni Wehle ng... qhubeka ufunde »

Izibongo zeNkosi Malandela kaLuzumana

INgagal’emabala Inyoni ezibuka ukuphenduka Ibuke iningizimu Yagqugqa yezanemvula Umthala oshay’iznhlu Phakathi kwezintaba ezimbili IThala neBabanango Unkomo zinogagu Zithwel’iningizimu Nangezimpondo Imamba enamanxeba Emikhonto nawezinhlendla UMalandela ngokulandela Izinkomo zamadod... qhubeka ufunde »

Izibongo zeNkosi uJama ka Ndaba

UJama kaNdaba UJama omvukuzi zimonya Ziyenqab’ukuwela Emfuleni lingani Inga zingumhlambi zingabhudla Isiduli esiphahlwe Ngamakhand’amadoda Ubhoqol’omakhandakhanda Nabalimi bensimu bangawusiphula UJama kabongwa ngabalandakazi Ubongwa yinjeye yaseMqekwini Abongwe yinjeye yaseMabhulen... qhubeka ufunde »

Izibongo zeSilo uDinuzulu kaCetshwayo

INyosi uSehla kaNdengezi wakwaZungu >> UMamonga woSuthu UMamonga kabulali uyasizila Uqotha imbokode nesisekelo Ufana neNdlovu emnyama yasOndini Usilwa nankunzi mbili Enye ngeyakwaNgenetsheni Enye ngeyaseBhanganomo UMgwazi kadinwa zinqapheli Isikhomo esikhomo esimazinga Umuzi bawuphume ehlathin... qhubeka ufunde »

Izibongo zeSilo uDingane ka Senzangakhona

INyosi ::uMagolwana kaMkhathini Jiyane UVezi uNonyanda uMgabadeli Owagabadel’inkundla yakwaBulawayo Odonswe ngezintab’ezimakhelekethe UVezi wakwaSimangalunyawo UMbombosh’omnyama UVemvane lukaPhunga noMageba UVemvane olumabal’azibhadu Ngibe ngiyalithinta lwahwaqabala LunjengoP... qhubeka ufunde »

Izibongo zeSilo uSolomon ka Dinuzulu

INyosi uHoye kaSoxhalazi wakwaNdlela >>>>>>>>>>>>>>>. INkayishan’enkulu kaMenzi Ephuz’umlaza ngameva Ulanga lisehlule madoda sesingaMavikithi Ngosib’olusenkundleni Kith’oSuthu Luntula noyedwa ongaluthintayo UNogwaj’oshiy̵... qhubeka ufunde »

Izibongo zeSilo uMpande ka Senzangakhona

INyosi : uMagolwana kaMkhathini Jiyane UMsimude! Owavela ngesiluba Phakathi kwamaNgisi namaQadasi INkonjane edukel’ezulwini Unowela muva wawoShaka Mdayi sabela kweliphesheya Izalukazi ziyosala emanxiweni Amaxhegu ayosala emizileni ISikhukhulane sikaNdaba Esikhukhul’omame sabetshatha Saze... qhubeka ufunde »

Izibongo zeSilo uCetshwayo kaMpande

IMbongi UMhlangeni wakwaKhumalo >>>> UZulu eladum’obala Lapho kungemunga, kungemtholo UHlamvana bhul’umlilo eNdulinde Ubaswe uMantshonga benoGqelebana Inzima lemnyama Engabunde bezingwe nezingonyama Ibiqhutshwa uMseleku benoNongalaza Bethi ifanele ukuyosikwa izihlangu EMkhwey... qhubeka ufunde »

Izibongo zeSilo uZwelithini kaBhekuzulu

 ‘INyosi : UNtulizenkosi Dlamini no-Buzetsheni kaSombila Mdletshe ” >> INdlondl’enophaphe’ekhanda Ndaba kawulalele lomunt’omemezayo Umemeza sengathi uyakhala Ukhal’isililo Uth’igula likaJama lichithekile Lichithwa yiNgwel’endala Ngeyakithi kwaMa... qhubeka ufunde »

 

error: Akuvumelekile lokho !!