Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Mchunu

Macingwane. Yeyesa Phakade , Macingwane , wena waseNgonyameni. Jama kaSilwane, Nyanda yemkhonto, Phakade akagugi koze kuguge izngane zakhe, Wena kaNogida ngobambo ezinye izintombi zigida ngomshanyelo..

Zulu

Ndabezitha, Mntwana, Zulu kaMalandela ngokulandela izinkomo zamadoda, Zulu omnyama ondlela zimhlophe, Wena kaPhunga noMageba, Wena kaMjokwane kaNdaba, Wena wenkayishana kaMenzi eyaphuza umlaza ngameva, S’thuli sikaNdaba, S’thuli sikaNkombane, Wena kasihhawuhhawu siyinkondlo bayikhuzile ngoba ikh... qhubeka ufunde »

Mbatha

Ndabezitha, Shandu kaNdaba, Sontshikaze, Gumbi lamagwala, UShandu akangakanani,nasentendeni yesandla engahlala, Nasothini lomkhonto uyenela, Mthiya ngenkomo abafokazana bethiya ngamahlahla, Shandu owalima insimu wayilimela izinyoni, Zase zimbonga zathi tshiyo! tshiyo! Bhabha Magwaza, Nkentenkente, O... qhubeka ufunde »

Zwane

Zwane, Mangethe! Zikode, Phikelela! Ntshosho, Nsele kaLindamkhonto! Nina bakwaVezi! Mthanti! Gobeni, Nsele, Mangethe Zikode kaPhikela, Wena Wasetsheni, UZwane akadlelanga phansi wadlela emkhombeni wezinyamazane, Edla im’hlambi yezinkomo zamadoda, Ndlangashushwana ngokudla amaNdebele, Bathi uZwane ... qhubeka ufunde »

Zungu

Zungu, Manzini, Geda, Ncwane, ngankomo yaseMahenyenu. Nyamakayishi , isha ngababhebhezeli, Wena owaphuma ngenoni emgodini. Sengwayo.  

Lushaba

Gatsheni Ngondi Mthiyane Zinyane lendlovu Ndlovu zidla ekhaya ngokweswela abelusi Zaze zeluswa uDembezane iNtombazabe Biyabenyathi Buyasonga buyasombuluka Nina bakwaDembezane iNtombazane

Mkhwanazi

Veyane kaCungethe Mtubatuba Wena owalobolela amadoda Ndonga Shamase Mayanda Nkwali yenkosi Dlebhu wabeSwazi Somkhele,Sokhethabahle

Chauke

Vahlenge va Xinyori Mavasa(Mabasa) Xioki xa Ndzilo waNyoki wa Malilwana Xinyori xa humba xo kangetela ribyeni Hlanguza Izibongo ezixhumene kakhulu nezakwaChauke Mabasa Mavasa Mabaso Khumalo Xitlangu Chavani Ntlati Mahenge Phikela Chembene Mahlungu Maceme

Mlilo

Mabasa Singwazi Matshisa Chauke Nkumba kaBangwane Sivumase saMantshena Xinyori xa humba Mtotobi kaNkumba Nkumba kaDengezane Zingwazi zempi kaNdaleka

Nyandeni

Nyandeni Mashobana Vumisa kaNgono Khukhuza kaNgonyama Zingwe zimbili ezalwa zabulalana kwaNtaba Ntshanini Ngwadla phakela izigqala zakwaLibose Wena waseNdinaneni

error: Akuvumelekile lokho !!