Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Iziduko zakwaDlomo(Mthembu)

Iziduko zakwaDlomo(Mthembu) Dlomo Yemu-Yemu Sopitsho Vela bambhentsele Zondwa  Zondwa zintshaba zingasoze zimenze nto Kuba akanasono mntwini Akazange watya nto yamntu Nawayityayo wayinikwa ngumntu wayo Sigcawu Sigcawu esinoboya Nkosana Madiba Madib’indonga Dubula ngenyek’etafuleni kutak’ishumi lesheleni

UMxhamama ka Soshaya Sibisi

UMxhamama ka Soshaya Sibisi Nina abakaGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi!Ngethemba nisaphila nina beSilo.Esithombeni umfowethu uMhlonishwa Sibisi oyiNtatheli.Ngokusho komlando obhalwe phansi abantu bakwaSibisi kuthiwa badatshulwa nguMlotshwa obuye abe uKhokho wabantu baseMa... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoDakwa ( Dioscorea dregeana)

Incazelo ngoDakwa  ( Dioscorea dregeana) Nina abeMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda.UMashikizela ashiye impi yakhe.ISilo sakithi eMgungundlovu leso,iSilo uDingane.Ngethemba nisaphila nina beSilo UDakwa ... qhubeka ufunde »

IKlwa (iJozi)

IKlwa  (iJozi) Nina abakaGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi.UHlabahlungu bazoshumayezana abasezitheni nabasemakhaya.Inkomo eyakhala  eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila.Ngethemba basaphila abeSilo.Ake sixoxe kancane ngohlobo lomkhonto olubizwa ngokuthi yiKlwa,olubuy... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeSibhubhu (uVulandlela,uNdlelazimhlophe)

Incazelo ngeSibhubhu  (uVulandlela,uNdlelazimhlophe) Nina bakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye,ngimbuke kuze kwehle izinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe!IGwija likaMdlaka ligwegwe lijeyeze abasini bengoma.UNomakhwelo iNgonyama uhlanya olusemehlweni amadoda.Enhla na... qhubeka ufunde »

Madlala

Umlando ngabantu bakwaMadlala UNjenje wazala,uSomagodla ozihasho zithi ‘Somagodla owagodla ingwe nengonyama’.Yena wazala,uSozabe owazala,uNengu noMajola.UNengu wazala uQoma owazala uZamisa,uZamisa wazala uGodongwana,uGodongwana wazala uMashaba.UMajola wazala uGaju owazala uNdlovu noMatom... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeThombonkala

Incazelo ngeThombonkala Nina abakaMgwazi akaqaqi uqaqelwa zinyoni.UMagalela agase njengenkosi yaMantshali ngoba egasele uZibhebhu kwaNdunu.USomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayikhexa imilomo.ISilo sakithi oSuthu leso,iSilo uDinuzlu.Nina beSilo uma kukhunywa nge... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoNyongwana   (Dicoma anomala)

Incazelo ngoNyongwana   (Dicoma anomala) Nina abakaSingquma khuluma bakuzw’umoya abasezitheni nabasemakhaya.Inkomo eyabuya yodwa  kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe!ISilo uDingane leso.Enhla nasezansi ngethemba basaphila abeSilo.Cha, thina sisaphila eMantungweni.Nina beSilo le Nduku eniyibona... qhubeka ufunde »

Sabela

Umlando ngesibongo sakwaSabela  Abantu bakwaSabela baphuma eMthandeni kubantu bakwaQwabe,umuntu abaphuma kuye kwaQwabe nguNomo indodana yenkosi uKhondlo ka Mncinci.UNomo kusengumuntu oyedwa noSomnomo.Kwahamba kwahamba uNomo wagcina esebizwa ngokuthi unguSabela. Amanye amadodana enkosi uKhondlo kwak... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMsinsi wokuzimelela  ( The Lucky Bean,Coast coral tree)

Incazelo ngoMsinsi wokuzimelela  ( The Lucky Bean,Coast coral tree)   Nina bakaTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa imihlambi yazinyamazane.USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu.INhlahlanyovane ka Ndaba ehlehle futhi ngoBulawayo yaz... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!