Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

 

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Incazelo ngeNhlokoshiyane ( Searsia discolor, Mohlohlooane)

Nina bakaMdayi sabela kweliphesheya uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni, uSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi kwaZulu,UTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa imihlambi yezinyamazane!#ISilo uMpande leso .ISilo sakithi kwaNodwengu. Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade , mabaphile abeSilo. Lo muthi eniwubona ngezansi kuthiwa yiNhlokoshiyane ngesiZulu, ubuye ubizwe ngoMkhaphalanga .  Lona wumuthi obaluleke kakhulu , esizweni esinsundu, futhi osetshenziswa yizo zonke izizwe ezinsundu Amanye amagama iNhlokoshiyane ebizwa n... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNdlovukazi yaseMkhindini , iNdlovukazi uNandi Mhlongo

Nina abakaMgengi phez’izitha kuseHlobo utshani bude buzokugabanisa! UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! #ISilo uShaka leso ! ISilo sakihi KwaDukuza . Nina beSilo ake sibheke umlando weNdlovukazi uNandi , uNina weSilo uShaka. *INdlovukazi uNandi yayizalwa yiNkosi yaseLa... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMkhiphampethu    ( Calpurnia aurea)

Nina abeSinakanaka sezincwadi ebezibhalwa nguMalamande kwabamhlophe abeLungu, iGwalagwala likaMenzi elisuke eNtumeni kwabhej’iShowe -kwabhej’iNdulinde -kwaze kwaya kwabhej’uLwandle noThukela! #ISilo sakithi oNdini leso ! ISilo uCetshwayo ka Mpande. Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgaba... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMhlambamanzi     ( Rauvolfia caffra )

Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe!! Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila ! #ISilo uShaka leso, iSilo sakithi kwaDukuza. Nina beSilo ngiyanibingelela enhla nasezansi . Ngethemba ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeziNtokolovu  ( Lannea edulis , iTintokolovu)

Nina abakaHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! UThambekeka wena owaliwayo -thambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi! #ISilo sakithi oNdini leso! ISilo uCetshwayo ka Mpande . Enhla nasezansi ngiyakhuleka kwabeSilo , ngethemba nisaphila, sisaphila thina eMantung... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMondi   (Mondi Whitei ,African  White ginger)

Nina abakaZitho zimbombo zimbombonono zifana nezikaDadewabo uSililo , uMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani? #ISilo sakithi oSuthu leso! ISilo uDinuzulu ka Cetshwayo. Nina beSilo lo muthi eniwubonayo kuthiwa uMondi igama lawo , lelo gama lisuselwa kwelesiLungu elithi Mondi Whitei . Lo muthi... qhubeka ufunde »

Incazelo ngePhengulula

Nina abeNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! IMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengeMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! #ISilo uDingane leso , iSilo sakithi eMgungundlovu . Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade ,... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMntwana uMbixambixa ka Mpande

Nina abeNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kumaHashanga #ISilo uDingane leso ! iSilo sakithi eMgungundlovu. Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade. Ake ngiphose itshana elingatheni eSivivaneni ngoMntwana uMbixambixa ka Mpande . UMntwana uMbixambixa wayebuthelwe eButhweni loMkhandandlovu ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeSiduli   (Ant Hill )

Nina abakaMakhalima akhande njengezulu lona limakhalima limandindizela! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu!#ISilo uMpande leso , iSilo sakithi kwaNodwengu. Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade. Ngethemba basaphila abeSilo. Thina sisaphila eMantungweni. ISi... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoNukani iKhambi  (uShibhambhemu)

Nina abakaSingquma kakhulumi kanamlomo akanjengoDlondlwana lwakithi kwaBulawoyo lona olwaqed’umuzi ngokunkenkeza! IMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka gaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqed’amadoda! #ISilo uDingane leso , iSilo sakithi eMgungundlovu... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!