Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Mathaba

Izithakazelo nomlando wakwaMathamba(AbaseMacambini)   Abantu bakwaMathaba ababuye baziwe ngokuthi bangabantu baseMacambini bangaMalala Nguni ngokwezigaba zabeNguni.Sibathola bakhe ngasemfudlaneni iNyalazi beholwa nguMathaba uqobo.Kwathi ngemuva kokukhothama kwenkosi uMathaba ubukhosi bawela kwindlalifa yakhe uMcambi nokunguyena okwagcina kubizwe ngaye isizwe saseMacambini.Ngesikhathi sikaMacambi isizwe sakwaMathaba sasuka ngasemfuleni iNyalazi sagcina sizinze kwaMthethwa.Ngaleso sikhathi kwaMthethwa kwakubusa uNomagaga kaKhayi (inkosi uJobe) uyise woDingiswayo noThana.Inkosana kaMacambi kwaku... qhubeka ufunde »

Incazelo ngomuthi uQonsi  (Erosemia umtamvunense)

Incazelo ngomuthi uQonsi  (Erosemia umtamvunense) Nina bakaSifuba singungu singungubele nyakana sabhobokayo umuntu uyakuzizwa izindaba.UZitho zimbombo zimbombonono zifana nezikadadewabo uSililo.USomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayuikhexa imilomo.Enhla nasezan... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMabelejongosi  (Eulophia speciosa)

Incazelo ngoMabelejongosi  (Eulophia speciosa) Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdelebe.IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma.UGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi.N... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeMpisi  (Hyena)

Incazelo ngeMpisi  (Hyena) Nina bakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuka naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi, kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe.IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma.Lesi silwane enisibona esithombeni kuthiwa ‘iMpisi’ngesiZulu.NgesiTswana... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNcamashela  (Eriospermum cooperi)

Incazelo ngeNcamashela  (Eriospermum cooperi) Nina abeNgodlamkhonto yakithi oPhindweni ithi yiwona onguBaba yiwona onguMama,uKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi emaphethelweni.Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo.Ngethemba basaphila. INcamashela Nina beSilo lo muthi eniwubona esithombeni kuth... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoQhume  (Hippobromus pauciflorus)

Incazelo ngoQhume  (Hippobromus pauciflorus) Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kubesengathi ngibuka isihlahla soMdlele.Amanzi omthombo wakithi kwaNobamba engiphuze kuwe ngagangatheka ngaphos’ukudliwa ziMamba.INgqayingqayi kaPhunga noMag... qhubeka ufunde »

Langa

Izithakazelo nomlando wakwaLanga Lo mlando ucashunwe encwadini kaSolwazi esihloko sithi ‘Izizwe zamakhosi akwaZulu,uMqulu 3’. Abantu bakwaLanga bangamaNtungwa Nguni ngokwezigaba zabeNguni.Laba bantu bakwaLanga bakanye nabantu bakwaKhanyile. Babuye bahlobane nesizwe sakwaMajola,Mchunu,Zulu,Qwabe,... qhubeka ufunde »

Luthuli

Izithakazelo nomlando wakwaLuthuli  Abantu bakwaLuthuli badatshulwa nguZakwe owazala uMavela yena wazala uLuthuli yena wazala uMadlanduna,uMadlanduna wayenamadodana amabili uNkomo noDole.Emandulo kuthiwa abantu bakwaLuthuli babengabantu besibongo esisodwa nabantu bakwaNgcolosi.Babakhelane nesiswe s... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeCishamlilo  (Pentanisia prunelloides)

Incazelo ngeCishamlilo  (Pentanisia prunelloides) Nina bakaKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi eMaphethelweni,iNgodlamkhonto yakithi oPhindweni ithi yiwona onguMama yiwona onguBaba.Enhla nazansi ngiyazibingelela zonke iziNgabade,ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu.Cha,thina sisaphila eMantungw... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMmemezi omhlophe  (uMqonga,Cassipourea malosana )

Incazelo ngoMmemezi omhlophe   Nina abakaSingquma khuluma bakuzwe umoya abasezitheni nabasemakhaya.Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangaene ezinye ziyokufa uMdlebe.INdudumo yakithi eMgungundlovu.UVezi lowo.ISilo sakithi eMgungundlovu,iSilo uDingane.Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade,ngethe... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!