UQeduhlobo/ISizukulwane/UMuzi owawulapha wayangaphi Nina beNgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi. UMudli weNguyazana eyedwa kwaNolele. UMagwaza ayiqhube ayise eKhakonina kwaSothondose! Ngiyayibingelela yonke iNgabade enhla nasezansi , ngethemba basaphila abeSilo. Lesi sithelo enisibona esesithombeni isithelo somuthi okuthiwa uQeduhlobo . UQeduhlobo ubuye waziwe ngokuthi ISizukulwane noma uMuzi owawulapha wayangaphi. Le sithelo sikaQeduhlobo siwumuthi wokuphindisa . Siyingozi kakhulu ekuphindiseni , sishaya sibhuqe wonke umndeni walowo muntu osuke egangile , enze ububi. Sishaya nesizukulwane , ingakho lo muthi ubuye ubizwe ngeSizukulwane. Sizebenza kakhulu uma kugezwa amanzamnyama. Amanzanyama yisimo lapho umthakathi evuka khona ebusuku kweSikabhadakazi aphehle umndeni othile okhambeni olunamanzi amnyama . Kulawo manzi amnyama kusuke kukhona imithi efana noDungamuzi, uManxiweni kanye neminye esetshenziswa ngabathakathi uma benza ukungcola kwabo . Uma umthakathi ephehla amanzi amnyama uye akhulume , abiza amagama amalungu alowo mndeni asuke ewuphehla. Isikhathi esiningi lowo mthakathi usuke eyisihlobo sakhona kulowo mndeni asuke ewuthakatha, ngoba uyakwazi ngisho nokuphendula nedlozi lakulowo mndeni asuke ewuphehla,
read moreUMganu /Marula/Sclerocarya birrea Nina abeMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela, ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda🙌🏾 Ngiyayibingelela yonke iNgabade enhla nasezansi. Lo muthi osesithombeni kuthiwa uMganu ngesiZulu, udume kakhulu ngeleMarula. Ubuye waziwe ngoBaganiselwa. Umuthi waseAfrika lona owenza izinto eziningi. Izithelo zawo ezibizwa ngaMaganu kwenziwa ngazo uTshwala besiLungu . Lo muthi ngokolimi loSodayensi ubizwa ngokuthi i”Sclerocarya birrea. NgesiSuthu kuthiwa i-Morula . NgesiTsonga ubizwa ngeKanyi ,kanti ngesiVenda kuthiwa u’Mufula’. Zimbili izinhlobo zoMganu,futhi zombili zikhula zibe zinde impela kangangokuthi zingafinyelela kumaMitha angamashumi amabili(20). UMganu wokuqala uthela izithelo ezingaphezudlwana kwamaThunduluka. Lezi zithelo ziba luhlaza uma zingakavuthwa, uma sezivuthiwe ziyawuguqula umbala kancane ucishe ube Phuzi . Lezi zithelo ziyadliwa,zimuncwana uma uzidla . Yizona kanye okwenziwa ngazo uTshwala besiLungu(igama ngizoligodla). Kanti nabantu abansundu benza ngazo uTshwala, ababubiza ngokuthi “wuTshwala bamaganu. UMganu wesibili uthela izithelo ezinombala oluhlaza uma zingakavuthwa, uma sezivuthiwe ziyawuguqula umbala ube bomvu. Lezi zithelo zincane kakhulu uma uziqathanisa nezoMganu wokuqala. Lolu hlobo
read moreIDelele/iGusha /iOkra. Nina bakaTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela, babuphuzwa imihlambi yezinyamazane Le sitshalo enisibona esithombeni sibizwa ngokuthi “iGusha” ngesiSwati . NgesiNdebele sakwaMthwakazi kuthiwa “iDelele”. NgesiLungu sibizwa ngeOkra. Lesi sitshalo asinalo igama lesiZulu lesiZulu, kwazise abantu bakwaZulu abasikhonzile,kanti abanye abasazi nokusazi. Siyadliwa lesi sitshalo , sidliwa njengeSishebo,sidliwa ngePapa. Uma upheaka iDelele akufanele ulibhubhudlele uSawoti uma ngoba lokho kuwukuliqeda amandla. USawoti ufakwa kancane. Zimbili izinhlobo zeDelele/iGusha. Kukhona inhlobo etshalwayo . Bese kuba khona inhlobo emila endle, leyo nhlobo abantu bakwaMthwakazi bayibiza ngokuthi “iDelele lamahlamvu” . Ukunambitheka kwalezi zinhlobo kuyefana ,kanti nemisebenzi nayo iyefana. IDelele/iGusha liba lula kabi uma selivuthiwe,futhi kuba lukhuni ukulisheba ngePapa esitsheni ngenxa yobulula balo,kangangokuthi abanye baze bakhethe ukuliphuza. Bayalincoma oDokotela , bathi lilawula uShukela neAsidi kumuntu. Phecelezi” it stabilize blood sugar and acid in a human’s body” . Kanti lihle kakhulu uma uwumuntu onenkinga yokungayi ngaPhandle(ukuyozikhulula). Phecelezi “constipation problems”. Bathi livula yonke imigudu evalekile ngaphakathi, lenze nendle ibe
read moreIncazelo ngoMviyo (uMtulwa,Wild medlar) Nina abeNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kumaHashanga! UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo.Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye zifofa uMdlebe.USela lintongande lawoBaleka elithabathe umshiza lawetshatha liyawugalela ngawo eMankenganeni.Ngethemba zisaphila iziNgabade.Esithombeni nina beSilo uMviyo obuye waziwe ngoMtulwa.Siyazazi izithelo zawo ezibizwa ngokuthi amaViyo noma amaTulwa ngoba ziyadliwa ekwaluseni. Wenzani uMviyo UMviyo muhle kakhulu ekulweni kodwa awunakiwe.Kuye kusetshenziswe izimpande kule nduku.Ziyalwa kakhulu izimpande zoMviyo.Muhle uMviyo ekugezeni aManzamnyama.Muhle uMviyo ekulweni namaphupho amabi.Muhle nakuMabutho athunywa ukuyolwa.UMviyo uyangena kwezophalaza,kwezokugquma,kwiZikhafulo,kwezokukhotha,kanye nakwezokugeza.Unamandla kakhulu ekulweni.Muhle nasemithini emhlophe yenhlanhla kwazise vele ungena njengenduku ezokulwa nakho konke okubi.Muhle uma uzowuqhatha nezinduku ezifana noQhume,uVumakubangoma omhlophe,iNhlanhlemhlophe,uVelabahleke kanye neminye imithi.Muhle nasezindukwini zamaSoka.Unamandla kakhulu uMviyo nakwezokucija uBhoko lweSisu.Unamandla impela nakuleyo ndawo.Ubuye ube yintelezi uMviyo.Uyangena kwezokuchela izinduku zoMngangela,kwezaMabhande,kwezokuqina njalo njalo.Muhle nakumaGobongo ikakhulukazi eloMndiki neloMndawe.Endulo uMviyo kwakuqiniswa ngawo impi uma izophuma iyohlasela.UMviyo ubuye uphuziswe imfuyo ukuze ikhuluphale.UMviyo ongeminye yemithi enamandla ekubulaleni amagciwane angaphakathi ushise nezilonda ezingaphakathi nezingaphandle ingakho unamandla kwezokucija uBhoko lweSisu.Impuphu yezimpande zoMviyo
read moreIncazelo ngeMfeyenkawu (uhlobo lwePhakama) Nina abakaSomnandi ka Ndaba woza nagnge umlomo uyangiwa kithi kwaZulu.UNowelamuva wawoShaka,uMdayi sabela kweliphesheya.UZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni.ISilo sakithi kwaNodwengu leso iSilo uMpande ka Senzangakhona.Nanti iPhakama elibizwa ngokuthi iMfeyenkawu.Uma kukhulunywa nagamaPhakama kusuke kushiwo izihlahlana ezimila phezu kwezihlahla ezinkulu.KwezaMakhathakhatha umsebenzi wePhakama wukuphakamisa eminye imithi,noma ukuyiphama amandla.IPhakama liyaliphakamisa nedlozi. Yenzani iMfeyenkawu IMfeyenkawu yinhle kakhulu eMagobongweni,ikakhulukazi kweloMndiki neloMndawe.IMfe yenkawu iyangena futhi nakwezenhlanhla,izinduku ezimhlophe,ikhuphula amandla ezinye izinduku.AmaSoka ayikhonze kabi iMfe yenkawu,akhuphula ngayo amandla eNduku yawo emhlophe yokuphalazela ubusoka.Kanti futhi iMfeyenkawu ibuye ibe yintelezi, ingena kwezokuchela ekhaya ,ukuxosha imimoya emibi.Abanye bayayitshala ekhaya ukuze ivimbe abasokoco ukuba bengangeni ekhaya. Iyakhiwa ehlathini, bese ibekwa nje endaweni ephakeme ikakhulukazi phezu kwesihlahla.Noma yenzelwe isigxobo esinezimbaxa ngaphezulu ukuze ihlale kahle.Abanye bayibeka esibayeni ukuze ivikele izinkomo ezilwaneni zabasokoco.IMfeyenkawu iyangena naseZikhafulweni,iyangena futhi nasembizeni ephuzwa insizwa enenkinga yokungabatholi abantwana. ye iqhathwe noDlutshani,uMdubu kanye neminye imithi. Khumu! Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”uthole ulwazi oluthe
read moreNina bakaNdaba omuhle kakhulu,uNdaba ngiyameba ngimuke naye ,ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe🙌🏾 Ngiyayibingelela yonke iNgabade enhla nasezansi. Lesi sihlahla enisibona esithombeni kuthiwa iMoringa Tree. Asinalo igama lesiZulu. Lesi isihlahla esinconywa kakhulu ngoDokotela basemhlabeni jikelele. Basithwele ngeQoma, bathi yisona esihamba phambili ekudambiseni amandla esifo sikaShukela phecelezi i-Diabetes ,ikakhulukazi lena ebizwa ngePre-Diabetes. Lona wumuthi owande lena kwelaseNdiya, nokuyilapho waqala khona. Uyatshalwa lomuthi, kepha uyazikhetha izindawo. Kwezinye izindawo uyakhula kahle , uthele nezithelo, kwezinye ufa usemncane. Lapha eNingizimu Afrika utholaka eLimpopo. Kusebenza amacembe kulomuthi. Bayawomisa, bagaye impuphu enombala oluhlaza ebizwa ngokuthi i-Moringa Powder. Le mpuphu iyatholakala nasezitolo ezinkulu. Le mpuphu isetshenziswa ukudambisa amandla esifo sikaShukela, inekeza amandla amaSotsha omzimba,phecelezi ‘it boost immune system.’ Idliwa nePhalishi elithambile , elingenawo ushukela. Noma ithelwe nje iNgilazini yamanzi, kugoqozwe, bese kuyaphuzwa. Noma ngithelwe eNgilazini yobisi, kuphuze lona okhathazwa isifo sikaShukela. Le mpuphu inhle kakhulu koBaba abangayitholi inzalo, abanenkinga yokuthamba kweNduku,noma ukuwa kwayo. Iqinisa
read moreNina bakaMkhwamude wangisika isilevu, uNsungulo olude lwangithunga impumulo ISikholokotho. Lona wumuthi oletha izinhlanhla kubantu uma utshalwe egcekeni lekhaya. Uvimba izinyoka ukuba zingangeni ekhaya. Ubuye ungene nasembizeni yezikelemu. Kanti futhi uwumuthi omkhulu wokwelapha nezindlebe, kukhanyelwa umhluzi wamacembe awo ezindlebeni ezibuhlungu. Zimbili izinhlobo zalomuthi iSikholokotho, kukhona iSikholokotho sangaphandle kanye nesangaphakathi . Esangaphakathi sitshalwa ethinini ,bese sifakwa ngaphakathi endlini, nasemakamelweni imbala. Siletha izinhlanhla ngaphakathi endlini, sidonsa nomoya we-oxygen nokwenza ukuthi abantu abangaphakathi endlini baphefumule kahle, siwusizo kakhulu kwabaphila nesifo sokuxinana phecelezi Asthma. Sixosha yonke imimoya emibi ,esingaphakathi endlini. Bese kuba khona iSikholokotho sangaphandle. Esitshalwa egcekeni ekhaya, sivimba imimoya emibi ukuba engangeni ekhaya. Iphunga laso lizondwa izinyoka kakhulu. Inyoka ayisondeli lapho kutshalwe khona lo muthi. Uma ike yalihogela ivele ijike ibuyele emuva ingabe isangena ekhaya . Kuyileso sizathu lo muthi waziwa ngokuthi yi-Snake Plant ngesiLungu. Sibuye saziwe ngeMother in Law’s tongue, noma nge Sanseviera . Zombili izinhlobo zeSikholokotho ziyazihlosha izinyoka ekhaya, ziyelapha futhi nezindlebe
read moreImizi yamakhosi akwaKhumalo: Imizi yenkosi uMashobana kwakuseNsingweni, eNyandeni kanye naseNdinaneni Yonke le mizi yayakhelwe eMkhuze. Omakhalelwane benkosi uMashobana kwakungabakwaNxumalo ababakhe ngasentatshaneni iTshaneni. ENdinaneni kwakukwabo Mzilikazi . Inkosi uMashobana yayizele kakhulu amadodakazi , esingabala kuwo oNtanase ;Ngiyalila,Nozipholo,Nozinhlwathi nabanye. Yebo nezinsizwa zazikhona kodwa kwalwande kakhulu izintombi. ENsingweni kwakukwabo Mdleleni owagcina engukhokho wabakwaNyawose. Inkosi uMashobana yayizalwa inkosi uZikode kaMkhatshwa. Yona-ke yazala uMzilikazi owawugqamisa kakhulu umlando waMantungwa . Umuzi wenkosi uBheje kwakuseTsheni likaBheje. Lo muzi wawakhe endaweni yaseNgome. Inkosi uBheje yayizalwa inkosi uMagawozi kaZikode umfowabo Mashobana kaZikode. Inkosana yenkosi uZikode kwakunguGasa kaZikode owazala uMagugu , uDonda noSiwela. USiwela ungukhokho waMantungwa akwaNdlangamandla. Umuzi wenkosi uDonda kwakuseZizibeni. Lo muzi wakwakhe ngaphezu komfula iSikhwebezi . Kusuke kushiwo wona lo muzi uma kuthiwa kumuntu wakwaKhumalo ‘Donda weZiziba’. UDonda wayazalwa nguGasa njengoba besengishilo. Yena wazala uMaqandela. Umuntu owawwugqamisa kakhulu umlando waMantungwa kulendlu kaDonda nguMahlangeni kaGawozi Khumalo owabe eyimbongi yeSilo uCetshwayo kaMpande. UMahlangeni wasala empini yaseMsebe ngowe 1883 empini
read moreUmlando ngeQhawe lakwaMbatha u-Manyosi ka Dlekezela Isisho esithi ‘Sobohla Manyosi ‘ sakheka ngoManyosi uMfoka Dlekezela waseMaMbatheni. Le nsizwa yakwaMbatha yabe iyiQhawe elikhulu leZiNgonyama u-Shaka , u-Dingane kanye noMpande . Kuthiwa yayondlekile, iqatha, isukile naseGadeni ,iyinde ilaphaya. Kuthiwa le nsizwa yayidume ngokudla imbuzi iyodwa vo iyishaye iyiqede maqede yehlise ngomhluzi wayo wayo kanye nezinkanjana zamankwebevu. Kuyileso sizathu into ka Dlekezela yazimuka kakhulu, yaba nesisu esikhulu . Kuthiwa ize u-Manyosi wayeqatha ezimukile kodwa kwakuthi uma sekuliwa agxume awuzwa nhlobo umzimba wakhe owabe umkhulu, singasho nje ukuthi ubuqhawe bakhe babuthi abufane nobuka Nozishada ka Maqhoboza Nzuza kanye noMbiko ka Madlenya Masuku nabo okuthiwa babekhuluphele kodwa kwakuthi uma isinyathela awabantwana bahlabane kakhulu bagonise izitha amathumbu. U-Manyosi -ke yena wayengagcini ngokuba liQhawe kodwa wayebuye abe u-Somahlaya weziNgonyama kusukela eNgonyameni u-Shaka kuze kube seNgonyameni yakwaNodwengu u-Msimude. Kuthiwa wayededela amahlaya anzima kabi okaNdabezitha ,zihleke iziNgonyama kuze kube buhlungu izisu. Kuthiwa imfuyo yakhe yayibulala inyoka okaNdabezitha, izinkomo kungu-Chibidolo
read more