UKUNYATHELA USELWA / UMKHOSI WOKWESHWAMA/INXWALA/INCWALA Lona nguMkhosi owethakaselwa kakhulu isizwe samaZulu. Uqhutshwa ngasekuqaleni konyaka ngenyanga kaMasingana (Janawali). Ngalesi sikhathi uselwa lusuke seluvuthiwe seluwulungele lomsebenzi. Ubuye waziwe ngokuthi nguMkhosi Wokweshwama ngoba ‎kusuke kweshwanywa ukudla okusha ezweni. Isizwe asivunyelwe ukuthi sidle kuqala ukudla okusha oNgangezwe lakhe engakakudli maqedane akhulule isizwe sakhe ukuba sidle. Owayeqa lomthetho adle ukudla ngaphambi kwalo Mkhosi wayejeziswa ngoba ngisho neNgonyama yayingakudli ukudla okusha ngaphambi kokuba inyatheliswe uselwa. Lo Mkhosi eSwazini waziwa ngokuthi i’Ncwala’. KwaMthwakazi loMkhosi waziwa ngokuthi ‘yiNxwala /uMkhosi weNxwala’. Amabutho eNgonyama akha amadlangala ahaqe umuzi weNgonyama ngaphambi kokuba kube yilolu suku olukhulukazi. Alala kuwo lamadlangala, avuke ebusuku kusempondozankomo ahube amahubo empi akhuze nezaga kube kuhle kube yinqaba. Uma kulungiselelwa loMkhosi iNgonyama ayilali elawini layo kodwa ilala endlini yobukhosi. Umuntu onelungelo lokungena kuba ngunina nezalukazi ezindala kanye nensila yayo. INgonyama iyabazila oNdlunkulu ngalesi sikhathi nabo futhi ababi uvanzi bagcaluze ebaleni lenxuluma njengokwejwayelekile. Uma iNgonyama ilindele loMkhosi ihlezi kulendlu
read moreIncazelo ngenyoka iNyandezulu🖋️👇🏿 Nina bakaMenzi kabongwa ngaBalandakazi ubebongwa ziNjenje zaseMqekwini🙌🏿 Yini iNyandezulu? INyandezulu yinyoka encane ngesidumbu, inombala uluhlaza ,inamabadlana amnyama entanyeni. Yiyo lena eniyibona esithombeni. NgesiLungu kuthiwa ‘iSpotted Bush Snake’ .Le nyoka akuyona iNdlondlo noma uDloko nina beSilo . INyandezulu inyoka engenabo ubuthi,noma ilume umuntu akafi. Le nyoka ikhonze ukuvakashela abantu emakhaya, ifike izisonge othangweni, noma ingene ngaphakathi impela endlini ,ihlale ezintingweni. Le nyoka ibukeka ihlaniphile kakhulu, ihlezi igijimisa amehlo. Ayiwasusi kakhulu kulona oyibone kuqala, iwagijimisa ilokhu ibheka ngakuye. Abantu abansundu bakholelwa ekutheni le nyoka iyinyoka yedlozi. Bakholelwa futhi ekutheni uma ike yabonakala ekhaya kusuke ukungaBantu abadala abasuke bevakashile. Ngakho-ke kudingeka ukuba uSokhaya ababembe iSiphongwana ahlabele aBaninimuzi ,aphise noKhanjana lotshwala- abonge ukuvakasha kwabo ekhaya . Abantu abangasekho (amaDlozi) babizwa ngeziNyandezulu nje kususelwa kuyo le nyoka . Kukholelwa futhi ekutheni lona osuke eyibone kuqala le nyoka,nguyena kanye esuke ize kuye. Ngakho-ke imbuzi ehlatshelwa le nyoka kanye notshwala obuphiswayo buqondaniswa naye lona
read moreUmlando ngoJobe 18 Dec 2022 Umlando obhalwe phansi ngenkosi uJobe ka Khayi yabakwaMthethwa.🖋️ Endulo babebabili uJobe ,kwakukhona uJobe wakwaMthethwa kanye noJobe wakwaSithole. UJobe wakwaSithole yena wayezalwa uMaphitha, waphila ngesikhathi sokubusa kweSilo uShaka kwaZulu. UJobe wakwaMthethwa yena waphila ngesikhathi sokubusa kwenkosi uJama ,kwaze kwaba isikhathi sokubusa kwenkosi uSenzangakhona ka Jama. Bobabili oJobe babengamakhosi. Okubuye kumangaze kakhulu wukuthi bobabili oJobe bazala oMondisa. Ngamanye amazwi endulo babebabili oMondisa ka Jobe ,kwakukhona uMondisa ka Jobe wakwaMthethwa owaphila ngesikhathi seSilo uShaka,iLembe . Kwakukhona futhi noMondisa ka Jobe wakwaSithole owaphila ngesikhathi sokubusa kweSilo uMpande , yena wazala uMatshana owabuthelwa ebuthweni uThulwana elalibuye laziwe ngaMamboza. Ibutho uThulwana labuthwa iSilo uMpande , lalande kakhulu aBantwana beSilo uMpande , kubandakanya noMntwana uCetshwayo. Lokho kuchaza ukuthi uMatshana ka Mondisa ka Jobe wayeyintanga yeSilo uCetshwayo. Inkosi uJobe ka Khayi yabaThethwa izala inkosi uDingiswayo. Inkosi uDingiswayo yiyona eyalandela inkosi uJobe esihlalweni sobukhosi. Ngesikhathi sokubusa kwenkosi uJobe Mthethwa kwasekuqalile ukubuthwa kwamabutho,kwazise kuthiwa kwaqala
read moreIncazelo ebhalwe phansi ngoNomkhubulwana 🖋️ Lolu lwazi lucashunwe encwadini yoBaba uNxumalo noNyembezi esihloko sithi ‘iNqolobane’. Kuthiwa uNomkhubulwana wabe aziwa ngokuthi uyiNkosazana yeZulu, noma indodakazi ka Mvelinqangi, uNkulunkulu owadala izulu nomhlaba. Kuthiwa abantu basendulo, babekholelwa ekutheni uNomkhubulwana unikeza abantu izivuno ezinhle. Futhi babekholelwa ekutheni nguyena owayekwazi ukubaxhumanisa noMvelinqangi . Nguyena owabe edlulisela izicelo zabo kowaVela-kuqala. OKhokho bethu babemazisa kakhulu uNomkhubulwana, bemthwele ngeqoma , kangangokuthi babeze bamtshalele nensimu yakhe. Kuthiwa insimu ka Nomkhubulwana yayilinywa ngamakhosikazi wonke esigodi ,ayeyilima ngamakhuba emikhono. Kule nsimu ka Nomkhubulwana kwakutshalwa ingxubevange yembewu ,kuthi lapho komila khona kube yinto exubene,kungahlakulwa kungavunwa. Mhla kulinywa le nsimu oMame babehuba iHubo elaliqondene naye uNomkhubulwana. Lelo Hubo lalithi Oholayo “Nang’uMagejana nango! Sibiz”amabele awoMame! Abavumayo “Wo hhaye ! Buyani madoda. Niz’ekhaya ! Wo hhaye hhaye!” Kwakuthi ngesinye isikhathi uNomkhubulwana aphiselwe uNomdede igama lotshwala ayephiselwa bona liqondiswa futhi nedili lonke nje lika Nomkhubulwana. Lobu tshwala bukaNomkhubulwana babusiwa ensimini yakhe uNomkhubulwana, obunye babuphuzwa ,kuhutshwe neHubo likaNomkhubulwana.
read moreUMngoye Ka Dingiswayo 01 Dec 2022⬇️ Umlando ngoMngoye ka Dingiswayo. UMngoye wabe engenye yamadoda eSilo saBathethwa, iSilo uDingiswayo ka Jobe ka Khayi . Ngokomlando obhalwe phansi ,ezincwadini zoStuart , Bryant nabanye kuthiwa iSilo uDingiswayo sakhothama ngo1818,ngesandla senkosi uZwide ka Langa,yaMandwandwe. Kuthiwa sakhothama singayikhombanga indodana eyabe izothabatha isikhundla sayo,uma sona sesikhotheme . Kwasuka isidididi kwelaBathethwa emuva kokukhothama kweSilo uDingiswayo, uMondisa ka Jobe wazibeka njengenkosi yaBathethwa . Esezibekile kuthiwa waqala ukusoconga izikhulu zakwaMthethwa ezabe zingahambisani nokuzibeka kwakhe . Kuthiwa wabulala eziningi impela izikhulu. Kepha naye wagcina eshonile , ebulawa yimpi yeSilo uShaka . Kuleso sidididi ,noma ngithi kulezo zinxushunxushu kuthiwa kwaba khona aBathethwa abalifulathelayo elaBathethwa . Kubalwa nenkosana yeSilo uDingiswayo,uSomveli okuthiwa waphikelela kwaSoshangane,kwaGasa ,eMuzambikwe. USomveli wazala uSitimela , owagcina ephindele kwaMthethwa ,wayozama ukuthatha ubukhosi kepha kwahlanga zemuka nomoya . Isizathu esabangela ukuthi abanye baBathethwa bathi nyomu kwelaBathethwa kwaba wukuthi emuva kokubulawa kukaMondisa ebulawa iLembe, iLembe labeka uMmbiya ka Shangana ,owabe engafanelwe ubukhosi
read moreUmlando ngoMondisa/e ka Jobe Mthethwa. Endulo babebabili oMondisa, kwakukhona owakwaSithole ,kwakukhona futhi nowakwaMthethwa. OwakwaMthethwa wabe engenye yamadodana enkosi uJobe ka Khayi,engumfowabo wenkosi uDingiswayo. UMondisa wakwaSithole wayezalwa inkosi uJobe ka Maphitha Sithole, nguyena owabusa abakwaSithole eQhudeni emuva kokukhothama kwenkosi uJobe . Yena wazala uMatshana ,owabusa abakwaSithole ngesikhathi seSilo uCetshwayo . Inkosi uMatshana ka Mondisa yabamba elikhulu iqhaza empini yaseSandlwana,mhla uZulu wehlula amaNgisi ,mhaka 22 Masingana 1879. UMondisa wakwaMthethwa yena waphila ngesikhathi sokubusa kweSilo uShaka, iLembe. Ngokomlando obhalwe phansi ezinqolobaneni ezilondoloza umlando, kuthiwa inkosi uDingiswayo yakhothama ngo1818 ,ngesandla senkosi uZwide ka Langa Ndwandwe, kuthiwa yakhothama ingayikhombanga insizwa eyabe izoyilandela esihlalweni sobukhosi . Kwathi ukuba inkosi uDingiswayo ikhothame, uMondisa wazibeka esihlalweni sobukhosi , waba nguyena inkosi yaBathethwa. Kuthiwa ukuhlala kukaMondisa esihlalweni sobukhosi kwabangela ukuba isizwe saBathethwa sinqamuke kabili. Enye ingxenye yamvuma uMondisa njengenkosi , kodwa enye kayavuma ukuba aphathe. Kuthiwa uMondisa waqala-ke manje ukubulala izikhulu zakwaMthethwa azabe zingahambisani nokuphatha kwakhe. Kuthiwa wazingenela impela
read moreIncazelo ngamaqanda ka Xamu Nina bakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi kwaZulu,uTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane.ISikhukhulane sikaNdaba esikhukhule oMame sabetshatha saye sayobalahla ezinkwazini zoThukela!ISilo uMpande leso, iSilo sakithi kwaNongwengu.Ngethemba nisaphila nina beZulu eliphezulu.Sisaphila thina kwaSokhumalo Amaqanda ka Xamu Amaqanda ka Xamu ayiSibunge esihle seBhizinisi.Aye athakwe kwiZibunge zeBhizinisi ,athakwa neminye nemithi yokudonsa.Mahle kakhulu kakhulu nasemfuyweni, awuMkhumiso wezinkomo.Enza izinkomo zizale ngendlela exakile.Azehlukani izinkomo ezisetshenzwe ngamaqanda ka Xamu,zidla ndawonye.Abuye angene nasendukwini yenzalo yoMame,oMame abahlushwa wukungabatholi abantwana.Amaqanda ka Xamu uwathola uma ube nenhlanhla yokubualala uXamu omithi.Noma uwathole eceleni kwesiziba,lapho uXamu osuke uwagqibe khona,uwafukamele.Phela uXamu amaqanda uwafukamela njengeNgwenya,uwagqiba phansi, ebese wona ucambalala phezulu.Kuningi okusebenzayo kuXamu,inhliziyo ingena kwezeSibambelelo, phela kuthiwa uXamu uba noMlingani oyedwa,ufana neMbulu.Uma kwenzeka efa lowo Mlingani bathi uXamu uvele uzihlalele,awuhambi wenza ucansi nabanye oXamu abaningi. Bathi neMbulu nayo injalo.Amafutha ka Xamu axosha isilwane,ayabethela nomuzi. Khumu! Thola ulwazi oluthe xaxa ngemithi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo
read moreUmlando ngenkosi uSomkhele ka Mayanda ,yaBakhwanazi *Kuloba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo* Abantu bakwaMkhwanazi endulo sibathola bakhe kwaDlangezwa eningizimu yomfula uMhlathuze . Enye ingxenye yabo yayakhe ngakwaMpukunyoni. Kulesi sizwe saBakhwanazi kwavelela amaqhawe amaningi. Elinye lalawo maqhawe yinkosi uSomkhele ka Mayanda . Inkosi uSomkhele yavelela kakhulu ngesikhathi seZilo oCetshwayo noDinuzulu. Yayibuthelwe ebuthweni laMamboza, ibuthwa yiSilo uMpande ngo1854. Ibutho laMamboza lalande aBantwana beSilo uMpande , kubandakanya noMntwana uCetshwayo . Leli butho lalibuye laziwe ngoThulwana, iningi lezinsizwa zaleli butho zazizalwe ngo1834. Uyise wenkosi uSomkhele inkosi uMayanda ka Veyana yena wabe engenye yezinduna zenkosi yaBathethwa , inkosi uDingiswayo ka Jobe. Wayehola ibutho lakhona kwaMthethwa elalaziwa ngokuthi yiNingizimu. Inkosi uMayanda yaganwa nguMntwana uNtikili ka Senzangakhona,nguyena owazala inkosi uSomkhele. UMntwana uNtikili wayezalwa uNdlunkulu wenkosi uSenzangakhona uSongiya ka Ngotsha wakwaHlabisa ,obuye abe unina weSilo uMpande ,naBantwana oNozicubu noNzibe. Inkosi uSomkhele yalwa ngokuzikhandla eSandlwana , empini yamaNgisi noZulu ,mhlaka 22 Masingana(January) 1879. UZulu wawudla umhlanganiso kulempi. Yabuye yaba yingxenye yamabutho
read more*Umlando ngokuzalwa nokukhula kukaMphrofethi uShembe, uMqaliwendlela,uMqalisi nombumbi wamaNazaretha,nobuNazaretha* Lo mlando ucashunwe encwadini kaBaba uM P Mpanza ethi “UShembe noBunazaretha” Lawamazwi akuleli khasi akhulunywa ngu-Mqali waloluhambo lobuNazaretha isikhonzi senhlupheko obizwa ngokuthi ngu’ Isaiah Mloyiswa Mdliwamafa Shembe’ . Ezalwa ngu-Mayekisa kaNhliziyo kaMzazela kaSokhubuzela kaNyathikazi.AbakwaShembe bangabaNtungwa bakwaDonsa Wawakhuluma lawamazwi kubalandeli bakhe emzini wakhe oyingcwele waseKuphakameni ngonyaka ka- 1926 , ebachazela ngokuzalwa nokukhethwa kwakhe ngu-Jehova ukuba yisikhonzi sakhe . Uthi uma eyilanda indaba yokuzalwa kwakhe,uthi kwakuko 1856 ezalwa . Uthi wazalelwa phansi kOndi kwaNtabamhlophe ,yilapho umuzi wakubo wase wakhe khona ngokusuka kwabazali bakhe lapho kwakukade kwakhe khona oyisemkhulu ezintabeni zakwaCeza. Nanamuhla ikhona lentaba ebizwa ngokhokho wakhe uMzazela lena enhla noNongoma Ngokuhambela kuka-Jehova kuMzazela wathi ‘Mzazela,Mzazela baleka- baleka uye ezweni lasenhla ngokuba ngizovusa iNkosi enolaka emhlabeni kanti enzalweni yakho kuyovela abaProfethi abayosindisa isizwe sami esiNsundu engisakhileyo nengisikhethileyo. UMzazela kazange angabaze walalela izwi likaMvelinqangi ukuthi lalithini kuyena wahamba wabalekela enhla eMahlutshini wayokwakha khona njengoba kuze kuzalwa
read more