Umlando ngenkosi uJobe ka Khayi,yaBathethwa🖋️

Umlando ngoJobe
18 Dec 2022

Umlando obhalwe phansi ngenkosi uJobe ka Khayi yabakwaMthethwa.🖋️

Endulo babebabili uJobe ,kwakukhona uJobe wakwaMthethwa kanye noJobe
wakwaSithole. UJobe wakwaSithole yena wayezalwa uMaphitha, waphila ngesikhathi
sokubusa kweSilo uShaka kwaZulu. UJobe wakwaMthethwa yena waphila ngesikhathi
sokubusa kwenkosi uJama ,kwaze kwaba isikhathi sokubusa kwenkosi uSenzangakhona
ka Jama. Bobabili oJobe babengamakhosi. Okubuye kumangaze kakhulu wukuthi
bobabili oJobe bazala oMondisa. Ngamanye amazwi endulo babebabili oMondisa ka
Jobe ,kwakukhona uMondisa ka Jobe wakwaMthethwa owaphila ngesikhathi seSilo
uShaka,iLembe . Kwakukhona futhi noMondisa ka Jobe wakwaSithole owaphila
ngesikhathi sokubusa kweSilo uMpande , yena wazala uMatshana owabuthelwa
ebuthweni uThulwana elalibuye laziwe ngaMamboza. Ibutho uThulwana labuthwa
iSilo uMpande , lalande kakhulu aBantwana beSilo uMpande , kubandakanya
noMntwana uCetshwayo. Lokho kuchaza ukuthi uMatshana ka Mondisa ka Jobe
wayeyintanga yeSilo uCetshwayo.
Inkosi uJobe ka Khayi yabaThethwa izala inkosi uDingiswayo. Inkosi uDingiswayo
yiyona eyalandela inkosi uJobe esihlalweni sobukhosi. Ngesikhathi sokubusa
kwenkosi uJobe Mthethwa kwasekuqalile ukubuthwa kwamabutho,kwazise kuthiwa
kwaqala ngesikhathi sokubusa kwenkosi uNdaba yabakwaZulu . Inkosi uJobe yabe
inawo amabutho , kuthiwa ayemaningi,kodwa sibona kugqama kakhulu amabili
kuphela,iJobe eliMhlophe kanye neJobe eliMnyama . Lamabutho ayesekhona
nangasekhathi sokubusa kweSilo saBathethwa ,iSilo uDingiswayo. Inkosi uJobe
yabe iyinkosi enamandla kakhulu , yabe ikhothanyelwa nangezinye izizwe
,esingabala aBakhwanazi, aBathiyane,abakwaMbonambi, abakwaDube kanye nezinye .
Yayibongwa ngokuthi👇🏿

“UNomagaga ka Khayi!
Umkhont’omuke noNdiyane
Owahlatshwa yinkwantsha yakoKhuzwayo

ISempu elidla ngomkhont’oyingqamu
Amakhosi edla ngesiyanda
Omshoshobi obungaxha leSilimela
Elibuyis’abantwana ekuthezeni

Ugagane lwehlanze
Oluphal’abantwana ezibunjini
Uthantatha ngemfunda yoswela
UNomagaga wabelungu(kushiwo ngoba nguyena owaqala ukuhwebelana nabaPutukezi
aseDalagubha,okuwumsebenzi owasala uqhutshwa inkosi uDingiswayo)

Ulibinda nkosi!

Inkosi uJobe yabe enemizi eminingi esingabala kuyo umuzi wasoYengweni,
eBayungwini, eNhlambeni(kwabo ka Shangana) neminye. OYengweni yilapho
kwakuhlala amadodana enkosi uJobe amaningi. Inkosi uJobe yazala amadodana
amaningi . Inkosana yayo kwabe kunguThana owayezalwa uNdlunkulu uMabhamba ,
indodakazi ka Nzimase ka Donda ka Shiya wakwaMbokazi. UThana wayelanywa
uGodongwana,okwahamba kwahamba waguqulwa igama waba uDingiswayo ,wagcina
eseyinkosi yaBathethwa eyalandela uyise uJobe esihlalweni sobukhosi. EKhohlo
inkosi uJobe yazala uShangana ,uMbikwana kanye nabanye . EQadini inkosi uJobe
yazala uMawewe ,owayezala isithole sakwaNxumalo . Ayemaningi amadodana enkosi
uJobe, singabala oMondisa, uMyaka kanye nabanye. Kuthiwa inkosi uJobe yaphila
isikhathi eside ,futhi yabusa isikhathi eside kangangokuthi amadodana ayo aze
aqala ukukhononda ,ethi kanti uyise uyokhothama nini kubuse enye inkosi
engowona uMdodovu wekhehla odla inyama egayiwe njengoMcaba. Kuthiwa ngelinye
ilanga izinsizwa zenkosi uJobe zahlangana zabhunga ngoyise zikhala ngokuthi
wayeseluphele kakhulu. Kuthiwa owayehamba phambili ekukhulumeni nguGodongwana,
nabanye -ke bevumelana naye . Kuthiwa amazwi akhulunywa kulowo mhlangano ezwiwa
enye yezinduna zasoYengweni uNodunga ka Makhanya wakwaMthethwa owagijima
owayobikela inkosi uJobe. Kuthiwa inkosi uJobe yathukuthela kakhulu lapho izwa
ngalowo mhlangano wamadodana ayo. Kuthiwa kwedlula izinsukwana inkosi uJobe
yakhipha amabutho ayo ukuba ayoshobocisa oYengweni. Kuthiwa impi yenkosi uJobe
yabathelekela bengazelele aBantwana benkosi uJobe yafike yakaka umuzi,
yabangenela ngemikhonto. Kuthiwa kwashona abaningi , nenkosana uThana naye
wasala enkundleni. Kwathi uGodongwane yena wasinda ,waphulukundlela weqa
uthango wabeleka . Kepha wagwazeka ethangeni ngenkathi eqa uthango, wabaleka
nomkhonto usemzimbeni wayobhaca ehlathini elaliseduze . Kuthiwa ibutho
lakwaMthethwa lamhlala ezithendeni lagcina limtholile kulelo hlathi ayebhace
kulo. Kodwa ngesimanga alizange limqedele , kuthiwa lamkhumula umkhonto
,lambopha nenxeba. Labe selimyalela ukuthi makaqhubeke abaleke. Kuthiwa
wabaleka ngempela waze wayongenisa enkosini uDlaba ka Mavovo yaMachube
,eNkandla. Okuyilapho welashwa khona inxeba laze laphola. Wagcina edlulele
enkosini yaMahlubi , uBhungane ka Nsele lapho ahlala khona kwaze kwafika
isikhathi sokukhothama kukayise uJobe. Inkosi uJobe yashiya ikhombe uMawewe
,yathi nguyena owayezoba inkosi yaBathethwa uma yona isikhotheme . UMawewe
wayesenguMfana owelusa amathole ngenkathi kubulawa abanewabo oYengweni. Kwathi
lapho isikhotheme inkosi uJobe ,wagcotshwa ngempela uMawewe ,waba inkosi
yaBathethwa. UGodongwana yena aBathethwa babengasakholwa nokuthi wayesaphila ,
kwazise kwasekuphele eminingi iminyaka kwenzeka iSibhicongo sasoYengweni.
Eqinisweni ,wayesaphila uGodongwana, wayesankanise khona kwelaMahlubi. Kwathi
uma ezwa ukuthi uyise wayekhotheme wafikela ukulangazelela ukubuyela kubo
,kwaMthethwa. Wabe esecela-ke enkosini uBhungane ukuba akhululwe aye kwelakubo
,ngaleso sikhathi wayeseqiniswe ngezintelezi eqiniswa inkosi uBhungane kwazise
yabe iwuKhokhovu lwenyanga. Kuthiwa yavuma inkosi uBhungane,yamkhulula wahamba
uGodongwana,waphindela kwelakubo. Kuthiwa watheleka kwaMthethwa esahamba
ngeNjomane, esephethe neNduku yamagwala okuhlawumbiselwa ukuthi wayeyephuce
iPutukezi ngoba ngaleso sikhathi kwasekuqalile ukubonakala kwamaPutukezi
kweleNgabade . Kuthiwa kwethuka wonke umuntu kwelakwaMthethwa ngenkathi
kutheleka uGodongwana, izwe lonke lakwaMthethwa lanyakaza,phela aBathethwa
babengasakholwa ukuthi wayesaphila uGodongwana. ABathethwa babuye bethuswa
nayisilwane esasingejwayelekile kweleNgabade ngaleso sikhathi,
iNjomane(iHhashi) , bethuswa nayiNduku yamagwala (iSibhamu) . UGodongwana
utheleka nje sekubusa uMawewe kwaMthethwa. Ukubuya kukaGodongwana kwakusho
ukuthi uMawewe kudingeka uMawewe ehle esihlalweni sobukhosi,kuhlale
uGodongwana,kwazise uGodongwana nguyena owayezalwa eNdlunkulu. UGodongwana
wagcina egcotshiwe , waba inkosi yaBathethwa . Wagcina esebizwa
ngelikaDingiswayo, kususelwa ekudingisweni kwakhe ebalekela ulaka lukaYise .
UMawewe wagcina ebulawe yimpi yenkosi uGodongwana. Ake ngime lapho nina
bakaSongobese wamakhanda . Ngokuzayo sizobheka inkosi uSokwetshana ,yaBathethwa.

*Thola ulwazi ngamakhambi kuYou Tube wethu osihloko sithi Kholo Khumalo TV 📺

#Khumu!

Itshe leSikhumbuzo senkosi uDingiswayo

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo