Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Leboko la Bakwena ba ha Gamabulana

  Ke Mokwena Moila Lehlaka Moroka a Meetse a Pula. Ke motho wa Sehlaga sa Mamashiane Sehlaga se agelwa Kwena. Ke motho wa go itukisetsa go Hlaba Wa Marapo a bo Mmashiko. Ke motho wa go aga Ntlo ka Bodutu. Ke motho wa bo Mamphe ke go fe, wa bo Mantime ke go time. Ke Kwena ke yo Mosehla ka Mmala o ka no tsea wa re ke Leswika la go ikgohla Maoto. “Bakwena Wee Ga E Wele ka Meetseng”

Incazelo ngeNdlovu   ( Elephant)

Nina abakaHlohloloza ngeNdlovu enonhlanya, iNdlovu  emnyama yasoNdini , ethe imuka babeyixokozelela! IGwalagwala likaMenzi elisuke eNtumeni kwabhej’iShowe kwabhej’iNdulinde ! Kwaze kwaya kwabheja noLwandle noThukela! #ISilo uCetshwayo leso ! ISilo sakithi oNdini. Nina beSilo akekho ongamazi uGa... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMkhiphampethu    ( Calpurnia aurea)

Nina abeSinakanaka sezincwadi ebezibhalwa nguMalamande kwabamhlophe abeLungu, iGwalagwala likaMenzi elisuke eNtumeni kwabhej’iShowe -kwabhej’iNdulinde -kwaze kwaya kwabhej’uLwandle noThukela! #ISilo sakithi oNdini leso ! ISilo uCetshwayo ka Mpande. Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgaba... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeziNtokolovu  ( Lannea edulis , iTintokolovu)

Nina abakaHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! UThambekeka wena owaliwayo -thambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi! #ISilo sakithi oNdini leso! ISilo uCetshwayo ka Mpande . Enhla nasezansi ngiyakhuleka kwabeSilo , ngethemba nisaphila, sisaphila thina eMantung... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMondi   (Mondi Whitei ,African  White ginger)

Nina abakaZitho zimbombo zimbombonono zifana nezikaDadewabo uSililo , uMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani? #ISilo sakithi oSuthu leso! ISilo uDinuzulu ka Cetshwayo. Nina beSilo lo muthi eniwubonayo kuthiwa uMondi igama lawo , lelo gama lisuselwa kwelesiLungu elithi Mondi Whitei . Lo muthi... qhubeka ufunde »

Incazelo ngePhengulula

Nina abeNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! IMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengeMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! #ISilo uDingane leso , iSilo sakithi eMgungundlovu . Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade ,... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMntwana uMbixambixa ka Mpande

Nina abeNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kumaHashanga #ISilo uDingane leso ! iSilo sakithi eMgungundlovu. Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade. Ake ngiphose itshana elingatheni eSivivaneni ngoMntwana uMbixambixa ka Mpande . UMntwana uMbixambixa wayebuthelwe eButhweni loMkhandandlovu ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeSiduli   (Ant Hill )

Incazelo ngeSiduli (Ant Hill) Nina abakaMakhalima akhande njengezulu lona limakhalima limandindizela.USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu!ISilo uMpande leso,iSilo sakithi kwaNodwengu.Enhla nasezansi ngiyazibingelela zonke  iziNgabade.Ngethemba basaphila abeSilo.Thina ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoNukani iKhambi  (uShiphambhemu)

Nina abakaSingquma kakhulumi kanamlomo akanjengoDlondlwana lwakithi kwaBulawoyo lona olwaqed’umuzi ngokunkenkeza! IMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka gaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqed’amadoda! #ISilo uDingane leso , iSilo sakithi eMgungundlovu... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoBukhwebezane (Lantana rugosa)

Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyemeba ngimuke naye, ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe! Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! #ISilo sakithi KwaDukuza leso, iSilo uShaka ka Senzangakhona. Nina beSilo lo muthi eniwubona esithomben... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!