Incazelo ngeSithende seZulu (INdabulavalo eyitshe)

ISithende seZulu(INdabulavalo eyitshe)

Nina abeNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! Isela lintongande lawo Baleka elithabathe uMshiza lawetshatha liyawugalela ngawo eMankenganeni! UQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyofa uMdlebe kwaSoshangane!#ISilo uDingane leso, iSilo sakithi eMgungundlovu.

ISithende seZulu (INdabulavalo eyitshe)

Nina beSilo le Nduku eniyibona esithombeni ibizwa ngeNdabalavalo eyitshe ngesiZulu. Ibuye ibizwe ngeSithende seZulu.  Zimbili izinhlobo zeziNdabalavalo engizaziyo mina . Ngazi yona lena esisithombeni , kanye neyigxolo elixetshulwa esihlahleni esikhulu naso esibizwa ngeNdabulavalo. Sizobuye sixoxe ngayo leyo. Okwanamuhla sixoxa ngalena eyitshe. Lena ikhandela uma kushaye uMphezulu phansi , uma umba  uya phansi  kuleyo ndawo lapho osuke ushaye khona uthola yona iNdabulavalo esesithombeni ebuye yaziwe ngeSithende seZulu. Akulona itshe leli, isaNgilazi uma uyibukisisa. ***Le Nduku yinhle kakhulu ekubetheleni ikhaya ukuze lingashaywa uMphezulu. Le Nduku yinhle futhi kwezeSithunzi , emithini yokusatshwa , ikakhulukazi kulabo abanezikhundla emisebenzini yabo-yibona abayisebenzisa kakhulu.Yinhle futhi nakwezokuqina. Le Nduku ingena ezinsini , kwezokugquma , kwezokugeza , kanti abanye bayayithaka nakwezokuphalaza . Ngokuvamisile iNdabulavalo eyitshe iye iqhathwe kakhulu neyigxolo.


Khumu!!

Niphile nina beSilo .Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo