Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Ntuli

AbakwaNtuli [ noma ngithi abaseMabheleni] Abantu bakwaNtuli kwaba ngeside isikhathi baziwa ngokuthi bangamazimuzimu behlala endaweni yabo okwakuthiwa kuseLenge. ILenge lena yintaba eseMnambithi ezansi nomfula iWashibhange, ibhekane nentaba yaseMhlumayo. Ngesilungu le ntaba yaseLenge kuthiwa yiJobstown. Kwakunemigede kuleya ndawo. Kuthiwa laba bantu kabaqalanga baba ngamazimuzimu, kodwa benziwa yisimo sendlala, kwathi ngenxa yokuntuleka kokudla baqala badlana bodwa kwazi kwathi nabantu abedlula ngendlela bangena ogibeni lokuthi badliwa ngabantu bakwaNtuli. Kwaqala lapho -ke ukuba kuthiwe ngamaz... qhubeka ufunde »

Mthethwa

AbakwaMthethwa!!!!! Isizwe sakwaMthethwa singesinye sezinkulu emlandweni wakwaZulu ikakhulu ngesikhathi sokubusa kweNkosi uGodongwana kaJobe(Dingiswayo). Phela abeNguni behlukaniswa izigatshana, abakwaMthethwa bona babizwa ngokuthi ngaMalala.. Abantu bakwaMthethwa badabuka eNyakatho nezwe lakwaZulu,... qhubeka ufunde »

Zuma

AbakwaZuma!!! Ukuze kuthiwe ngabakwaZuma kwathathelwa edlozini labo uZuma owazala uDzama.. Owayephila ngezinkathi zikaLuzumana wakwaZulu.. Imvelaphi yabantu bakwaZuma ngabeSuthu, aBatlokwa. Baliqhamukisa eLisuthu banqamula ezintabeni zoKhahlamba behla njalo baze bafika oThukela. Ekuluweleni kwabo ba... qhubeka ufunde »

Mpungose

AbakwaMpungose!! Abantu bakwaMpungose kuthiwa baphuma kubantu bakwaGwabini(Zungu). Abantu bakwaMpungose babizwa kanjena ngoba kulandelwa igama lomsunguli walesi sizwe. UMpungose lona wayevela emndenini wendlunkulu kaMalandela uNozinja unina woQwabe benoZulu. Uyise kaMpungose kwakunguPhahla. Ngenxa y... qhubeka ufunde »

Zungu

AbakwaZUNGU!!! Badatshulwa nguGwabini owayephila ngizinkathi zoMalandela. Abantu bakwaZungu bayisizwe esidala kakhulu, ngoba phela noNdlunkulu kaMalandela uNozinja wayengowozalo lwasesi sibongo. Abantu bakwaZungu bangaMaNtungwa Nguni. Baqhamuka eNingizimu-Mpumalanga yeNtilasifali. Ngisikhathi sikaNc... qhubeka ufunde »

Zwane

AbakwaZWANE Abantu baseMangweni(abakwaZwane, Cebekhulu, , Linda, Nsele , Hudle nabanye) imvelaphi bangabaseMbo Nguni. Lokho kusho ukuthi baduka eSwazini njengabo bonke aBambo. Kuthiwa indawo abafike bazinza kuyona kulapho manje sekuzinze khona inkomponi yaseHlobane. Bagqama kakhulu , ngesikhathi seb... qhubeka ufunde »

Khoza

AbakwaKhoza!!!!!      Imvelaphi yabantu bakwaKhoza iyefana neyabantu bakwaKhumalo, Mabaso, Mchunu kanye naBaThembu ngoba bonke badabuka ndawonye eNingizimu neNtilasifali. Bahamba ngomgudu owodwa, baze bayozinza ezinkalweni zaseNquthu,Babanango kanye naseNkandla. Kuk hona abathi abakwa... qhubeka ufunde »

Bhengu

AbakwaBhengu( abakwaNgcolosi).. AbaNguni behlukaniswe ngezigaba ezinhlanu. Kukhona aMantungwa Nguni,2 AbeNguni baseMbo, 3 AbeNguni baseButhonga, 4 AMalala noma AmaNhlenga Nguni**, kanye naMaDebe Nguni.. Abantu bakwaBhengu(Ngcolosi) bawela esigabeni esibizwa ngokuthi ngaMaLala noma AmaNhlenga Nguni i... qhubeka ufunde »

Mabaso

AbakwaMABASO!! UBUKHOSI BAKWAMABASO!! MMUSI MMUSI II NDABEZITHA I MBULAZI MNTUNGWA MABASO MANGETHE MTHIYANE NDABA II VEZI LAMULA NYATHI NKATHAZO DENJANE HWANQA FAKU NGUBHANE MZAKAZA PENI MTHUKU’THELI MPHILI VIMBA SIPHO IZITHAKAZELO ZAKWAMABASO NDABEZITHA WENA WENDLOVU! MNTUNGWA, WENAKAMBULAZI ... qhubeka ufunde »

Dladla

AbakwaDladla. AbakwaDladla bangabantu baseMambatheni. Isibongo sakwaDladla savela ngo’Dladla ‘ indodana kaNdaba kaSontshikazi kaMphangazitha(Phangizitha) kaMageba kaZulu kaMalandela kaLuzumane kaMnguni kaGumede. Uyise kaDladla uNdaba wayenamadodana amathathu, uMbeje(inkosana yomndeni) , ... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!