Dladla

AbakwaDladla.

AbakwaDladla bangabantu baseMambatheni. Isibongo sakwaDladla savela ngo’Dladla ‘ indodana kaNdaba kaSontshikazi kaMphangazitha(Phangizitha) kaMageba kaZulu kaMalandela kaLuzumane kaMnguni kaGumede.

Uyise kaDladla uNdaba wayenamadodana amathathu, uMbeje(inkosana yomndeni) , uDladla(owelama uMbeje) , kanye noShandu (owayemncane)..

Ukwelamana kwabakwaDladla..

UDladla wazala uMpembe, uMgabadeli, uMhlophe, uGadlela kanye noDwala..

UMgabadeli wazala uKweyama kanye noMathenjwa.

UMhlophe wazala uNonjiko noKolotshana.

UKweyama wazala uVezi owazala uMnembe.

UNonjiko kaMhlophe wazala uNoshevu noJobha.

UJobha wazala uNolenge.

UNoshevu wazala uMadanyini, uNgobeza, uNkenke, uLukhoso kanye noGxaza.

UGxaza wazala uNompontshela, uMzongolozi , uMxhayi nabanye.

UNompontshela wazala uMuzikayifani, uMkhululi , uBonginkosi nabanye.

UMgabadeli kwabe kuyindodana ka Dladla. Kuthiwa  uMgabadeli lona wazuza lezibongo zakhe ezithi”Wena owagabadela inkundla yakwaBualwayo ” ngoba naye wayeyinyanga enkulu ngesikhathi kusabusa iLembe. Kuthiwa waba ngomunye walezangoma ezanuka lona kanye iLembe ngesenzo salo sokugcoba izindlu zesigodlo ngegazi. 
…………………………….

Izithakazelo zakwaDladla!!

Ndabezitha.
Mgabadeli,
Owagabadel’inkundla yakwaBulawayo.
Gadlela, Dwala.
Mpembe, Mhlophe
Vezi
Dladla, Nyazitha
Magalel’agoqe njengeshongololo!!

…………………………………………………………………..

Mayelana nokuganiselana nabakwaMBATHA!!

KUYA ngezindawo, izindawo eziningi ziyaganiselana kodwa kukhona izindawo ezifana nooKransop, Makhabeleni abalokothani. Kodwa ke amakhosi aseMaMbatheni kanye nabaKwaDladla bazamile ukukulungisa kwakhishwa I statement esi official ukuthi kungaphinde kuganiselwanwe. Makushiwo ke into eyenza uDladla kube sengathi uhlukile yena ukuthi ekufeni kwaba noMbango wobukhosana ngoba uNdaba wasuke wakhetha uShandu ukube kube uye othatha ubukhosi kodwa ebe emncane, kwaxatshanwa ke uDladla waduba walishiya ikhaya, kodwa uMbeje yena akabanga nankinga. Kunama reason ke abekwayo ukuthi why uNdaba akhetha uShandu. Kodwa ke leyo ngxabano yashwelezwa, kwenziwa uxolo, le komkhulu eNkonjeni

…………………………………………………………

Izibongo zeNkosi uSontshikazi kaMpangazitha.[WaseMaMbatheni]

Sontshikazi wezindaba,
Sontshikazi wemilingo;
Mabona izinto zingakabonwa,
Wathi uma utshela abafokazane
Baguqula igama lomuzi wakwethu,
Bathi kuse Mangeni!
Magqoka isiphuku seNyathi,
Esingafunwa yimihambima;
Bathi uyi Mbathangubo,

Wena oyi Mbatha!
Ngokusibekela kwe Langa;
Wagqoka isikhumba seNgwe,
Kanti bayasilabalabela!
Menzi wotshwala besintu ngamabele,
Amabele aduma izizwe zonke;
Kazi wawatholaphi amabele?,
Zibulo lika Mpangazitha;
Izindaba zathethelwa emlilweni,
Oka Zitha washaya isigubhu,
Bathi izindaba zisa Ngoma;
Aba Lozi bayabona kulokozani,
Ngaphakathi kwezinhlansi zomlilo;
Sontshikazi umkhulu uyesabeka;
Wangena emizini yamadoda .
Kwangabi Ndaba zalutho;
Watshikizela Sontshikazi
Kwahlokoma amagquma namathafa;
Izizukulu nezizukulwane
Ziyokuphakamisa njalo!
Wena ka Mageba!
Ndabezitha!!

Ibinda!!

……………………………………………………

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo