Zungu

AbakwaZUNGU!!!

Badatshulwa nguGwabini owayephila ngizinkathi zoMalandela.
Abantu bakwaZungu bayisizwe esidala kakhulu, ngoba phela noNdlunkulu kaMalandela uNozinja wayengowozalo lwasesi sibongo. Abantu bakwaZungu bangaMaNtungwa Nguni. Baqhamuka eNingizimu-Mpumalanga yeNtilasifali.
Ngisikhathi sikaNcwane sithola abantu bakwaZungu bakhe emagqumeni akwaHlophekhulu, kuze kuyofika ezinkalweni zasOlunndi. Yilapho futhi uNcwane akhothamela khona. Ekushoneni kwakhe uNcwane washiya amadodana akhe amabili angoZungu noMakhoba. Omdala kwakunguMakhoba. Nguyena okwakufanele athathe isikhundla sikayise ekukhothameni kwakhe, kodwa ngenxa yobuthakathaka bukaMakhoba uyise washiya ekhombe uZungu ukuthi nguyena oyothatha ubukhosi. Bathi uMakhoba wakwamukela kakhulu lokhu ngokukhulu uzkuzithoba, asazi noma naye wayezibona ukuthi akafanele ukuba yiNkosi, noma wayengumuntu okhonze ukuthula.
Bathi uMakhoba wathatha abalandeli bakhe wayokwakha kwaNtabankulu kushone ngaseMfolozi emnyama, kuze kuyoshaya eMbekamuzi. Ngalokhu kwehlukana kwazalwa izizwe ezimbili , esakwaMakhoba nesakwaZungu. Ngesikhathi sikaShaka kwasekubusa uManzini kwaZungu.
Kwathi sekuqubula uShaka noZwide, isizwe sakwaZungu sona naso sathinteka ngoba sase singumgoga okwakufanele inkosi esheshayo iwusebenzise ukuze ikwazi ukuhlasela le enye inkosi eyisitha sayo. Kwenzeka njalo -ke nakuManzini. INkosi eyashesha ukukubona ukuthi uManzini kufaneleasetshenziswe ngandlela thize kwaba nguShaka. Sithola ukuthi weza kuManzini ezomheha ngezinkomo, ngoba kwakutholakala ukuthi uManzini wayezifela ngezinkomo. UShaka yena wayethi noma ezithanda izinkomo kodwa okwakhe okukhulu kwakungukwandisa umbuso wakhe. Ngakho wabona amabutho kaManzini ayemancane ezihlalele nje engenzi lutho, ibutho alithanda kakhulu kwakuyibutho okwakuthiwa ngaMankentshane(hhayi aMankentshane kaZibhebhu). Ngakho-ke uShaka wakhuluma noManzini wathi akamboleke ibutho kaMankentshane yena uzomnkika izinkomo. Kuthiwa wavumela phezulu uManzini.
Wayengazi ukuthi unikela ngamabutho akhe njekuShaka naye uyogcina esezinikele kuShaka ebalekela ulaka lukaZwide. Phela kuthe esazihlalele emzini wakhe kwaPhungambi, kwafika kuye isigijimi sivela komunye wakhe oyiNkosi yakwaNdwandwe uZwide kaLanga. Umyalezo kwakungowokuheha uManzini ukuba azenze isihlobo esikhulu sabantu bakwaNdwandwe. Ngamanye amagama uZwide wayefuna ukuphatha abantu bakaManzini. Wayezokwenza kanjani lokhu na????

UZwide njengendoda eyayihlakaniphile futhi inamaqhinga amaningi wamfunda masinyane uManzini ukuthi elungile futhi engayithandi inxushunxushu, ngakho wathi kuye kababe nejadu elikhulu lezintombi zezizwe zombili azakwaZungu nezakwaNdwandwe. Lezi zintombi zizoqhudelana ngokusina kubonakale ukuthi ezasiphi isizwe ezisina kangcono. Futhi khona lapho uManzini uzobe esethola ithuba lokuzikhethela izintombi azithandayo kwezakwaNdwandwe, kanjalo noZwide enze njalo kwazakwaZungu.

Okunye uManzini ayesekulibele ukuthi uyise omncane uMjiza owayembambele ebukhosini ngoba uyise akhothama esemncane, ngesikhathi sekufanele ayeke ebukhosini adedele yena, kwaba lulama, kangangokuthi isizwe saze samkhipha sona uqobo. Wabaleka-ke uMjiza wayokhosela kuZwide. Okusobala ke ukuthi wafike washo zonke izinto ezimbi ngoManzini kanye nesizwe sonke sakwaZungu. Lokhu uManzini uzokubona mhla wewjadu, ngesikhathi esebona ukuthi kukhona noMjiza kulaba bantu bakwaNdwandwe.
Yaqala lapho ukusola uhlamvu impangele. Ukufika kukaMjiza nokuba mdibi ndawonye nabantu bakwaNdwandwe kwamsiza uManzini, ngoba kwamenza avuke emaqandeni. Kwakufanele athi nyawozami ngibelethe, engakabonwa ngumuntu futhi kunganake muntu. UManzini wayesazi ngawo wonke amakhanda amakhosi asahlobisa ilawu likaNtombazi unina kaZwide. Ngisho nekhanda lomakhelwane, iNkosi yaseMantshalini uMlotha likwaNtombazi. Ingani neleNkosi eyayidume kakhulu uDingiswayo kaJobe wakwaMthethwa, lalilaphaya kwaDlovunga?
Kwathi kusemnandi kusenjeya uManzini wasuka wathi nyelele okumuntu oyochitha amanzi, wemba wembulula. Wayokhonza kuShaka. Kwaba ukusinda kwakhe uManzini..

Ukwelamana kwabakwaGwabini(ngizothi abakwaGwabini ngoba phela badatshulwa nguGwabini)..

UGwabini(Baphephezi) uzale uNyamakayishi

UNyamakayishi uzale uSengwayo owazala uMhlehlo.

UMhlehlo wazala uNcwane.
UNcwane wazala uMakhoba noZungu.

UZungu wazala uTshana owazala uMkhonto noMbondi.
UMkhonto wazala uManzini.

UMbondi yena wazala u Ngqumbazi(indodakazi, unina weSilo saOndini iNkosi uCetshwayo kaMpande)

Wazala noMfanawendlela.

UMfanawendlela wazala uMdabula noMagojela.

UMdabula wazala uMqiniseni owazala uBhekifa.
UBhekifa wazala uCuphulaka.

UMakhoba yena wazala uJoko owazala uMgebisa.

UMgebisa yena wazala uNdabayakhe..

AbakwaZungu , abakwaNcwane abakwaMakhoba , abakwaGwabini kanye nabakwaManzini basabubalulekisa kakhulu ubuhlobo babo, ngoba phela bengaganiselani.. Kanti nonina weNgonyama yasOndini iNkosi uCetshwayo kaMpande, I’Sinakanaka sezincwadi ebezibhalwa uMelimade kwabamhlophe, IMamba yeVuna-eyath’ukuvuka yadl’abakayise” ….izalwa kwaZungu izalwa nguMbondi kaTshana..

Izithakazelo zakwaZungu!!

Zungu,
Manzini,
Geda,
Ncwane, ngankomo yaseMahenyenu.
Nyamakayishi , isha ngababhebhezeli,
Wena owaphuma ngenoni emgodini.
Sengwayo.

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo