Mpungose

AbakwaMpungose!!

Abantu bakwaMpungose kuthiwa baphuma kubantu bakwaGwabini(Zungu). Abantu bakwaMpungose babizwa kanjena ngoba kulandelwa igama lomsunguli walesi sizwe. UMpungose lona wayevela emndenini wendlunkulu kaMalandela uNozinja unina woQwabe benoZulu. Uyise kaMpungose kwakunguPhahla. Ngenxa yokuthi uPhahla wayehlobene nondlunkulu kaMalandela , owayefike kuqala wakha kulo lonke leli laseBabanango, wakhisa uPhahla eThalaneni,ngaseNkandla. Umuzi awakha lapho wawubiza ngokuthi kusoYengweni. Abantu bakwaMpungose babakhelene nabakwaSikhakhane kanye naMaChunu. Ngesikhathi senkosi uShaka isizwe sakwaMpungose sasigcwele naseNhlazatshe,kepha lapho sasibuswa nguNdlovu(hhayi isbongo) indodana kaKhuba. Kungesikhathi senkosi uMpande lapho uSilwane indodana kaNdlovu anikwa khona nguMpande indawo yabantu bakwaXulu eMfule ngaseMthonjaneni, ukuba ayiphathe. Le ndawo ize iyoshaya eMfolozi emhlophe.
Noma eningi indawo yathathwa ngabalimi abamhlophe bayenza amapulazi ezinkomo zabo kodwa kuyaziwa ukuthi ngeyakwaMpungose. Bakhona abantu bakwaMpungose abakhe eMfule. Kwathi uGawozi indodana kaSilwane nayo yathola umusa enkosini uMpande yona wayoyakhisa eMlalazi, ezweni okwakungelakwaQwabe. Kanti abanye basala eNkandla. Abantu bakwaMpungose banamakhosi abo..

………………………………………………..


Ukwelamana kwabakwaMpungose!!

UPhahla wazala uMpungose

UMpungose wazala uMlaba nabanye

UMlaba wazala uSokhongwase owazala uKhuba noNdlovu

UKhuba wazala uTetemane nabanye

UTetemane wazala uSinuku owazala uBhulingwe.

UNdlovu yena wazala uSilwane nabanye

USilwane wazala uGawozi nabanye

UGawozi wazala uMbango owazala uSiphoso nabanye

……………………………………………….

Izithakazelo zakwaMpungose!!!

Khuba,
Tetemane,
Wena wephahla elinhlokonhle,
Gawozi,
Sgquma ndawonye njengengulube,
Mnukwa,
Phungul’uyasindwa,
Nyoni esindwa sisila sayo,
Slwane,
Wena wendlov’enamandla abayishaya baze bayishiya amasende bethi ifile kanti iyaphila,
Yaqhubeka yabandisa abantu,
Mabhala ngozipho abanye bebhala ngosiba,
Magadlela,
Somvumasi!

……………………………………………………………………………………………………….

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo