Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu
Khoza
AbakwaKhoza!!!!!
Imvelaphi yabantu
bakwaKhoza iyefana neyabantu
bakwaKhumalo, Mabaso, Mchunu kanye
naBaThembu ngoba bonke badabuka ndawonye
eNingizimu neNtilasifali. Bahamba ngomgudu
owodwa, baze bayozinza ezinkalweni
zaseNquthu,Babanango kanye naseNkandla.
Kuk hona abathi abakwaKhoza ngabeSuthu, nalokho
kangaba yiqiniso ngoba nezithakazelo zabo
ziyakufakaza lokho.. Ngesikhathi sokubusa kweNkosi uShaka, abantu
bakwaKhoza babebuswa nguMbiwa indodadana
kaMalindi kaMkhathini kaGumede kaMangena..
Kwathi ukaba bahlaselwe nguShaka abantu
bakwaKhoza bahlakazeka lonke izwe baze bayofika
kwaSoshangane nakwaBulawayo eZimbabwe. UMbiwawawela ezandleni ezilukhuni zikaShaka
wabulawa eshiya indodana isencane
uMaqwebelende, kanjalo naye futhi walandela
indlela kayise, ngoba naye wabulwa nguShaka
esemncane, kwathi umnawakhe uNgoza wathathwa
wasindiswa ukuthi wayesemncane kakhulu.
Ngakho wakhoseliswa nguLukhwazi wakwaNtombela.
Wakhula lapho njengendodana yakhe. Kwaze
kwathi esekhulile wangena ebuthweni leziNyosi.
Kodwa kwakukhona uSikhonyane,owayezalwa
nguNgqungqulu umfowabo kaMbiwa, uyise
kaMaqwebelende.
Waba ngumuntu obalulekile nogqamile kubantu ababeyimithonsela eyayisele
yakwaKhoza. Kwathi uNgoza esekhulile kodwa
esahlezi kwaLukhwazi(kwaNtombela), uSikhonyane
waheha uNgoza ukuba abuye eze ekhaya, kanti
umyengela ophathe. Ekufikeni kwakhe wabulawa.
Washiya indodana yakhe uMganu.
USikhonyane wahlala nabakwaBiyela laphaya eShowe.
Kwathi ngesikhathi kuxabene uDingane kanye
noMpande, uSikhonyane welekelela uMpande
wasikelwa indawo ukuba ayiphathe laphaya
eShowe. Ekukhothameni kwakhe washiya indodana
yakhe uMfokazi owaganwa yindodakazi kaMpande uPopoza.
Kepha uPopoza katholanga mntwana ngakho
kwathathwa indodakazi kaMgebisa wakwaMakhoba
ukuba ifakwe endlini kaPopoza, ukuba amzalele
ingane.
Nangempela kwatholakala umfana ogama lakhe nguMehlwana.
Ngesikhathi uMehlwana esemncane
wabanjelwa isikhundla nguNtshingwayo kaMahole
indoda eyayidube ngezibele ezinde. Indlu kaMganu nansiya eNseleni..
Ukwelamana kwabakwaKhoza!!!
UMangena wazala uGumede(hhayi
owakwaMalandela))
UGumede wazala uMkhathini yena wazala uMalindi
yena wazala uMbiwa..
UMbiwa wazala uMagigana noMaqwebelende..
UMagigana yena wazala uNgoza noNgqungqulu..
UNgoza wazala uMganu..
UNgqungqulu yena wazala uSikhonyane yena
wazala uMfokazi..
UMfokazi yena wazala uMehlwana!!!
………………………………………………………………………
Izithakazelo zakwaKhoza!!
Mlothswa! Msuthu!
Mkhathini,
S’phan’abantwana,
Ndlel’ehamb’ekhaya, eyanqamula kwaMandlakazi!
Mancencence!Hlabisa odlulayo,
Ngoba olele akahlatshiswa, uyidla aze ayiqede.
Wena wakwaMpahl’emhlophe.ingaba bomvu
isiyonakele.
Ntshingwayo. Mangena, Mlilo,
Skotana,Mabona, Nomageja.
Sokhabase, Ntshamase,
Ndlandla!!!
error: Akuvumelekile lokho !!