Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Incazelo ngeNhlungunyembe(Acokanthera oblongifolia )

Nina abakaVezi uNonyanda uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo, uMashikizela ashiye impi yakhe! UQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyofa uMdlebe kwaSoshangane! #ISilo uDingane lesoIISilo saseMgungundlovu..Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba isaphila. Cha, thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo ibizwa ngeNhlungunyembe, umuthi okhulayo impela ulingene noNgwavuma,oMnyamathi  kanye neminye imithi. Lo muthi ubizwa nge Acokanthera oblongifolia ngoLimi loSosayensi. NgesiNgisi kuthiwa i-Dune Poison -bush ngoba abamhlophe bakholelwa ekutheni lo mu... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoXhaphozi (ISishoshokazane)

Incazelo ngoXhaphozi Nina abakaVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla kanti ngizifaka iLoyi esiswini.UQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyofa uMdlebe kwaSoshangane! #ISilo uDingane leso! Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uXhaphozi igama layo,ibuye yaziwe ngeleSishoshokazane , noma ngeMpawana... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeMbulu.

Nina abakaSimayedwa njengeLanga lona limi lodwa eZulwini ! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu! #ISilo uMpande leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba nisaphila nina beSilo . Cha, sisaphila thina eMantungweni. Nina beSilo le silwane enisibona... qhubeka ufunde »

Incazelo ngenyoka iVezimanzi, uVuzamanzi(Lycodonomorphus rufulus,Brown water Snake)

Nina beSilo sakithi oSuthu uZitho zimbombo zimbombonono zifana nezikaDadewabo uSililo, USomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nasezindlwana abezindlu bayikhexa imilomo!#ISilo uDinuzulu leso!  Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo. Nina beSilo le nyoka eni... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMntwana uDabulamanzi ka Mpande(uMntwana waseZulwini)

Nina beSilo ,nina abakaMdayi sabela kweliphesheya ! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba nisaphila nina beSilo. Cha, thina sisaphila eMantungweni. Ake sibheke umlando ngoMntwana uDabulamanzi ka Mpande *Kuthiwa uMntwana uDabulamanzi wazalwa ngowe 1839 , kuthiwa wazalwa ngesikha... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeziNduku eziqinisa uBhoko lweSisu.

Nina beSilo ngiyanibingelela enhla nasezansi, ngibingelela kakhulu emaHwanqeni. Nina bakaKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi eMaphethelweni!#Inkosi uMalandela leyo. Ngethemba isaphila iNgabade , cha, sisaphila thina kwaKhumalo . Nina beSilo ziningi izizathu ezibangela ukungasebenzi kahle koBhoko l... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNkunzana/e,uMankunzana/e( Harpagophytum procumbens ,The Devil’s Claw)

Nina abakaZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu ! INtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu! #ISilo uMdlokombane leso! Nina beSilo ngiyanibingelela enhla nasezansi , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu.Cha, thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo iNduku esiyaziyo sonke,ebizwa ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoBendle, iSiphephane( Gazania linearis)

Incazelo ngoBendle  (Gazania linearis) Nina abeSilo sakithi oSuthu uMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani? USomkhanda wakithi emkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayikhexa imilomo.ISilo uDinuzulu leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade,ngethemba basaphila abeZulu e... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNgwenya (Crocodile)

Nina abakaSingquma kakhulumi kanamlomo akanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo lona lwaqed’umuzi ngiokunkenkeza! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! #ISilo uDingane leso ! Nina beSilo le silwane enisibonayo kuthiwa iNgwenya ngesiZulu. Lesi isilwane esinamandla kabi uma usi... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeMpangele ( Helmeted Guinea-fowl)

Nina abakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! UNdaba omuhle kakhlu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe !#ISilo uShaka leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba bas... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!