Nina abakaSimayedwa njengeLanga lona limi lodwa eZulwini ! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu! #ISilo uMpande leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba nisaphila nina beSilo . Cha, sisaphila thina eMantungweni. Nina beSilo le silwane enisibonayo kuthiwa iMbulu ngesiZulu, akuwona uXamu lona. Kokubili uXamu neMbulu kubizwa ngama-Monitor Lizzards ngesiLungu, ebese kuhlukaniswa ngezindawo njengokuthi Cape Monitor Lizzars, Nile Monitor Lizzards njalo njalo.Kokubili iMbulu noXamu kunolimi olumbaxa mbili njengolwenyoka. Lezi zilwane zombili zingena kakhulu kwiZibambelelo zothando. Nina beSilo kuthiwa iMbulu kanye noXamu kuba noMlingani oyedwa nje vo. Uma kwenzeka lowo Mlingani efa ,kuthiwa akube kusaba nomunye , kuvele kuziphilele kodwa kuze kuyofa. Kuthiwa ngisho noma lezi zilwane zibeka amaqanda iqanda neqanda noma iChwane neChwane kusuke kunoMlingani wakho, kuyileso sizathu ke amafutha eMbula nakaXamu engasali uma kuthakwa iNduku yeSibambelo sothando. UXamu sesachaza ngawo. IMbulu iyisilwane esitholakala eNdle,sidume ngokuncela imibele yezinkomo.Kwesinye isikhathi iMbulu ike izethuke isingene ekhaya ngenxa yenkemane.Uma kwenzekile lokho kuye kudingeke ukuba ibulawe impela ishiswe futhi ngoba kuthiwa akufanele ingene ekhaya.IMbulu idume nangokuzifisa lapho ihlaselwa ngabazingeli bayo . Iyazifisa impela kangangokuthi ungaze ucabange ukuthi isifile kanti lutho isaphila. Kuyileso sizathu uma umuntu ezenzisa kuye kuthiwe uyambuluza. Noma kuthiwe uyiMbulu.
Ibuye yenzeni iMbulu?
Ngaphandle kweSibambelelo sothando iMbulu yinhle kakhulu nakwezokubethela izulu, ezikhonkwaneni zezulu. IMbulu yinhle kakhulu naseDlisweni langezansi. Iyathakwa eNdukwini ekhipha iDliso langezansi. Amafutha eMbulu ayangena ezigqabeni zamaSoka .IMbulu ingena kakhulu kwezokubopha . Kungaba ukubopha umuntu wakho , ukubopha uMphathi , noma nhloboni nje yokubopha. Ngingasho ngithi iMbulu ingena kakhulu kwiSibambelelo sothando, ibopha isithandwa singanyakazi. Niphile nina abakaNowelamuva wawoShaka uZalukazi zosala eManxiweni amaXhegu ayosala eMizileni! *Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi
