Incazelo ngenyoka iVezimanzi, uVuzamanzi(Lycodonomorphus rufulus,Brown water Snake)

IVezimanzi

Nina beSilo sakithi oSuthu uZitho zimbombo zimbombonono zifana nezikaDadewabo uSililo, USomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nasezindlwana abezindlu bayikhexa imilomo!#ISilo uDinuzulu leso!  Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo. Nina beSilo le nyoka eniyibonayo kuthiwa iVezimanzi ngesiZulu, ibuye yaziwe ngelikaVuzamanzi. NgesiLungu soSosayensi kuthiwa i- Lycodonomorphus rufulus. NgesiNgisi ibizwa ngeBrown water Snake. Lolu wuhlobo lwenyoka alunabo ubuthi nina . Kodwa kunenkolelo ethi uma iVezimanzi lilume umuntu lase liyophuza amanzi kuqala , lowo muntu usuke esengafa nokufa.Uma yena ephuze amanzi kuqala , kuthiwa yilona iVezimanzi elifayo.

Lenzani -ke iVezimanzi?

Nina beSilo lenyoka iVezimanzi yinhle kakhulu kwezokucupha . Abantu balisebenzisa ekwakheni iLumbo, bacuphe umfazi.Kuthiwa iLumbo elakhiwe ngeVezimanzi lishesha libulalel.  Lelo Lumbo kufuneka lilashwe ngalo iVezimanzi,  noma ngithi lilashwa ngalo iVezimanzi. IVezimanzi liyangena ezinsini ezikhothwa insizwa eshaywe ngalolo hlobo lweLumbo. IVezimanzi lihle futhi nasekucupheni abaSokoco. Liyabethela ikhaya, liyangena eNdukwini ebethela ikhaya kucushwe abathakathi.

Khumu!

Niphile nina abaakaMamonga woSuthu! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo