Incazelo ngeNhlungunyembe(Acokanthera oblongifolia )

INhlungunyembe..

Nina abakaVezi uNonyanda uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo, uMashikizela ashiye impi yakhe! UQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyofa uMdlebe kwaSoshangane! #ISilo uDingane lesoIISilo saseMgungundlovu..Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba isaphila. Cha, thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo ibizwa ngeNhlungunyembe, umuthi okhulayo impela ulingene noNgwavuma,oMnyamathi  kanye neminye imithi. Lo muthi ubizwa nge Acokanthera oblongifolia ngoLimi loSosayensi. NgesiNgisi kuthiwa i-Dune Poison -bush ngoba abamhlophe bakholelwa ekutheni lo muthi unoShevu. NgesiBhunu le Nduku ibizwa nge Duinegifboom, noma Gewone gifboom. Iningi labantu abaNsundu aliwubasi lo muthi ngoba likholelwa ekutheni udonsa izinyoka uma ubaswe ekhaya, kwazise izithelo zawo zithandwa izinyoka ikakhulukazi iziMamba.

Yenzani le Nduku?

Nina beSilo amacembe kanye nezingxabu zale kuyiSihlungu esihle sezinyoka. Kuyangena ezinsini ezikhothwa umuntu oshaywe yinyoka, kuyangena naseziMbizeni eziphuzwa umuntu onenkinga efanayo . Amacembe mahle kakhulu nasezinsizini ezigcatshelwa kumuntu oshaywe ngeMibhulelo ,izinyawo ezindumbayo , iziBhobo njalo njalo . Mahle kabi ezintweni eziqiwe. Amacembe kanye nezingxabu kunamandla amakhulu , kuyathimulisa uma ukugqula ikakhulukazi uma konyisiwe. Kuye kugaywe ndawonye kube yiMpuphu ewuMbhemiso omuhle wekhanda, kuqaqa ikhanda kuphume amafinyela aba yimbangela yokuphathwa yikhanda, kuhle nakumuntu osanda kuthwetshulwa noma abasazama ukumthwebula. Le Nduku iba mandla kakhulu uma iqhathwe noMkhwangu kwiMibhemiso. KwiZibhobo yinhle uma iqhathwe neNyazangoma, aMangwe amnyama namhlophe kanye neminye. Amacembe mahle nasekuthobeni izinyawo ezindumbayo , ayabiliswa enziwe iSithobo sezinyawo …

Khumu!


Niphile nina abeHwanqa eladla amanye amaHwanqa ngoba ladl’uPiti kwabaseMgungundlovu. Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi.

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo