Nina abakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! UHlabahlungu bazoshumayezana abasezitheni nabasemakhaya! Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! #ISilo uShaka leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo. Cha, thina sisaphila kwaSokhumalo.
UThobela.
Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uThobela igama layo. Ka se Pedi bare ke Maime. Nina beSilo le Nduku ayaziwa kangako kweleNdlovukazi uMthaniya. Abayaziyo bayezala lena enhla eLimpompo. Lena iNduku enhle kabi kwezokwakha iSithunzi, iye iqhawe nabo oMathunzentaba , oMhlonishwa kanye neminye imithi yokwakha iSithunzi. Le Nduku kuthiwa uThobela nje ngoba yenza abantu bakuthobele. Kuthiwa eNdulo yayisetshenziswa kakhulu ngaMakhosi aseNdulo. Le Nduku iyaphalaza , iyagquma iyagquma , yenzele khona ukwakha iSithunzi. Kusebenza iSigaxa kule Nduku. Le Nduku ibuye yaziwe ngoMaime khona eLimpompo , yinhle kabi kwezokubethela , imisa izinto zabathakathi. Isebenza njengaye uMayime esimejwayele. Le Nduku iyangena kwezokuchela iKhaya , ilwa nemimoya emibi kanye nazo zonke izinto zabathakathi. Le Nduku ibuye ibe wuMhlabelo, kuye kubiliswe iSigxa sayo sibe yiMbiza ephuzwa umuntu owephuke ithambo , noma isilwane esephuke ithambo. ISigaxa sayo sibuye sonyiswe bese siyagaywa sibe impuphu eyoshiswa ibe insizi emnyama, leyo nsizi igcatshelwa eduze nalapho kwephuke khona ithambo , noma inanyekwe emanxebeni nasezilondeni. Le Nduku iyadayiswa eGoli eFaradeyi. Isithombe sale Nduku sitholakale kwiNyanga yaMabutho kuFacebook. Siyacela nina beSilo niyilandele insizwa niyoncela ulwazi olujulile.
Khumu!
Niphile nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela . Sicela nivashele uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” nithole olunye ulwazi
