Nina abakaSingquma kakhulumi kanamlomo akanjengoDalondlwane lwakithi kwaBulawayo lona lwaqed’umuzi ngokunkenkeza! IMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! #ISilo uDingane leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeNdlovu enamandla! Cha, thina sisaphila eMantungweni.
UMhlwazimamba.
Nina beSilo le nyoka eniyibona esithombeni kuthiwa uMhlwazimamba igama layo, ibuye ibizwe ngoMhlwayimamba , noma ngoMhlwazi. Le nyoka ibizwa nge Stripe-bellied Sand Snake ngesiNgisi. Kanti ngoLimi loSosayensi ibizwa nge Psammophis subtaeniatus. Nina beSilo le nyoka ayinaso isihlungu , ngisho noma ilume umuntu akafi. Akujubane kule nyoka kuyabhujwa. Ishesha ngendlela exakile. UMhlwazimamba uziphilisa ngokudla amaQwagi, amaDiye kanye nokunye. Utholakala esikhotheni.Ukhula wedlule u50 Sentimitha , kuya kumaSentimitha angama 70. Nina beSilo le nyoka yinhle kabi eMagobongweni , iye yoyiswe ebese iyagaywa ibe yimpuphu ethakwa eGobongweni elimhlophe le Dlozi. Yinhle kakhulu nakwezokudonsa inhlanhla. Iye ithakwe neziNduku zeDlozi efana noMadlozana, uMtholo(uMazulazayithole), iNhlanhlemhlophe,uVumakubangoma omhlophe kanye nezinye. UMhlwazimamba uyangena nakwezokudonsa imali eBhizinisini, muhle futhi nakwezokugembula. Le nyoka iyinyoka yeNhlanhla. Abantu abadala bakholelwa ekutheni uMhlazimamba uyinyoka yenhlanhla, futhi akufanele ubulawe. UMhlazimamba uyizinhlobonhlobo, kuya ngendawo , eminye iMihlwazimamba inombala oluhlaza , eminye enombala ophuzi , inemigqa emhlophe ezinhlangaothini.
Khumu!
Niphile nina abakaMkhwamude wangisika iSilevu uSungulo olude lwangithunga iMpumulo! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngeKhubalo.
