Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Izibongo zamakhosi aseSwazini

Izibongo zeNgwenyama u-Somhlolo ka Ndungunya . Elinye igama leNgwenyama u-Somhlolo kwakunguSobhuza.       USobhuza wamaSwazi Usifuba sinengceke sinamanzi UBhuza kwezinde UMasibekela Imizi emncane angayisibekela Inyathi empondo zimnkenkenene Yadla umuntu Kwanga bamhlabe ngehloka Wadla kaNkasa Wadla Bhocwane USobhuza mgezeni izandla nezinyawo Niyambona wonakele Uhamb’emalibeni abathakathi NgawawoMkhiza noMabhoko Mphankomo inamele yaseLangeni Ngimi ngedwa ongazange angiphe lutho UMashulwane ungumbane wezulu Ufihl’amehlo ethunzini lentaba Walingisa ababuthi beMbongolwane... qhubeka ufunde »

ULozilina umuthi wogazi :

  Nango -ke uLozilina umuthi wogazi . Lomuthi ukhonzwe kakhulu izinsizwa ikakhulukazi ezakwaZulu ngoba uwumuthi owakha ugazi. Kuyaphalazwa ngawo lomuthi ,uxutshwa nemithi efana noNhlanhlemhlophe,iNgwavuma, uMadlozana, uVumakubangoma omhlophe. Bese ujikijela nemithi elwayo efana noSehlulamanye ,... qhubeka ufunde »

Mtolo

Izithakazelo nomlando wakwaMatolo Abantu bakwaMtolo bangabaNguni  bohlobo lwabaMbo Nguni ngokwezigaba zabaNguni. Akubona aBathwa noma aMamoondo njengoba abanye bethu behla besho.  Isizwe saMatolo siphuma kwesakwaDlamini eSwazini. Ezinye izizwe eziphuma kwesakwaDlamini esakwaNgcolosi(Bhengu) ,Mhlon... qhubeka ufunde »

Ndwandwe

Izithakazelo nomlando wesibongo sakwaNdwandwe.     Abantu bakwaNdwandwe imvelaphi yabo isenhla yezwekazi laseAfrika njegabo bonke abaNguni. Ngokwezigaba zabaNguni abakwaNdwandwe bangabaNguni baseMbo noma ngithi bangaMbo Nguni. Umuntu owawunothisa kakhulu umlando wakwaNdwandwe inkosi uZwide... qhubeka ufunde »

Izaga nezincazelo

1. Umlungu angathungwa isicoco – Kusuke kufungwa. Uma umuntu ethi into ethile ayisoze yenzeke usebenzisa sona lesi saga. Incazelo yaso iyefana neyesaga esithi “inkomo ingazala umuntu” 2. Wande ngomlomo kuhle kwesiqebetho – Wande kakhulu ngokukhuluma kepha uma sekuyiwa ekwenze... qhubeka ufunde »

Izisho nezincazelo

1 .Ukuzithela kumalunda uzichome Lesi sisho sichaza ukuphaka impi noma ukuphuma uyolwa ngethemba lokuthi uyofike udle umhlanganiso kulowo osuke uyolwa naye, bese leso sitha sakho sizilwela ,nishayane nize nibukane , noma ugcine kuhlehle wena ophake impi  Ukuzithela kumalunda uzichome -ke lokho . Is... qhubeka ufunde »

Izibongo zeNkosi uMageba kaZulu

UKhozi lwakith’eMakheni Olunzipho zinde zingumjingolo Luhlezi laph’emnduzini Luqaphel’imizi yamadod’ukweluka Ugwija bathokoze Nabasemuva kwaNkomonye IThole likaGumede Elehle ngamandla eSihlangu Lingesabi nakwephuka Ginqika Thol’elimahwanqa Lakith’eMakheni Wehle ng... qhubeka ufunde »

Izibongo zeNkosi Malandela kaLuzumana

INgagal’emabala Inyoni ezibuka ukuphenduka Ibuke iningizimu Yagqugqa yezanemvula Umthala oshay’iznhlu Phakathi kwezintaba ezimbili IThala neBabanango Unkomo zinogagu Zithwel’iningizimu Nangezimpondo Imamba enamanxeba Emikhonto nawezinhlendla UMalandela ngokulandela Izinkomo zamadod... qhubeka ufunde »

Izibongo zeNkosi uJama ka Ndaba

UJama kaNdaba UJama omvukuzi zimonya Ziyenqab’ukuwela Emfuleni lingani Inga zingumhlambi zingabhudla Isiduli esiphahlwe Ngamakhand’amadoda Ubhoqol’omakhandakhanda Nabalimi bensimu bangawusiphula UJama kabongwa ngabalandakazi Ubongwa yinjeye yaseMqekwini Abongwe yinjeye yaseMabhulen... qhubeka ufunde »

Izibongo zeSilo uDinuzulu kaCetshwayo

INyosi uSehla kaNdengezi wakwaZungu >> UMamonga woSuthu UMamonga kabulali uyasizila Uqotha imbokode nesisekelo Ufana neNdlovu emnyama yasOndini Usilwa nankunzi mbili Enye ngeyakwaNgenetsheni Enye ngeyaseBhanganomo UMgwazi kadinwa zinqapheli Isikhomo esikhomo esimazinga Umuzi bawuphume ehlathin... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!