Inkosi uBhambatha kaMancinza ka Jangeni ka Magenge ka Nomashumi ka Nondaba yakwaZondi yabe ibusa abakwaZondi eMsinga ngowe 1905 . Inkosi uBhambatha yaqhopha umlando ngenkathi kuliwa impi yaMakhanda nokuyimpi eyalwa ngowe 1906. Le mpi yabe iphakathi kwengxenye kaZulu eyabe ingahambisani nokukhokhwa kwentela kaKhandampondo. Le mpi ibuye yaziwe ngokuthi yimpi kaBhambatha noma yimpi kaKhandampondo . Le ngxenye kaZulu yalwa namaNgisi ngendlela esingayichaza ngokuthi yayiwubushokobezi ngoba yayilwa ilwe ibulale amaNgisi bese ihlehla iyobhaca ehlathini laseNkandla. Le mpi kaBhambatha yaqanjwa ngaye uBhambatha ngoba wayengomunye ababehamba phambili ekuholeni le mpi ka Bhambatha noma impi yaMakhanda . Omunye owahamba phambili yinkosi uSigananda kaZwekufa Shezi . Le nsizwa yayingukaNina weLembe futhi yayikhule nalo ,yayilibone ngawenyama. Ngakho-ke yayinolwazi oluthe thuthu kwenzempi . Ngowe 1906 nokungunyaka kwalwa ngayo impi kaBhambatha inkosi uSigananda yayisineminyaka engama 99 . Le mpi kaBhambatha yalwa ngesikhathi sokubusa kweNgonyama uDinuzulu. INgonyama uDinuzulu yayingazi lutho ngempi yaMakhanda futhi yayingahlangene nayo ize yagcina ivalelwe yona noNdunankulu wayo
