Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Ndlovu

Umlando ngesibongo sakwaNdlovu Abantu bangabeSuthu badabuka eLesotho.Ekufikeni kwabo kwelakwaZulu bafike bakhonza esizweni sabantu bakwaNxamalala.Laba bantu bakwaNdlovu bangabantu bakaMatsimane wakwaTlou noma uMotaung.Kuthiwa abantu ababekhuluma ulimi lwesiZulu behluleka ukuphimisa igama noma ngithi isibongo esithi Tlou,bagcina bethe Ndlovu.Ngenkathi laba bantu bakwaNdlovu bakhe laphaya eNkandla, babeyingxenye yezizwe saMachunu.Laba bantu bakwaNdlovu babakhelene nabantu bakaMavovo wakwaMkhize phezu komfula iNsuze ngaphansi kwaseQhudeni eNkandla.Baxoshwa esizweni saMaChunu ngoba enye yabazukulu... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeShaladilezinyoka (iSweli\ISivimbampunzi\ITswele lo mlambo\Tulbaghia acutiloba)

Incazelo ngeShaladilezinyoka(iSweli\ISivimbampunzi\ITswele lo mlambo\Tulbaghia acutiloba) Nina abeMbube eshoba liyisilikithi uHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe uMantshonga benoGqelebane.UZulu ladum’obala lapho kungeMunga kungeMtholo.UThambeka wena owaliwayo,thambekeka wewuswe iNtamanana na... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNkakha(Pangolin,iHalakavuma)

Incazelo ngeNkakha(Pangolin,iHalakavuma) Nina bakaVezi ngimfumane bemzila,ngafike ngamudla,kanti ngizifaka iloyi esiswini.Uqambi lankomo ukuba zilahlekile ziyokufa uMdlebe kwaSoshangane,uSingquma khulum abakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya.Enhla nasezansi ngiyayibingelela iziNgabade,ngethemba n... qhubeka ufunde »

Incazelo ngePhahla( Brachylaena transvaalensis

Incazelo ngePhahla( Brachylaena transvaalensis Nina abakaGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbul’amagaw’abebesi.UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela.INkomo eyakhal’eMthonjaneni izizwe zonke zayizw’ukulila.IPhahla noma uMphahla isihlahla cishe es... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNsingizi(iNgududu,Southern ground hornhill)

Incazelo ngeNsingizi(iNgududu,Southern ground hornhill) Bangaki abayaziyo lenyoni yezulu?Lafa elihle kakhulu.Lenyoni isiyindlala kakhulu kwelengabadi ngenxa yokuzingelwa kwayo abakhunkulu kanye nokufa kwezwe lakithi elingasalinywa nhlobo okuholele ekutheni izilwakazane ezidliwa yilenyoni ezivame huk... qhubeka ufunde »

Incazelo ngaBangqongqozi(Araucaria heterophylla)

Incazelo ngaBangqongqozi(Araucaria heterophylla) Nina abakaKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi emaphethelweni ngeyawo Ndlela ka Sompisi,ngeyawo Dambuza ka Ntombela.UTshwala buka Gologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane.Enhla nasezansi ngiyayibingelela yo... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMgonandoda(uGudluthukela)

Incazelo ngoMgonandoda Nina abakaMenzi kabongwa ngaBalandakazi ubebongwa ziNjenje zaseMqekwini.USingqila nganhloko kuzonde intamo nyawumbe kuyozonda isibili.Inkosi uSenzangakhona leyo.Enhla nasezansi ngiyababingelela abeZulu eliphezulu.Ngethemba basaphila abeSilo.Sisaphila thina kwaSokhumalo.Nina be... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeSibhaha(uMazwahlabayo\uMagwazayikhuphule\Warburgia salutaris)

Incazelo ngeSibhaha(uMazwahlabayo\uMagwazayikhuphule\Warburgia salutaris) Nina beNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kumaHashanga.USingquma khuluma bakuzw’umoya,abasezitheni nabasemakhaya.USingquma kakhulumi kanamlomo,akanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo,lona olwaluqed’umuzi ngokunke... qhubeka ufunde »

Dube

Umlando ngesibongo sakwaDube  Abantu bakwaDube batholakala eNingizimu yesiswe sakwaMbonambi eduze nolwandle.Phela lezi zizwe zihlobene kakhulu.Indawo yabo enkulu iseduze komfula uMhlathuze, ikakhulu emngeneleni wawo uMhlathuze.Kuthiwa ngesikhathi sokubusa kukaKhushwayo,abantu bakwaDube bazinikezela... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMthunduluka(Morokologa\Ximenia caffra\Groot Suurpruim\Large Sourplum)

Incazelo ngoMthunduluka Nina aboMthunduluka ovuthwe ngeNala,ngowawoThayiza,uMdlokombane vuk’ume ngentaba udl’amadoda.UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana.INtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu.Enhla nasezansi ngiyayibabingelela abeSilo,ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu.Cha,sisa... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!