Incazelo ngaBaphaphi(Umhlonhlo/Euphorbia ingens) Nina bakaGaga ngamanzi angawesi mlomo.Amanzi wodwa asale ababaze.UMlung”ungaphesheya komfula,omuny’unganeno kukaMpehlela noMaqhwakazi.Nina abeSilo ngiyazibingelela zonke iziNgabade enhla nasezansi.Ngethemba basaphila abeSilo.Lo muthi eniwubona esi... qhubeka ufunde »
Incazelo ngoMkhiwane(Ficus sur Forssk\Broom cluster fig\Besem-trosvy) Nina abeSilo sakithi oNdini uHlamvana bhul”umlilo eNdulinde ububaswe uMantshonga benoGqelebana.UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo.Ngethemba nisaphila nina beSilo,cha,thina sisaphila eMantungweni.Lo muthi eniwubona e... qhubeka ufunde »
Incazelo ngoMdolofiya(Prickly pear cactus) Nina abeSela lintongande lawo Baleka elithabathe umshiza lawetshatha,liyawugalela ngawo eMankenganeni.IMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda.Enhla nasezansi ngiyaz... qhubeka ufunde »
Incazelo ngoMhlambamanzi(Rauvolfia caffra) Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe.Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila.ISilo uShaka leso,iSilo sakithi kwaDukuza.Nina beSilo ngiyanibi... qhubeka ufunde »
Incazelo ngoMkhuhlu(uMathunzini, Trichilia emetica) Nina abakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala.UGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbul’emaGawu abebesi.INtethe egolwe nganti zamkhonto kithi kwaMalandela.Enhla nasezansi ngiyazibingelela iziNgabade, ... qhubeka ufunde »
Umlando ngesibongo sakwaKheswa Abantu bakwaKheswa babengabakwaHadebe; bengamaHlubi, behlala endaweni osekuyi-Utrecht manje.Babemunye noBhungane owayedume ngobunyanga,ephatha intelezi yempi eyayinamandla ayisimangaliso. Kuthiwa-ke yiyo le ntelezi eyabangela ukuthi iLembe lifise ukumgwinya uBhungane,l... qhubeka ufunde »
Incazelo ngeLoyi(Datura stramonium,iJoye) Nalo-ke iLoyi nina beSilo,lona kanye elivela ezibongweni zeNdudumo yaseMgungundlovu,iSilo uDingane uma kuthiwa”üVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla kanti ngizifaka iLoyi esiswini”.INduku lena edinga ukuba umuntu aqaphele uma ezoyisebenzisa ... qhubeka ufunde »
Incazelo ngoMahlabekufeni(Croton gratissimus) Nina bakaMakhalimakhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela.UTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane.Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade,ngethemba basaphila abeSilo . Cha, thina si... qhubeka ufunde »
Incazelo ngeMvubu(Hippopotamus) Nina abakaSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya,uMkhwamude wangisika isilevu uSungulo olude lwangithunga impumulo.Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade kungumhla wokuqala kuNhlaka {uMeyi} onyakeni ka 2023.Ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu.... qhubeka ufunde »