Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Incazelo ngoMavulakuvaliwe!!

Nina abakaHlabahlungu bazoshumayezana , abasezithenji nabasemakhaya ! UShaka ngiyesaba ukuthi uShaka , uShaka kwakuyinkosi yaseMashobeni! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kuzo zonke izindawo lapho inkanise khona, ngethemba isaphila. Cha, sisaphila thina eMantungweni. Nina beSilo nango-ke uMavulakuvaliwe . Le Nduku esemndeni wemithi ebizwa ngama-Agave plants, okusewumndeni obandakanya imithi ifana noManzamhlophe, uHalibhuma njalo njalo . Nina beSilo ngezingxabu zale Nduku sivula konke okuvaliwe. Nomsebenzi siyawuvula la! NeShay... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMahamba ngeNdlwana.

Nina abaka Hlabahlungu bazoshumayezana abasezitheni nabasemakhaya! UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! IGwija lika Mdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma! Enhla nasezansi ngiyibingelele yonke iNgabade , ngethemba nisaphila. Cha , thina sisaphila kwaSokh... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeBhucu(INgcelwane, Bulbine latifolia )

Nina abakaNdaba kazimudli -zimbukani? Zimbona ngoba ekhafulwe yiNdlovu! IGwalagwala likaMenzi elisuke eNtumeni kwabhej’iShowe kwabhej’iNdulinde! Kwaze kwaya kwabhej’uLwandle noThukela ! #ISilo uCetshwayo leso! Nina beSilo ngiyanibingelela enhla nasezansi . Ngethemba isaphila yonke iNgabade , c... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNtshungu( Momordica balsamina )

Nina abakaMkhumbi gudluka sibone aMagumgedlela! UCala lathethwa ngoMkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana! UZitho zimbombo zimbombonono zifana nezika Dadewabo uSililo! #ISilo sasoSuthu leso iSilo uDinuzulu! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungumhla wesithuph... qhubeka ufunde »

Incazelo ngePhamba (Chlorophytum comosum )

Nina abakaThambekeka wena owaliwayo thambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi! UHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo! #ISilo uCetshwayo leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungumhla wesine kuNcwa... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoShisizwe ( Portulaca amilis )

Nina bakaSingquma kakhulumi kanamlomo akanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo lona lwaqed’umuzi ngokunkenkeza! IMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengeMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqed’amadoda!#ISilo uDingane leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMhlonhlo wehlathi( Euphorbia grandidens )

Nina abakaSimayedwa njengeLanga lona limi lodwa ezulwini , uSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu!ISilo uMpande leso!  Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu,kuzo zonke izindawo lapho benkanise khona. Cha , thina sisaphi... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!