Incazelo ngeNtshungu( Momordica balsamina )

INtshungu

Nina abakaMkhumbi gudluka sibone aMagumgedlela! UCala lathethwa ngoMkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana! UZitho zimbombo zimbombonono zifana nezika Dadewabo uSililo! #ISilo sasoSuthu leso iSilo uDinuzulu! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungumhla wesithupha kuNcwaba(6 Ogatsi) onyakeni ka 2023. Ngethemba nisaphila nina beZulu eliphezulu, cha, thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa yiNtshungu igama layo lesiZulu.Yaziwa ngeleNkakha ngesiSwati..IMfino lena, iyadliwa umnandi yehla esiphundu. OSompilo bathi le Mfino inomsoco obaluleke kakhulu u-Vitamin C. U-Vitamin C wehlisa amathuba okuphathwa yizifo ezingoMasheshabulale, phecelezi “Chronic diseases” , izifo ezifana no Diabetes (uShukela), iSifo senhliziyo (Heart disease), Cancer(uMdlavuza) kanye nezinye. U-Vitamin C kuthiwa ulawula umfutho wegazi, ulawula iNhlungwane (iAcid), welekelela ukucabanga kwengqondo,uqinisa amaSosha omzimba kanye nokunye, kuningi okwenziwa u-Vitamin C. INtshungu yinhle kakhulu kwezimpilo nina beSilo kuthiwa lapha kweleNgabade selokhu yaqala ukudliwa ngesikhathi seLembe, kuthiwa iLembe lalihlakaniphile , lalazi ukuthi inyama kuhamba kuhambe idale izifo, kuthiwa belike liyalele amaButho alo ukuthi aqinise kakhulu  lapha eMfinweni, iMfino yeziNtanga, iNtshungu, oMbuya kanye neminye iMfino. Basho kanjalo oJames Stuart emiqulwini yabo abashiya beyilobile. INtshungu lena kwaNgwane ibizwa ngeNkakha. OSosayensi bayibiza nge Momordica balsamina . NgesiNgisi kuthiwa yi Balsam pear . NgisiBhunu ibizwa nge Laloentjie. Uma uzoyokha iNtshungu kudingeka ukuba uqaphele, ungayiphambanisi neSende lenja, yebo nalo iSende lenja liyiMfino edliwayo kodwa isithelo salo sinobuthi. ISende lenja likhula lenabe phansi, kanti iNtshungu yona ikhula yenabe phansi iphinde ithandele izihlahla ezinkulu,inyuke nazo. Kungcono ukuba uzikhele amacembe uhlukane nezithelo .

YENZANI INTSHUNGU?

Nina beSilo esimaduna iNtshungu iyadliwa njengeMfino njengoba besengichazile. INtshungu yehlisa izifo emzimbeni womuntu , izifo ezingabala kuzo oShukela , uMfutho wegazi ophezulu, uMdlavuza njalo njalo . Iye isebenze kahle kakhulu uma ucwenge amanzi ayo asebilile ngenkathi uyipheka , lawo manzi uwenze iSiphungo sokwehlisa izifo. Lesi Siphungo sihle nasekushiseni izilonda ngaphakathi emaphashini senze umuntu aphefumule kahle. Lesi Siphungo sihle nakumuntu wesiMame okhulelwe, sibulala wonke amagciwane angahle alimaze uMbhungu noma iNgane. Lesi Siphungo sibuye siconsiselwe ezindlebeni ezibuhlungu kwazise siyazishisa izilonda , ngakho -ke uma indlebe ibuhlungu ngenxa yezilonda , ziyosha zonke lezo zilonda. Please yekani ukuntshontsha umsebenzi wami angiyithandi leyonto. **. Izimpande zeNtshungu zinhle kakhulu kwezomzimba omubi, umzimba ogcwele amathumba nezinduna . Ziye zibiliswe zibe yiMbiza eyophuzwa umuntu oxakwe umzimba omubi. Ziyangena futhi kwezoMvusankunzi kanye nakwezezifo ezishobingisa igazi. Ziyangena futhi kwezenzalo , eyoBaba neyoMame. Izimpande kanye namacembe eNtshungu kuyangena eziMbizeni zokusangana kwengqondo, kuyangena futhi naseziMbizeni zabantu asebebangwa nezibi. Kuningi okwenziwa yile Nduku.


Khumu!

Niphile nina abakaMamonga woSuthu! UDlothovu kabhekeki ufana nemisebe yelanga! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngamakhambi. ISithombe seNtshungu nguSabelo ka  Linda,khonto  kuTwitter  @SabzerAzoh

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo