Incazelo ngeBhucu(INgcelwane, Bulbine latifolia )


Nina abakaNdaba kazimudli -zimbukani? Zimbona ngoba ekhafulwe yiNdlovu! IGwalagwala likaMenzi elisuke eNtumeni kwabhej’iShowe kwabhej’iNdulinde! Kwaze kwaya kwabhej’uLwandle noThukela ! #ISilo uCetshwayo leso! Nina beSilo ngiyanibingelela enhla nasezansi . Ngethemba isaphila yonke iNgabade , cha, thina sisaphila eMantungweni. Nina abeSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa yiBhucu igama layo . Ibuye ibizwe ngeNgcelwane noma Ncelwane, okungamagama asetshenziswa kakhulu kwaBhaca nakaXhosa. NgesiBhunu kuthiwa yiRooiwortel. NgesiNgisi ibizwa nge Broad-leaved bulbine. OSosayensi bayibiza nge Bulbine latifolia .

LENZANI IBHUCU?

Nina abeSilo iBhucu lingena kakhulu ezimbizeni .Kusebenza isigaxa uma kukhandwa imbiza, imbiza evuselela umdlandla wocansi ezinsizweni. IBhucu liyakwazi futhi ukugiya lilodwa . Lihle kakhulu ekucijeni uBhoko lweSisu.Kuye kubiliswe isigaxa sale Nduku ibe yiSiphungo esiyophuzwa yindoda ehlushwa ubuthuntu beMbazo . Indoda engakwazi ukuthokozozisa uMkayo ocansini ngenxa yobuthuntu beMbazo obubangelwa yizilonda emithanjeni kanye nokuvaleka kwemithambo . Lesi Siphungo sishisa zonke izilonda ezibangela ukukhathala kweNduku, sivule nayo yonke imithambo ikakhulukazi eyenzalo. Lesi Siphungo sibuye sibe sihle nakoMame abahlushwa amanzi angcolile esinyeni, kanye nalokhu okubizwa ngeDischarge. Lesi Siphungo sihlanza isinye sikaMame sikhiphe wonke amanzi angcolile ngokumshobingisa. Isigaxa sale Nduku iBhucu siyangena ezimbizeni zenzalo, eyoBaba , kanye neyoMame. ISiphungo seBhucu sihle nakumuntu oxakwe isisu soHudo. ISigaxa seBhucu siyangena nasezimbizeni eziphuzwa umuntu ohlushwa ukudlikiza. Sihle kakhulu nakumuntu okhathazwa ukuphalaza into engapheli. ISiphungo seBhucu siyawaqinisa namasosha omzimba. Isigaxa seBhucu siyangena nasezimbizeni ezelapha izifo zocansi, oDilobhu. Isigaxa kanye namakhasi eBhucu mahle ekwelapheni uTwayi , izinsumpa, izilonda amanxeba njalo njalo . Kuye kugxothswe ndawonye ebese kuthelwa amanzi abandayo kugezwe umuntu okhathazwa umzimba omubi, kwelaphe nezilonda kanye namanxeba. Le Nduku ibuye iphuzwe umuntu oxakwe umzimba omubi. Isigaxa seBhucu siyangena kwezokubethela izulu.

Niuphile nina abeNgondlamkhonto yakithi oPhindweni ithi yiwona onguMama yiwona onguBaba ! UKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi eMaphethelweni! #INkosi uMalandela leyo! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi” Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi.

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo