Incazelo ngoMahamba ngeNdlwana.

UMahamba ngeNdlwana

Nina abaka Hlabahlungu bazoshumayezana abasezitheni nabasemakhaya! UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! IGwija lika Mdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma! Enhla nasezansi ngiyibingelele yonke iNgabade , ngethemba nisaphila. Cha , thina sisaphila kwaSokhumalo. Nina beSilo lo Mbhemu enimbonayo kuthiwa uMahamba ngeNdlwana igama lakhe. Iyinkinga enkulu kuBafuyi lento hhayi kancane, ibulala imfuyo, ozimbuzi , izinkomo , amahhashi kanye nayo yonke nje imfuyo. Lento imvamise ukumila emacembeni ezihlahla, noma amagatshaneni amancane ezihlahla, ithanda kakhulu amacambe ingakho iye idliwe izinkomo ngephutha ebese ziyafa. Okuhle ngayo wukuthi ayivamisile ukumila ibe ningi . Ngaphakathi kwalezi zinkunyana enizibonayo kukhona isibungu , yisona kanye leso sibungu esiwuShevu. Siyabulala uma sike sadliwa. Lento iba yinkinga kakhulu uma kuseHlobo.

Wenzani uMahamba ngeNdlwana?

Nina beSilo lena iNduku enhle kakhulu yokucupha isilwane imvukuzane uma sidla umleze womuntu. Kuye kugxotshwe yonke le Ndlu , ebese iyonyiswa . Uma seyomile -ke ibe isishiswa ndawonye nemithi efana noMkhawuzane , izimbewu zamathunduluka kanye neminye imithi kwenziwe insizi emnyama eyofakwa esilondeni esingapholi , isilonda oDokotela abasibiza ngoMdlavuza, kahle-hle kusuke kungewona uMdlavuza, umuntu usuke efakwe igundane elibizwa ngokuthi yiMvukuzane, yilona elisuke limudla.Usuke elithunyelwe ngabathakathi.  Uma leli gundane lingakhishiwe isiphetho kuba wukushumpulwa komlenze womuntu, ushumpulwa yibona oDotokotela, uma sebewushumpulile leli gundane libe silibalekela ngakomunye umlenze osaphila. Le nsizi iye ifakwe khona kanye esilondeni lapho kudla khona isilwane, enye yayo igcatshelwe enhla kwesilonda. Isibonelo uma isilonda sisonyaweni, le nsizi iye igcatshelwe kusuka esithweni kuya edolweni kuze uma isilwane siqhubeka nokudla sinyuka, siyohlangana nayo le nsizi isibulale ujuqu. Le nsizi inhle nje nakuzo zonke izilonda ezingapholi, izilonda okungezona ezesilwane, kwazise vele uMkhawuzane nezimbewu zamathunduluka vele ziyimithi ebulala amagciwane ezilondeni. UMkhawuzane nawo awulokothwa udliwe , uyabulala , ubulala imfuyo kakhulu. Ngaphandle kokwelapha izilonda uMahamba ngeNdlwana ubuye ube wumuthi omuhle wothando. Lezi zinkunyana enizibonayo ziye zisuswe esibungwini, bese ziyagaywa zibe yimpushana eyofakwa esigcobweni esiyogcotshwa umuntu wesifazane onenkinga yokubalekelwa ngamasoka, noma onenkinga yokungabonwa nhlobo.Leso sigcobo usigcoba ekhuluma , esho konke afuna kwenzeke. Kanti zona futhi izinkunyana ziyangena eSibambelelweni sezinhlanga ezishaywa umuntu wesifazane ukuze abambe indoda ingayi ndawo , ibe uSofasilahlane wakhe. Kuye kuthakwe neminye imithi efana noNcamashela. UMahamba ngeNdlwana muhle nasekudonseni amakhastama uma uneShishini. UMahamba ngeNdllwane uyangena ensizini yokugcabela amalumbo.

Khumu!


Niphile nina beSilo. Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo