Incazelo ngoMavulakuvaliwe!!

Nina abakaHlabahlungu bazoshumayezana , abasezithenji nabasemakhaya ! UShaka ngiyesaba ukuthi uShaka , uShaka kwakuyinkosi yaseMashobeni! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kuzo zonke izindawo lapho inkanise khona, ngethemba isaphila. Cha, sisaphila thina eMantungweni. Nina beSilo nango-ke uMavulakuvaliwe . Le Nduku esemndeni wemithi ebizwa ngama-Agave plants, okusewumndeni obandakanya imithi ifana noManzamhlophe, uHalibhuma njalo njalo . Nina beSilo ngezingxabu zale Nduku sivula konke okuvaliwe. Nomsebenzi siyawuvula la! NeShayina uma liwuNgoqo lingafuni nemali ngale Nduku siyalikhafula liyededele imali. Nentombi uma ingafuni uqoma ngale Nduku siyayikhafula luhlangane uCu ngokuphazima kweSo. Le Nduku yinhle kabi una uzoyiqhatha nabangane bayo  oMwelela kweliphesheya , aBangqongqozi,uMzaneno,  iNtuma kanye nezinye iziNduku bese ukhafula noma yini oyifunayo. Iyangena le Nduku  nakwezokuphalazela ukuvula izindlela , igijima noNhlanhlemhlophe, oMthole , uBhubhubhu, uMwelela, uNdlelazimhlophe kanye neminye imithi yenhlanhla ebuye ibe yimithi yeDlozi. Lapha sibuye sigeze ,sibuye sigqume futhi ngalezi ziNduku ezingenhla. Le Nduku iyatshalwa nasekhaya itshalelwe ukuvimba imimoya emibi kanye nokuletha izinhlanhla. Ithandwa kakhulu ngabaMhlophe, baze babiyele ngayo imizi yabo ibe uthango ikake umuzi. Uma itshalwe ekhaya uMthakathi uyagqilazeka ngaleNduku ngisho noma evakashile nje  kusemini kwaBha, ifana noSelepe obomvu. Ingxabu yayo iyashiswa kanye namafutha eGalukuni uma sekuhlwile ishiselwe ukuxosha abathakathi nezinto zabo. Le Nduku iyangena kwezokucupha ikhaya .

Khumu!!


Vakashela uYou GTube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande.

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo