Nina abakaVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla kanti ngizifaka iLoyi esiswini , inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe!#ISilo uDingane leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade . Le Nduku eniyibonayo kuthiwa uMkhwangu igama layo , iningi ngapha koMkhanyakude. NgesiNgisi ibizwa ngeMaputaland ordeal tree. NgoLimi loSosayensi kuthiwa yi- Erythrophleum lasianthum . NgesiZulu ibuye yaziwe ngoMhlakazana , noma ngoMbhemiso . Le Nduku yinhle kakhulu ezifeni ezithinta ukulahleka kwengqondo . Impuphu yexolo layo iyodwa vo ingakwenzela izimanga. Uma kukhona umuntu onenkinga yokusanganelwa yikhanda mhlawumbe ngenxa yokubona utikoloshe , noma ngexa yokuthwetshulwa thatha impuphu yexolo lo Mkhwangu umbhemise yona , uyothimula indlela engakaze ibonakale akhiphe amakhovula esabekayo , emveni kwalokho iyobuya ingqonqo . Le mpuphu ibuye ibe yinhle ekwelapheni umuntu onkenkethwa yikhanda . Yona futhi le mpuphu ibuye inanyekwe emanxebeni okushaywa yinyoka, kanti futhi ibuye ikhothelwe isisu noma isifuba esibuhlungu kwazise ingumuthi omuhle okushisa izilonda ngaphgakathi esiswini. Ixolo loMkhwangu liyangena nasemithini yesifo sokudlikiza . Kuthiwa amacembe oMkhwangu awalungile emfuyweni ngoba anobuthi , agulisa izimbuzi . Kanti nawo mahle ekugezeni amanxeba ophayo noma izilonda ezibhibhayo.
Khumu!!
Vakashela noYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande
See less