Incazelo ngePhamba (Chlorophytum comosum )

IPhamba

Nina abakaThambekeka wena owaliwayo thambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi! UHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo! #ISilo uCetshwayo leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungumhla wesine kuNcwaba (4 Ogasti ) onyakeni ka 2023 . Ngethemba nisaphila nina beSilo , cha, thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo le Nduku eniyibona esithombeni kuthiwa yiPhamba igama layo . Zimbili izinhlobo zePhamba, kukhona elincane kanye nelikhulu elinemigqa. INduku etshalwayo nasekhaya lena nina beSilo futhi kukhona inhlobo yangaphakathi (inner plant) kanye nenhlobo eyejwayelikile yangaphandle.IPhamba liyadayiswa nasezitolo zezihlahla. NgesiNgisi iPhamba libizwa ngeSpider plant, noma Hen and Chickens. Kanti oSosayensi bona balibiza nge Chlorophytum comosum .AmaBhunu alibiza nge Hen en Kuikens.

 

Lenzani IPhamba?


Nina beSilo le Nduku iyintelezi engena ezindaweni eziningi impela . Le Nduku isetshenziswa kakhulu ngabantu besifazane abakhulelwe, ikakhulukazi labo asebeke bachithekelwa yizisu. Abantu abaNsundu bakholelwa ekutheni le Nduku uma ifakwe egumbini lapho kulala khona owesifazane okhulelwe iyovikela ingane yakhe ngaphakathi esiswini, iyivikele ezintweni zabasokoco. Abagcini lapho, izimpande zaleNduku zibuye zibiliswe zibe yiSiphungo esiphuzwa umuntu wesifazane okhulelwe, njenge Sihlambezo. Abantu abansundu bayayihlonipha kakhlu le Nduku , babuye bakholelwe ekutheni uma itshalwe ekhaya iyalivikela lelo khaya, ilivikela emimoyeni emibi , kwizikhova njalo njalo. Babuye bakholelwe nasekutheni ivikela ikhaya emaPhoyiseni , ikakhulukazi ikhaya elineShibhi, elineShishini elidayiswa utshwala , noma ngabe yini nje engahle iqhathe abaninilo nabakwaSidlodlo. Bakholelwa ekutheni akukho Phoyisa elisondelayo uma kutshalwe le Nduku. Le Nduku iyangena nasentelezini yokuchela ikhaya , ukuxosha imimoya emibi. Le Nduku ibuye ithakwe entelezini egeza umntwana omncane osanda kuzalwa.

Khumu!

Niphile nina abakaMashikizela ashiye impi yakhe! UMbomboshe omnyama uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo! #ISilo uDingane leso! Vakshela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande.

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo