Incazelo ngoShisizwe ( Portulaca amilis )

UShisizwe

Nina bakaSingquma kakhulumi kanamlomo akanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo lona lwaqed’umuzi ngokunkenkeza! IMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengeMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqed’amadoda!#ISilo uDingane leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu, cha, thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uShisizwe igama layo, wukhula nje olwedelelekile kodwa olugila izimanga kwezokwelapha. Lolu khula  lunamanzi amaningi okuyiwona kanye okuthiwa elapha izifo ezahlukahlukene. Lobuye lube yintelezi lolu khula. UShisizwe ubizwa nge Portulaca amilis ngolimi loSosayensi, uphuma emndeni wezimila ezaziwa nge Portulacaceae. Ziningi lezi zimila kanti futhi zithi azifane naye uShisizwe , kukhona ezibizwa ngePortulaca purslane , Portulaca grandiflora njalo njalo. UShisizwe ubonakala ngokumila ube mningi , usabalale, uqhakaza nembali yawo enhle enombala obomvana. Uma kwelashwa ngoShisizwe kuye kusetshenziswe sonke isithombo.

Wenzani uShisizwe?

Nina beMbube uShisizwe ungumuthi omkhulu wezintwala zeNgulube , uqhathwa kakhulu noKalimuzi, kanye noMvuthuza . Uyagquma , uyageza uyaphalaza uphalazele ukuqeda izintwala zeNgulube. Kanti khona futhi ezintwaleni uye ube muhle uma wonyisiwe wase uyagaywa , wenziwa impuphu eyoxutshwa neBrake fluid , kugcobe umuntu ohlaselwe ngelumbo lezintwala zeNgulube, kuye kugcotshwe kakhulu endaweni enezinwele ikakhulukazi ezangasese. Uma ingatholakalanga iBrake fluid, le mpuphu ingahlaniswa noVaselina. UShisizwe ubuye ube muhle nasekushiseni isilonda ngaphakathi esiswini . Kuye kubiliswe isithombo sawo senziwe iSiphungo sokuhlela kahle igazi, lesi Siphungo sihle kakhulu kubantu abanenkinga yesibindi noma yamaphaphu , abantu abangakwazi ukuphefumula kahle. Lesi Siphungo sihle nakubantu abanoshukeka ophezulu , kanye nenhlungwane(acid) ephezulu. Lesi Siphungo sivula nenhliziyo siyenze ithande ukudla phecelezi apetite. Lesi Siphungo sihlela kahle neSifuba esibuhlungu sishise izilonda ezibanga ukukhwehlela. Lesi Siphungo siyalucija noBhoko lweSisu kwazise vele ubuthuntu boBhoko lweSisu bubangelwa inhlungwane noma wushukela ophezulu. Lesi Siphungo sehlisa nezinhlungu zekhanda ezibangelwa yinhlungwane. UShisizwe awusali ezimbizeni zenzalo yoBaba kanye neyoMame, awusali futhi kwezoMvusankunzi. UShisizwe uyangena ezintelezini zokugeza amabhadi kanye nasezinsizini zamalumbo . Kuningi okwenziwa yile Nduku ngoba nabo abathakathi bakha ngayo amalumbo. UShisizwe ungawutshala nasekhaya umane uzisebenzisela, kahle -hle uyazimilela nasegcekeni.

Khumu!


Niphile nina abeNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi” Kholo Khumalo TV”uthole olunye ulwazi.

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo