Incazelo ngoMhlonhlo wehlathi( Euphorbia grandidens )

UMhlonhlo wehlathi

Nina abakaSimayedwa njengeLanga lona limi lodwa ezulwini , uSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu!#ISilo uMpande leso!  Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu,kuzo zonke izindawo lapho benkanise khona. Cha , thina sisaphila eMantungweni kungu mhla wokuqala kuNcwaba (1 Ogasti) onyakeni ka 2023.

UMhlonhlo wehlathi.

Nina beMvayiza emashoba le Nduku eniyibonayo kuthiwa uMhlonhlo wehlathi ngesiZulu. Lo muthi nina beSilo uwela emndeni owaziwa ngokuthi ngama Euphorbia ingens trees okungumndeni obandakanya imithi efana noMhlonhlo lona otshalwa nasekhaya obuye waziwe ngaBaphaphi, kulowo mndeni sibuye sithole noMdolofiya , kuyileso sizathu kwezinye izigodi uMdolofiya waziwa ngoMhlonhlo, eminye imithi esiyithola kulomndeni iZinhlenhle, oZililo njalo njalo. Njengabo Abaphi , le Nduku ingena ezintelezini , yinhle kakhulu entelezini yokuchela ikhaya , yinhle futhi nakwezokubethela . Umuzi obethelwe ngaleNduku unzima kakhulu, umthakathi akadabuli , uyaxhopheka angabe esalibona isango. Le Nduku uma uyigenca iphuma ubisi oluyingozi kakhulu lapho lungene ehlweni , lufana nolo Mthombothi, umuntu angavaleka amehlo. Kanti lona lolo bisi luhle kakhulu ekuhlanzeni isisu , baye bagence le Nduku bese bekhangenza ubisi lwayo ngesitsha esinempuphu yamabele ngaphakathi , ebese beyopheka leyo mpuphu bayenze imbiza ehambisayo. Impande yale Nduku okuyiyona esebenzayo ezintelezini , ibuye ingene nakwezenzalo kanye nezeMivusankunzi. Le mpande ibuye ingene naseMabuthweni athunywa ukuyokulwa , iyangena naseZikhafulweni. Impande yale Nduku iyangena naseMbizeni yama-Ulcer. Le Nduku yaziwa ngeValleybush Euphorbia ngesiNgisi, noma Large-toothed Euphorbia. NgesiBhunu ibizwa nge Valleibosnaboom,noma  Groottandnaboom.. OSosayensi bayiza nge Euphorbia grandidens .

Khumu!!


Niphile nina bakaMbomboshe omnyama uMgabadeli owagabadela iNkundla yakwaBulawayo, uMashikizela ashiye impi yakhe! #ISilo uDingane leso! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi.

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo