Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Incazelo ngoMzungulu(Dalbergia obovate)

Incazelo ngoMzungulu(Dalbergia obovate) Nina abeNtonga yeThusi eyasala kwezinye iziNduku.Abakithi ngibasolile ngoba inkosi yakithi kabayitshelanga izibuko, bayiweze ngeleziMvubu neleziNgwenya.IZulu elidume phezu kwaMaqonqo amabili.Laduma lazithatha izihlangu zoMbelebele.ISilo uMpande leso. USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu.Ngethemba basaphila abeSilo kuzo zonke izindawo lapho bekhona.Cha,thina sisaphila kwaKhumalo. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uMzungulu,yiyona kanye le Nduku okuthakazelwa ngayo abantu baseMasomini uma kuthiwa “nina enehla ngoMzun... qhubeka ufunde »

Meyiwa

Umlando ngesibongo sakwaMeyiwa Abantu bakwaMeyiwa kusengabantu baseMasomini.UMeyiwa okwaqanjwa ngaye isibongo wayengenye yamadodana enkosi uMoyeni ka Nomndayi.Wayengumnewabo ka Singila nokunguyena owalandela iNkosi uMoyeni esihlalweni sobukhosi ngemuva kokukhothama kwayo.Ngokwezigaba zabaNguni abant... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMalala(Jasminum angular)

Incazelo ngoMalala(Jasminum angular) Nina abaNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila.UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala.IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma.Ngethemba nisaphila nina beSilo.Le Nduku eniyibona esithombeni kut... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMhluhluwe(Dalbergia armata)

Incazelo ngoMhluhluwe(Dalbergia armata) Nina abakaMkhwamude owangisika isilevu uSungulo olude lwangithunga impumulo.ISela lintongande lawoBaleka,lithabathe uMshiza lawetshatha liyawugalela ngawo eMankengeneni.Enhla nasezansi ngiyababingelela abaSilo.Ngethemba basaphila abeNgonyama,cha thina sisaphil... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoPhunyukabemphethe(uMpunyu\Porcupine root\Iyeza lamatyala)

Incazelo ngoPhunyukabemphethe(uMpunyu\Porcupine root\Iyeza lamatyala) Nina bakaNkomo zabantu zineNkenkelenke zikhungela izingobe emashobeni,uSongobese wamakhanda inkomo yangenene iyakuthengana nayiphi na enenekazi iyakuthengana noMbangambi woVuma eMashobeni!Nina beSilo ngiyanibingela nonke enhla zas... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeBululu(IHobosha\Puff Adder)

Incazelo ngeBululu(IHobosha\Puff Adder) Nina abeBululu lika Phunga noMageba eladonda ukusuka kwaze kwasuka awezindllwana.OShele ka Dolofu kuMaQadasi ,oMzitshana kuMaQadasi ,oSomtsewu ka Sonzica kuMaNkinsimane amabululwana ezindlwana.UMagwaz’eguqile njengetholeNina abeMbube lezo izihasho zeSilo sas... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMqalothi(Strychnos albersii)

Incazelo ngoMqalothi(Strychnos albersii) Nina bakaNkomo zabantu zinenkelenkele zikhungela iziNgobe eMashobeni,uSongobese wamakhanda inkomo yanganene,iyothengana nayiphi na eNenekazi?Iyothengana noMbangambi woVuma eMashobeni.Ngethemba basaphila abeSilo,cha,thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo lo... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoDelunina(Xysmalobium involucratum)

Incazelo ngoDelunina(Xysmalobium involucratum) Nina abakaMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani?UNongqayiza bayakuthibela uthitshelwe nguMalimade kwabamhlophe abeLungu.UThitshelwe ngamaSotsha naMagumgedlela! UMgwazi akaqaqi uqaqelwa zinyoni.ISilo uDinuzulu leso! Enhla nasezansi ngiyazibingele... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMpikayiboni

Incazelo ngoMpikayiboni Nina abakaGawu bazawuliluma bawuliphimisa bakhumbul’amagawu abebesi.UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibakelela.INkomo eyakhal’eMthonjaneni izizwe zonke zayizw’ukulila!Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade kuwu mhla wamashumi amathathu nanye kuNd... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoZeneke(Harmanthus Deformis)

Incazelo ngoZeneke(Harmanthus Deformis) Nina bakaCala lathethwa ngomkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana.UMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani.UMkhumbi gudluka sibone aMgumgedlele.Ngiyababingelela abeSilo,ngethemba basaphila. Lo muthi osesithombeni ubizwa ngokuthi... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!