Incazelo ngeBululu(IHobosha\Puff Adder)

IBululu.

Incazelo ngeBululu(IHobosha\Puff Adder)

Nina abeBululu lika Phunga noMageba eladonda ukusuka kwaze kwasuka awezindllwana.OShele ka Dolofu kuMaQadasi ,oMzitshana kuMaQadasi ,oSomtsewu ka Sonzica kuMaNkinsimane amabululwana ezindlwana.UMagwaz’eguqile njengetholeNina abeMbube lezo izihasho zeSilo sasoNdini iSilo uCetshwayo ka Mpande ka Senzangakhona esazithola empini yaseNdondakusuka ngowe 1856,mhla zimbili kuZibandlela.Impi yaseNdondakusuka yabe iphakathi kwaBantwana oCetshwayo noMbuyazwe bakaMpande.Lempi yalwa iSilo uMpande sisawadla anhlamvana.UMntwana uCetshwayo  wawudla umhlanganiso kule mpi.IBululu okukhulunywa ngalo lapha yile nyoka eniyibona esithombeni esingezansi. Ibuye ibizwe ngeHobosha.NgesiXhosa kuthiwa yiRhamba.NgesiNgisi kuthiwa yiPuff Adder.AmaBululwana ezindlwana okukhunywa ngawo lapha kulezi zihasho  amaBhunu ,okungaMaQadasi,kanye naMaNkinsimane,okungaMaNgisi. IBululu wuhlobo lwenyoka olunobunguzi ngoma uma luzoshaya luhlehla nyova ,luhlehla luya esitheni kube sengathi aluzukushaya kanti luzophenduka ngokushesha lugadle ,isitha singazelele. Bululu linobuthi,uma lilume umuntu lowo uyafa uma ephuza ukuthola usizo. Lidume nangokufutha,lapho lufuthe khona kuyadumba.Kunenkolelo ethi uma umuntu ebone ‘iBululu lihamba lokho kusuke kubika okubi,kuthiwa kufuneka alibone lingahambi’.Ngaphandle uma kuwukuthi lethuse wumhlambi wezinkomo.

IBululu kwezaMakhathakhatha:

Ikhanda le Bululu lingena embhimisweni ebhenywa wumuntu ohlezi ephethwe ikhanda elingapheli,ikhanda elihamba nabadala.Liye liqhathwe noBande lwaMandawe kanye neminye imithi.ISidumbu salo siye sikhishwe izitho zangaphakathi,bese sigqitshwa esangweni le sibaya,seqiwe izinkomo ukuze zidle ndawonye,zingehlukani.Amafutha eBululu angena ezikweni le mfuyo.Amafutha nesikhumba kuyangena kwezokuchupha,ngoba phela ngeke  uliqonde iBululu uma lizoshaya.

 

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”uthole olunye ulwazi ngaMakhathakhatha.

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo