Incazelo ngoMqalothi(Strychnos albersii)
Nina bakaNkomo zabantu zinenkelenkele zikhungela iziNgobe eMashobeni,uSongobese wamakhanda inkomo yanganene,iyothengana nayiphi na eNenekazi?Iyothengana noMbangambi woVuma eMashobeni.Ngethemba basaphila abeSilo,cha,thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa uMqalothi igama lawo,ubuye waziwe ngeloMnonono, noma uManana.Lo muthi waziwa ngeStrychnos albersii ngesiSayensi.NgesiBhunu ubizwa nge Bosolienhout,noma Hardepeer,noma Hardepeerhout,noma Koffiehardepeer,noma Koffiehardepeerhout.NgesiNgisi waziwa ngelika Coffee Hard Pear,noma Coffee-bean Strychnos,noma Hard Pear, noma Panda’s Walking Stick Tree ngenxa yobuhle bawo ekwakheni iMishiza.NgesiVenda ubizwa nge Muramba-kolodza.
Wenzani uMqalothi
Nina beSilo le Nduku uMqalothi yinhle kakhulu ekwelapheni isisu esibuhlungu.Kuye kusetshenziswe igxolo kanye nempande kuleNduku.UMqalothi ubulala izikelemu esiswini,uphide ushise nezilonda.Kuye kuphekwe igxolo noma impande kwenziwe iSiphungo esiyophuzwa umuntu onenkinga yesisu esibuhlungu.Uyasiza uMqalothi uma uqunjelwe yisisu.Siyabohla isisu.Usiza kakhulu nakwiSilumo,uyayidambisa inhlungu yeSilumo.Nakhona kuye kuphekwe ixolo noma impande.Noma kuvele kuququdwe nje yona impande noma ixolo njengoba kwenziwa kwiSibhaha.Kanti kubuye kwenziwe impuphu ngezimpande noma ngamaxolo,leyo mpuphu iye ikhothelwe ukuqeda noma ukubulala izikelemu, noma ukudambisa izinhlungu zeSilumo.Le Nduku abantu abaningi bayezela ezinkingeni ezithinta isisu,kodwa ibuye ibe yinhle kakhulu nakwezithinta iDlozi.UMqalothi uyangena eZihlanzini ezimhlophe zeDlozi,esingabala oMadlozana,uQhume kanye nezinye.Lona wumuthi oxhumanisa iDlozi nomuntu.Uyashiswa naseMpephweni uma kuthethwa iDlozi eMsamo.Wenza iDlozi lisheshe lisondele.Ufana noMphenduli, noma iMpendulo,nayo iyashiswa kanye neMpepho ishiselwe khona ukusondeza iDlozi ngokushesha.UMqalothi ubuye usetshenziswe nakwezenhlanhla,okuseyiyona imithi emhlophe yeDlozi.Kanti namaSoka nawo ayawusebenzisa.Isihlahla soMqalothi sakha ezinhle kabi izinduku,iMishiza,iZagila kanye nokunye.
Baphile abakaSimayedwa njengeLanga lona limi lodwa eZulwini.UTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”uthole olunye ulwazi ngemopande.
