Ndlovu Gatsheni Boyabenyathi Buyasonga buyasombuluka Ntshozini MaBhaca amahle Mthiyane ngokuthiya amadoda emazibukweni Nina bakwaDemezane iNtombazane Nina bakaMpongo kaZingelwayo Ndlovu zidl’ekhaya ngokweswela abelusi
Maziya Mcusi Gembe Mkhabela Wena owakhabela amakhosi amaningi Wena owadla isigungu wangayibikela inkosi Wabikela uMshengu wakwaShabalala Wathi izinyawo zenkosi zonakele! Kanti zoniwe insinde yakwaLidakana Wena wakwaMshoshoba imfe engadliwa zinyoni Wena kaMaliwa owaliwa ngabezizwe Mcusi omhlophe izan... qhubeka ufunde »
Inkosi uLangalibalele kuthiwa yazalwa emini libalele , ingakho yethiwa igama elithi inguLangalibalele. Unina weNkosi uLangalibalele kwakunguNtambose indodakazi yenkosi uMashoba kaMgabhi Mazibuko. Elinye igama leNkosi uLangalibalele kwakunguMthethwa. Inkosi uMashoba yazala iNkosi uPhuthini n... qhubeka ufunde »
Gambu Msuthu Ngwekazi ka Langa Nontuli Skhakha simantwenguntwengu Ngokuswela esinye Nina enehla ngembokodo yesilulu ezintabeni zoKhahlamba; Mabhele kaMdingi yena ongakhokhobi kuhle kukaMacingwane ekhokhobela eNgonyameni Mdingi isala kulandelwa Abanye bathi nguJikizwe ngokujik’izizwe zikamzilik... qhubeka ufunde »
Mdakane Gumbi Mzilankatha Langatshe Mlotshwa Wena obuza ngenduku endodeni abanye bebuza ngomlomo Sinqa sempande Nxiwa lakhiwa ngezinti zomkhonto Mdukase Nkabanhle Sibong’eshile esthandwa abantu bonke Wena omabele made wena owancelisa ingane ngaphesheya komfula ugcwele Somkhanda Wena waseMadak... qhubeka ufunde »
Mbuduma Somlokothwa Sosilamba sika Nsele Nina bakwahlaba izwe lanyenye Nina bakwaMnguni odlangamandla Nina bakaNdoda siphuthumani esaphuthunywa ngamanye amadoda Nina bakaMavula enaya erhibini laka Makerana Ncagu, Pofu Msi ka Mhlanga Mntungwa!
Mavimbela Sihlasi Mkholo lonsudvu netinyawo takhe letihle tekucaftu Caftuta emabaleni endvodza Awunukelani nemacaca Wena longadli inyama yembuti kepha undla inyama yenyamatane Mdlomane wetindlovu Ngubo yengonyama Nine boNyatsikati basemtini Nine bomatala nkosi, Nine boTaba Nine boMkholo labahle, Lil... qhubeka ufunde »
Mcusi waseNdlunkulu Dube Mbuyazi akathekeli kubafokazane Mbhede olala abelungu Gqagqazela, Mlothswa Mfenyana Nhlavu azimshayi ziyamthantalaza Hwayiza Shebi noNduku Khushwayo
Mbokane Gama Mdluli Phalala Mpembe Mthulela Ngcangcanana Wena owathunda egumeni kwa Mngomezulu UMngomezulu wayothunda azaleni Mzozwana Wena ka Matshana Mlangeni Mlotswa Mkholwa…