Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Mathonsi

Umlando ngesibongo sakwaMathonsi Abantu bakwaMathonsi kuthiwa baphuma eBathenjini , kuthiwa bahlobene futhi nabantu bakwaMadondo. Endulo sibathola bakhe ngaphansi kwentaba iQhudeni ngaseNkandla. Kuthiwa abantu bakwaMathonsi baphuma kuBathembu abangoMvelase, namuhla esibathola bethe chithi saka eMsinga. Namuhla abantu bakwaMathonsi bayisizwe esikhulu eMandeni , banobukhosi obukhulu khona. Ngokusho kukaBaba uBarney ka Ngogo uthi abantu bakwaMathonsi bazalwa nguMathonsi waseBathenjini. Uthi yena uMathonsi wazala uMwelase , uDunga , uNzimande , uPhoboye kanye nabanye abaningi. Uthi uMwelase yena w... qhubeka ufunde »

Msezane

***Izithakazelo zakwaMsezane /Mashoba***** -Mashoba! -Vezi Ngokuvez’ amanzi! -Wena owaphuma’ esiqwini soMganu kwaphuz’ abafo nabafokazane! -Ntumbese kaPhothela! -Nina besandla esibuyekeyekana! -Skhuba abandi abathekeli! -Nina eningathekeli nto yamuntu! -Nkomo kazephusi zisengwa ub... qhubeka ufunde »

Umlando ngoNzobo ka Sobadli Ntombela

Umlando ngoNzobo ka Sobadli Ntombela {Kuloba INtungwa lasenhla KwaSoKhumalo} UNzobo ka Sobadli wakwaNtombela wayeyiqhawe leSilo uDingane , elinye igama lakhe kwakunguDambuza. Kusuke kushiwo yena ezibongweni zeSilo uDingane uma kuthiwa ‘Imbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela , ayinjengek... qhubeka ufunde »

Umlando ngoNdlela ka Sompisi Ntuli

Umlando ngoNdunankulu u-Ndlela ka Sompisi Ntuli(iNtontela) U-Ndlela ka Sompisi Ntuli wabe eyiqhawe elikhulu leziNgonyama oShaka noDingane, wayebuthelwe eButhweni leNtontela ebuthwa yiNkosi uSenzangakhona ka Jama .Uyise ka Ndlela uSompisi wabe eyiNsila yeNkosi uSenzangakhona,wayenekhono lokuganzinga ... qhubeka ufunde »

Umlando ngenkosi uSigonyela Molefe

Umlando ngenkosi uSigonyela ka Mokotjo yabaTlokwa Kuloba INtungwa lasenhla kwaSokhumalo Inkosi uSigonyela yayibusa abaTlokwa bakwaMolefe endaweni yaseNtabazwe {Harismith}, yabusa kusukela ngowe 1824 kwaze kwaba u 1852 . Yona yayizalwe ngowe 1804. Isizwe sabaTlokwa sibandakanya izibongo zakwaMolefe, ... qhubeka ufunde »

Umbango phakathi kwamadodana enkosi uMapholoba Ngcobo(oSihayo noMgabhi)

Umbango phakathi kwamadodana enkosi uMapholoba Ngcobo -Kuloba INtungwa lasenhla kwaSokhumalo Inkosi uMapholoba ka Mbhele yabakwaNyuswa yabusa isikhathi eside yaze yaba ndala kakhulu , ingayibekile inkosana eyayizobusa isizwe sakwaNyuswa uma yona isikhotheme. ENdlunkulu yayizale indodana yaba yinye ,... qhubeka ufunde »

Umlando ngenkosii yaBathethwa inkosi uDingiswayo ka Jobe

Umlando ngenkosi uDingiswayo ka Jobe Mthethwa Kuloba ***INtungwa lasenhla kwaSokhumalo*** Inkosi uDingiswayo ka Jobe yaBathethwa ingenye yamakhosi ayenamandla futhi ihlonishwa kakhulu ngesikhathi seMfecane( izimpi ezadlanga kakhulu ngeminyaka yama 1800). Uyise kwakuyinkosi uJobe ka Khayi , nayo yabe... qhubeka ufunde »

Umlando ngoSikhobobo Sibiya nempi yakwaMthashana

Umlando ngoSikhobobo ka Mabhabhakazana Sibiya iqhawe lempi yakwaMthashana ***Kuloba INtungwa lasenhla KwaSoKhumalo*** USikhobobo ka Mabhabhakazana Sibiya wayayiqhawe leZilo oCetshwayo ka Mpande noDinuzulu ka Cetshwayo .Wayebuthelwe ebuthweni uNokhonke ebuthwa yiSilo uMpande ka Senzangakhona. Wayebuy... qhubeka ufunde »

Khanyile

Umlando ngesibongo sakwaKhanyile ***Kuloba INtungwa lasenhla kwaSokhumalo*** (Lo mlando ucashunwe encwadini ka Solwazi J Maphalala esihloko sithi ‘Izibongo zamakhosi akwaZulu uMqulu 3) Abantu bakwaKhanyile bawuzalo lwenkosi uMalandela njengabantu bakwaQwabe, abakwaZulu, abakwaSibiya, abakwaGaz... qhubeka ufunde »

Umlando ngeMbongi uMagolwana Jiyane

Kuloboba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo.. UMagolwana ka Mkhathini Jiyane wayeyimbongi enkulu ka Zulu ngesikhathi sokubusa kweZilo oDingane noMpande . Abantu bakwaJiyane baphuma kubantu bakwaMtshali. Ukhokho wabo nguJiyane wakhona eMantshalini owaxoshwa esizweni ngoba ekhulelise udadewabo. UJiyane wa... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!