Umlando ngenkosi uNgoza Mvelase ,yaseBathenjini

Umlando ngenkosi uNgoza Mvelase yaBaThembu.

Abantu bakwaMvelase bayindlu encane yaBaThembu , ngesikhathi sokubusa kwenkosi uShaka lendlu yaBaThembu yayibuswa yinkosi yayo uNgoza ka Mkhubukeli ka Gazi  , eyayakhe umuzi wayo waseMlamlankunzi eQhudeni,eNkandla.  Kunomlando othi isibongo sakwaMvelase sakheka ngesenzo sokufakwa kwengane yomfana enyandeni yezinkuni. Kuthiwa udadewabo kaMabaso owayegane eBathenjini, wayezala izingane zamantombazane. Wazizala kwaze kwaba kabili. Kwathi uma ekhulelwa okwesithathu nakhona wabeletha intombazane, kodwa kulokhu uMabaso waqhamuka nesu. Kuthiwa uMabaso wayalela amakhosikazi akwaMabaso mhla udadewabo ebelethe okwesithathu ukuba eze nezinyanda zezinkuni eziningi , okwakuzobaselwa ngazo udadewabo umlilo. Kuthiwa kwenye yalezo zinyanda uMabaso wafaka ingane yomfana eyabe isinezinsuku izelwe ngenkathi kubeletha udadewabo ka Mabaso. Lezo zinyanda zalethwa ebusuku. Kwathi ngakusasa uMabaso wamemezela ukuthi udadewabo wayebelethe amawele, intombazane kanye nomfana. Kuthiwa bakhona nokho abashaya amakhala ngesimemezelo sikaMabaso samawele kadadewabo, kodwa ngenxa yokuthi uMabaso wayesatshwa, akekho owaphumela obala ngokushaya kwakhe amakhala. Leyo ngane bathi yethiwa igama likaMvelase , uzalo lwayo namuhla lwaziwa ngokuthi lungolwakwaMvelase Mvelase . AbakwaMvelase babebuswa yinkosi uNgoza ngesikhathi sokubusa kweSilo uShaka,iLembe. Inkosi uNgoza yayidume kakhulu ngekhubalo. Endulo babebabili uNgoba, kwakukhona uNgoza waseBathenjini, kanye noNgoza ka Ludaba Majozi owabe eyinduna ka Somtswewu ka Sonzica( uTheophilus Shepstone okwaqanjwa ngaye idolobha iPort Shepstone). UNgoza Majozi waphila ngesikhathi sokubusa kweSilo uCetshwayo. Inkosi uNgoza yabusa ngesikhathi iSilo uShaka simatasa sakha uZulu ,ukuba abe yisizwe esisodwa. ISilo uShaka sasihlasela amanye amakhosi ,siwafaka ngaphansi koMbuso waso. Nayo inkosi uNgoza yahlaselwa yimpi yeLembe. ILembe kuthiwa laphaka impi eyasuka esigodlweni kwaBulawayo ,ngaseNdlayangubo, yaphikelela eQhudeni ukuyohlasela inkosi uNgoza. Kuthiwa impi yenkosi uNgoza yakwazi ukuyihlehlisa impi yeLembe. Inkosi ayibange isaqhubeka nokuhlala eMlamlankunzi, yafuduka yabheka kwelaMampondo,okuyilapho yagcina ikhothamele khona . Yafuduka ngoba yayazi ukuthi iLembe lalizophaka enye impi enamandla . Ngempela iLembe layiphaka impi yesibili ,kepha leyo mpi ayibange isayithola inkosi uNgoza,yafica kukhala iBhungezi eMlamlankunzi. Impi yeLembe yazama ukuyilandela inkosi uNgoza, kodwa kuthiwa njalo kwakuthi nxa impi yeSilo ifika ngasemfuleni uMzimvumu ,iwufice udla izindiwani. Kuthiwa impi yeLembe yaqhubeka ilokhu izame njalo ukulandela inkosi uNgoza, kodwa kwakuthi uma ifika eMzimvubu,iwufice ugcwele. Nasebusika imbala. ILembe lagcina lisolile ,ukuthi kukhona okwakushaya amanzi. Kwathi ngelinye ilanga lathi makubanjwe insizwa eyodwa ,iphonswe emfuleni ,kubonakele ukuthi ngabe izomuka yini? Ngempela yabanjwa insizwa ,yaphonswa emfuleni uMzimvumu ,owawugcwele. Kuthiwa gingqikiyane insizwa esihlabathini esomile. Empeleni kwakungekho Mzimvubu owawugcwele,kwayizintelezi zenkosi uNgoza . Inkosi uNgoza yagcina ikhothamele khona eMampondweni. Uyise wenkosi uNgoza inkosi uMkhubukeli ka Gazi yabusa ngesikhathi sokubusa kwenkosi uJama Zulu, yona yazala inkosi uNgoza kanye nabafowabo oDlaba, uKhopho, uMathele nabanye. Inkosi uNgoza yona yazala oNhlakamuzi , uNodada , uMphahlwa, uMalaza, uDlungwana, nabanye .
UNhlakumuzi ka Ngoza wasala empini yasoBhalule (Oliphant River) ,yena akazange aye eMampondweni. Impi yasoBhalule yaphakwa yiLembe ngo1828, ukuyohlasela uSoshangane, kodwa ayisafikanga lapho kwakunkanise khona uSoshangane. Yaxakwa wuNakane endleleni eya kwaSoshangane. UNakane wuhlobo lwezibawu okuthiwa lwaluluma umuntu aphathwe yisifo i-Nagana Disease. Okuyisifo esasisheshe sibulale. Leyo mpi yathi uma ibuya oBhalule yafica iLembe selikhotheme. UNodada wabuthelwa ebuthweni uMkhulutshane ,ebuthwa yiSilo uDingane, walwa ngobuqhawe empini yamaBhunu noZulu eNcome ,ngo1838 , mhlaka 16 Zibandlela. UMalaza noDlungwana basala eMampondweni. Esibongweni sakwaMvelase kuphuma isibongo sakwaMkhulise ,esitholakala koMzimkhulu.

#Khumu!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo