Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Izibongo zenkosi uZihlandlo ka Gcwabe Mkhize

Izibongo zenkosi uZihlandlo ka Gcwabe Mkhize. ISibhene sikaNdaba! Esimnhlan’unezindlela Inkomo ka Somncinci ! Ezitho zinhlanu, Isigubudo wakithi saseSijibeni EsiMntwanga lonzima Ongasaziyo angasibalekela Thina Mngenela some, Thina Sijiba singahleka silale phansi, Sithi: ‘Bawuboneni umondli okaNongamulana’? UMondli wamakhos’abuy’abhembeze. Wondl’uBaleni obezalwa nguNomagaga wabhembeza. Wondl’uPhakade wabhembeza, Wondl’uMbazwana wondl’uBhidla babhembeza(ukudakwa ngukusutha) Indons’ebonwe ngabavuki bokusa, Ibonwe nguMlotshwa wakwaMgubhel... qhubeka ufunde »

Umfulakazi uZambezi

read more

Umlando ngoNdunankulu uMnyamana ka Ngqengelele Buthelezi

Umlando ngenkosi uMnyamana ka Ngqengelele Buthelezi. Kuloba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo Inkosi uMnyamana ka Ngqengelele Buthelezi yabe inguNdunankulu kaZulu ngesikhathi sokubusa kweSilo uCetshwayo, yayibuye ibuse nesizwe samaShenge eMahlabathini. Yayizalwa yinkosi uNgqengelele ka Mvulana  eyabe ... qhubeka ufunde »

Uhla lwamabutho eziNgonyama zakwaZulu

  Uhla lwamabutho eziNgonyama zakwaZulu: Kuloba INtungwa lasenhla kwaSokhumalo. Nina beMbube nantu uhla lwamabutho abuthwa iziNgonyama ,zakwaZulu. Kukhona amagama amabutho ayelokhu ephindaphindeka . Isibonelo uDlambedlu. Lelo yibutho elabuthwa yiSilo uDingane ngo 1828, kanti neSilo uMpande sabu... qhubeka ufunde »

Umlando ngoNdunankulu uMasiphula kaMamba Ntshangase

Umlando ngoMasiphula ka Mamba Ntshangase UMasiphula ka Mamba wakwaNtshangase wayeyiqhawe leziNgonyama oDingane noMpande. Wabuthwa yiSilo uDingane simbuthela ebuthweni loMkhulutshane okuyibutho okwakukhona kulo inkosi uSigananda ka Zokufa Shezi nenkosi uMnyamana ka Ngqengelele Buthelezi. Ngesikhathi ... qhubeka ufunde »

Machi

Umlando ngesibongo sakwaMachi Kuloba uMthokozisi Fabase Dlomo AbakwaMachi kusengabantu bakwaXolo njengoba bezalwa umuntu munye uMsuthu kaNtamonde kaSabela kaHenge.Lezizwe sizithola sezisendaweni yaseMatatiela esiDumbini zibuswa inkosi Sabelo zidabuka eLisotho.Sekubusa inkosi Ntamonde kwaba nempi yob... qhubeka ufunde »

Incazelo ngokuzalwa wembethe

Incazelo ngokuzalwa wembethe : Esizweni sakwaNtu kunesimo lapho ingane izalwe igaxile. Kungaba eyakwaZulu, kwaXhosa, kwaNdebele kwaMthwakazi noma kwaNgwane. ‎Le ngane izalwa yembethe into esamhlwehlwe enamafutha, leyo ngane iyingane yenhlanhla. ‎ Le ngane iyigugu labaphansi. Le ngane idinga nje ... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!