Umlando ngenkosi uZihlandla ka Gcwabe, yaseMbo

**Kuloba uMntwana uMncedisi ka Mavovo Mkhize.**

INkosi uZihlandlo kaGcwabe Lecture summary

INkosi yoSelwa uZihlandlo kaGcwabe wabe engumngani omkhulu weNkosi uShaka koSenzangakhona.

INkosi yabe izalwa ebukhosini baseMbo izalwa iNkosi uGcwabe kaKhabazela kuNdlunkulu uNjotheni kaLubhoko Mchunu ebukhosini basemaChunwinini eNkandla. Wazalwa ngeminyaka yama 1700s nomfowabo uSambela owabe eliqhawe ehlabana ezimpini zakhe kuze kube INkosi umunika ubukhosi bakhe ukuthi aphathe enye inxenye yaBambo okwabe kungu Mngenela kanye namabutho ayebizwa ngamakhanda ngoba iNkosi YoHlanga uZihlandlo kaGcwabe kuphela owayevumelekile ukubutha AMABUTHO umehluko phakathi kwaKhanda namabutho usekutheni kulamakhosi ayengaphansi koMbuso waseMbo nawo ayebutha awawo abenamagama bese elethwa eSimahleni eselibutho elilodwa eliyoqhanjwa iNkosi YoHlanga awanike neMvunulo yawo nezihlangu .

INkosi uZihlandlo kaGcwabe wabusa kanye noYise uGcwabe ka Khabazela.

Isizathu salokho ukuthi wayengelona izibulo leNkosi babekhona abadala kunaye ababefuna ukuthatha isihlalo sikaYise ababezibona befanele ngoba yazala kakhulu iNkosi YoHlanga uGcwabe kaKhabazela abakwaMkhize abaningi ukhalo lweNkosi uGcwabe kaKhabazela.

Abafowabo beNkosi uZihlandlo kaGcwabe
UMbuzane
UMlandu
UMashukumbela
ULuzalo
UZihlandlo
USambela
UMasende
Niyoni
Nomcishi/noMnansi
Zelize
uZulu
Mabhida
Nethisa
Manqondo
Ntethi

Baningi ambalwa nje lawa angenhla agcina esenobukhosi amanye ukukhotha kweDlangamandla kwaba

UMbuzane ubukhosi obaziwa ngokuthi kuseziMbuzaneni buse Horwick abelungu babafica sebekhona kuleyandawo ababekwanga abeLungu.

Mashukumbele akabanga yiNkosi kepha indondana yakhe uLudonga owahamba nomlungu u Adam Kok washona eMzimkhulu .
UMlandu nabo base PMB .
USambela yena kwaphuma ubukhosi bubili kuMsengi no Ngangezwelakhe baseNhlazuka
UZIHLANDLO kuphume ubukhosi obubili kuye obuvela uSiyingele no Mgidi kwaMaphumulo oKhahlambeni .

Kwathi uSiyingele kwaphuma ubukhosi obubili obuvela kuNgunezi noMlulama .

Kwathi kuNgunezi kwavela ubukhosi obubili obuvela kuTilongo no Skhukhukhu ubukhosi obukhona bonke lobu.

Kwathi kumfowabo kaGcwabe uGoba kwavela ubukhosi obuseMtshezi .

Kwathi kuMfowabo kaKhabazela uMbangi kwavela ubukhosi obubili obuvela kuThole noNotshelwa eMpunga naseHlokozi .

Kwathi kumfowabo KaMavovo owaziwa ngoGubhela kwavela ubukhosi obuse Bothas Hill .

INkosi uZihlandlo kaGcwabe ubuse kanye neNkosi uShaka kepha yamthola evele eseyiNkosi uZihlandlo njengoba babe busa kanye noYise uGcwabe owakhothama ngo 1814 nokuyilapho iNkosi YoHlanga uZihlandlo kaGcwabe abuse izizwe nezizwana kumbuso wakhe owodwa waBambo kwaze ukuba kufika iNkosi uShaka ngo 1816 baze bakha ubuhlobo ngo 1820 sebengamadlelandawonye kwakhiwa inqanawe yomfelandawonye okuthiwa isizwe samaZulu .

Wakwazi ukugcina uBumbo negama lesizwe Abambo/ Abasembo ngesikhathi seLembe .
Wakwazi ukuthi agumbe imikhosi namagugu esizwe.

Wakwazi ukugcina amasiko esizwe saseMbo kanye noLimi kwabe sekukhulunywa iSiswati/ISitekela . Kwahamba saze saphela kwakhulunywa isizulu phaqa ziningi izizathu ezadala lokho .
Wakwazi ukuthi akhonzise izizwe ezabe zidinga ukukhoseliswa ngezimo zenhlalo.

INkosi uZihlandlo kaGcwabe eyaphakamisa isizwe nobuqhawe baseMbo evelela esemkhankasweni weLembe lokubumba isizwe samaZulu esikhulukazi e Africa kwabe kuliqhawe leNkosi uShaka ayelethembile futhi elithanda izimpi eziningi zeLembe wazilwa nalo ngesivumelwano sabo abasenzayo .

Kwakuba nesikhathi lapho kusinwa khona iJadu beqhudelana iyonandlela ababechitha ngayo isithukuthezi kuvunulwe amabutho akwaZulu namaButho aseMbo wala waphethwa ukuthi amabutho ehlanganiswe neLembe lagcina limyekile wala ethi ufuna uSambela wathi lutho .

Ngyathokoza .

Ngizwile ukuthi kuqoshwa umdlalo weNkosi njengoba singathintwanga kushuthi lokhu engikusho ngenhla ngeke nikubone.

Umdwebo wenkosi uZihlandla

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo