Umlando ngoMangathi ka Godide Ntuli Kuloba uBongani Kholo Khumalo UMangathi ka Godide wayeyiqhawe likaZulu ngesikhathi sokubusa kweZilo oCetshwayo noDinuzulu. Wayebuthelwe ebuthweni leNdluyengwe, ebuthwa yiSilo uMpande. Ibutho leNdluyengwe lingelinye lamabutho alwa ngobuqhawe eSandlwana ,laliholwa nguMntwana waseZulwini,uDabulamanzi ka Mpande. Lingelinye lamabutho eyeqeshelwe ukusebenzisa izibhamu. Uyise ka Mangathi ,uGodide ka Ndlela wayengesinye sezikhulu zeSilo uCetshwayo. Wasala enkundleni mhla uMntwana uZibhebhu kaMaphitha ehlasela esigodlweni seSilo uCetshwayo sasoNdini,mhlaka 21 Ntulikazi (July)1883. Ziningi izikhulu zikaZulu ezasala kulokho kuhlasela, singabala uVumandaba ka Ntethe Biyela, uMbopha kaHolizibi Hlabisa ,uNobiya ka Sotobe , uDilikana ka Hlakanyana, inkosi uSihayo ka Xhongo Ngobese kanye nabanye. Uyisemkhulu kaMangathi uNdlela ka Sompisi naye wayeyiqhawe likaZulu ngezikhathi zokubusa kweZilo oShaka noDingane. Wayebuthelwe ebuthweni leNtontela , ebuthwa yinkosi uSenzangakhona. UNdlela walwa ngobuqhawe obukhulu ngesikhathi iSilo uShaka sehlula inkosi uZwide ka Langa yabakwaNdwandwe. Ngesikhathi sokubusa kweSilo uDingane uNdlela waba wuNdunankulu kaZulu, isekela lakhe kwakunguNzobo ka Sobadli Ntombela. Nguyena nesekela lakhe uNzobo ababehola izimpi zeSilo uDingane. Yibona
read more**Kuloba uMntwana uMncedisi ka Mavovo Mkhize.** INkosi uZihlandlo kaGcwabe Lecture summary 🌰🙏🏾 INkosi yoSelwa uZihlandlo kaGcwabe wabe engumngani omkhulu weNkosi uShaka koSenzangakhona. INkosi yabe izalwa ebukhosini baseMbo izalwa iNkosi uGcwabe kaKhabazela kuNdlunkulu uNjoth... qhubeka ufunde »
Umlando ngenkosi uNgoza Mvelase yaBaThembu. Abantu bakwaMvelase bayindlu encane yaBaThembu , ngesikhathi sokubusa kwenkosi uShaka lendlu yaBaThembu yayibuswa yinkosi yayo uNgoza ka Mkhubukeli ka Gazi , eyayakhe umuzi wayo waseMlamlankunzi eQhudeni,eNkandla. Kunomlando othi isibongo sakwaMvelase ... qhubeka ufunde »
Umlando ngoNqoboka Sokhulu Kuloba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo: UNqoboka ka Langa wakwaSokhulu, wayengenye yezinsizwa ezasisondelene kakhulu neSilo uShaka,iLembe. Nguyena owayebusa abantu bakwaSokhulu ngesikhathi sokubusa kweSilo uShaka. Abantu bakwaSokhulu sibathola namuhla bakhe endaweni ebizwa ... qhubeka ufunde »
Umlando ngesibongo sakwaNgongoma. Abantu bakwaNgongoma bangaMalala Nguni ngokwezigaba zabaNguni, basekanye nabantu bakwaNgcobo, abakwaNgidi, abakwaShangase , abakwaHlabisa , abakwaNzama, abakwaChamane kanye nabanye. Zonke lezi zibongo ziphuma kuVumizitha ,owayephila eminyakeni eminingi kakhulu eyadl... qhubeka ufunde »
Umlando ngoSoshangane Kuloba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo: USoshangane ka Zikode wakwaNxumalo, wayengenye yezinsizwa ezazakhela igama ngesikhathi soMfecane-okuyizimpi ezadlanga kakhulu ngeminyaka yama-1800. Abantu bakwaNxumalo bayikhohlo lakwaNdwandwe , endulo sibathola bakhe ngaseTshaneni, enya... qhubeka ufunde »
Umlando ngesibongo sakwaCebekhulu Abantu bakwaCebekhulu bangaMangwe, bakanye nabantu bakwaZwane , abakwaHludla, abakwaNdiweni, abakwaNsele kanye nabanye. Akucaci kahle ukuthi lesi sibongo sakwaCebekhulu saqambeka kanjani, kuningi nje okushiwo ngoSomlando mayelana nokuqambeka kwalesi sibongo sakwaCeb... qhubeka ufunde »
UHLA LWAMABUTHO ABESIFAZANE: Endulo izintombi nazo zazibuthwa , zibuthelwe ebuthweni thizeni, ziphuma izimpi futhi zifike zihlabane kakhulu ,zethweswe iminyezane njengezinsizwa. Ake sibheke AMABUTHO ABESIFAZANE abuthwa ngamakhosi asendulo #Kuloba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo! ÀMABUTHO ENKOSI UDIN... qhubeka ufunde »
Umlando ngesibongo sakwaFakude (Fakudze): -Kuloba uErnest Lulama Nxasana. Umlando womlomo usitshela ukuthi isibongo sakwaFakudze savela ngesenzo sendoda eyayihlala ezintabeni zaseSwazini. Kuthiwa ngesikhathi inkosi uSobhuza wokuqala efika ezweni laseSwazini wathola indoda eyayihlala ezintabeni ezazi... qhubeka ufunde »
Akuvumelekile ke lokho!