Incazelo ngeNdungula (Siphonochilus aethipicus)
Nina abakaHlabahlungu bazoshumayezana abasezitheni nabasemakhaya.UZulu lizayo kwezani abantwana ngabadala abayozibalekela.UGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi.ISilo sakithi kwaDukuza leso,iSilo uShaka.Ngethemba basaphila abeSilo.
INdungula (ISiphephetho)
Nina abeSilo le nduku eniyibonayo kuthiwa yiNdungula igama layo.Inesigaxa esinephunga elinamandla kakhulu.Kuye kusetshenziswe sona kanye leso sigaxa kwezaMakhathakhatha.Siye sonyiswe bese singena kwezokushunqisa ekhaya kuxoshwe imimoya emibi.Siyangena nakwezokuchela ikhaya.Siyakwazi nokugiya sisodwa.Yinhle kakhulu le nduku kwezokubethela ikhaya ilivikele ezintweni zabantu.Iye itshalwe nasekhaya itshalelwe ukuvikela ikhaya,iyalivikela nakuMphezulu.Yinhle le nduku nasekuvikeleni amabele emasimini ukuba engathathwa yiSiphepho.Iye itshalwe khona emasini,kubuye kuchelwe ngayo uthango lwensimu noma amasimu.Isigaxa sale nduku sihle kumadliso,siyawabolisa.Isiphungo sale nduku siqinisa amathambo siqede namajaqamba.Sihle nakwisifuba esicinanayo.Siyawasusa namathunzi amabi kanye namabhadi.Kuye kugezwe ngaso.
Khumu!
Thola olunye ulwazi ku You Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”
