AmaNtungwa aseMpuma Koloni aphuma kuMdletshe ka Langa 

Papama Tshangana

AmaNtungwa aseMpuma Koloni aphuma kuMdletshe ka Langa 

Nina abeMbube eshoba liyisikithi ngethemba nisaphila nina beSilo.Esithombeni uDade uPapama Tshangana onguMethuli wezindaba kuMabonakude.Abantu bakwaTshangana kusengabantu bakwaKhumalo.Baphuma kuMdletshe ka Langa wakwaKhumalo.Abantu bakwaTshangana banoBukhosi laphana endaweni yaseTsomo eyaziwa ngokuthi kuseQombolo,kanti eduze kwaseQombolo ngaphesheya komfula iTsomo kunamanye futhi aMantungwa aziwa ngokuthi angawakwaPhukwana.Nawo anobukhosi nendawo yawo ebizwa ngokuthi kuseMdletyeni.Iningi laMantungwa aseMpumalanga Koloni liphuma esendeni likaMdletshe ka Langa Khumalo ngaphandle kwaMantungwa akwaNkomo,Ntshona kanye nawakwaMdleleni.Esendeni likaMdletshe kuphuma aMantungwa akwaPhukwana,Tshangana,Manzana,Macozoma,Ntlabati(hhayi owaseSwazini),Mgoqi,Sjemlana,Tjemolana,Phenduka\Phethoka,Ramoshele,Ngwane,Ndlovu(hhayi owakwaGatsheni),Cosa,Tshingelana kanye namanye.

Khumu!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo