Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Hlongwane

Umlando ngesibongo sakwaHlongwane Abantu bakwaHlongwane ababuye babizwe ngokuthi bangaMangwane bayisizwe eaikhulu kakhulu,futhi esinomlando onothe kakhulu,futhi omude kakhulu.Isibongo sakwaHlongwane sisuselwa egameni lenkosi yaso inkosi uLuhlongwane kaSangolibazi eyabe iphila eminyakeni yama 1200 ngenkathi aMangwane esazinze lapho sekuseSwazini khona namuhla.Yona-ke inkosi uLuhlongwane yazala inkosi uNgwane (okwaqanjwa ngayo isizwe saMangwane),inkosi uNgwane yazala inkosi uMafu ,eyazala inkosi uNgunguya,eyazala inkosi uNsele,eyazala inkosi uTshani (uSihayo),eyazala inkosi uMasumpa,eyazala inko... qhubeka ufunde »

Khambule

Izithakazelo nomlando wabantu bakwaKhambule. Abantu bakwaKhambule noma Nkambule kusengabantu bakwaNcube.Laba bantu baphuma esendeni lika Khambule kaSiyobi wakwaNcube okwathi ngokuhamba kwesikhathi lonke uzalo lwakhe lwazibiza ngokuthi lungolwakwaKhambule.Imvelaphi yabantu bakwaNcube isebaSuthwini bo... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMvagazi  (Pterocarpus angolensis )

Incazelo ngoMvagazi  (Pterocarpus angolensis ) Nina abakaZitho zimbombo zimbombonono zifana nezikaDadewabo uSililo.UCala lathethethwa ngomkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana.UMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani?UMkhumbi gudluka sibone aMagumgedlela.ISilo sasoSu... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMaphipha iKhubalo (Rapaneu melanophloeos)

Incazelo ngoMaphipha (Rapaneu melanophloeos) Nina bakaSingquma kakhulumi kanamlomo, akanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo,lona olwaluqed’umuzi ngokunkenkeza.ISilo uDingane leso.Ngiyazibingelela iziNgabade enhla nasezansi.Lo muthi osesithombeni kuthiwa uMaphipha igama lawo.NgesiSwati kuthiwa... qhubeka ufunde »

Mkhwanazi

Izithakazelo nomlando wakwaMkhwanazi Abantu bakwaMkhwanazi imvelaphi yabo isenhla nezwe njengabo bonke abaNguni.Ngokwezigaba zabaNguni bona bangaMalala Nguni.Ngenkathi befika kwelakwaZulu babekade beqhamuke eSwazini.Ngaleso sikhathi elakwaZulu kwakusengelalwaMthethwa. Kwakubusa inkosi uKhayi nokuyiy... qhubeka ufunde »

Cele

Izithakazelo nomlando wakwaCele Abantu bakwaCele bangaMalala Nguni ngokwezigaba zabaNguni.Lesi sibongo sakwaCele siphuma kwesakwaMthethwa.Ize lezi zibongo sezigana manje manje,eqinisweni ziyizihlobo zegazi,akumele ukuthi ngabe ziyaganana.Ukhokho wabantu bakwaCele nguMadango kaNdunakazi kaMthethwa ka... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeBhuma(Typha capensis\Bulrush\iNgcongolo\Motsitla)

Incazelo ngeBhuma(Typha capensis\Bulrush\iNgcongolo\Motsitla) Enhla nasezansi ngiyababingela abakaSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya.IMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yen’ayibambe ngendlebe yadabula yaqed’amadoda!Ngethemba... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!